Izaga

Ngezansi izaga nezincazelo zazo.

Isaga Incazelo
Abantu abayi ngandawonye bengemanzi ∼Abantu abavumelani bonke ngento eyodwa.
Akukho ndlovu yasindwa umboko wayo ∼Akekho umuntu ohlulwa umthwalo wakhe.
Akukho thusi lathetha lilodwa ∼Akekho umuntu onganengwa engaqalwanga.
Akukho zinyane lemboma ladliwa yingwenya kwacweba isiziba ∼Uma uzwise omunye umuntu ubuhlungu noma umbulale, ngeke ukuthole ukuphumula abakubo nabangani bakhe bazomphindiselela.
Akuqhude lasindwa umzwezwe ∼Akekho umuntu ohlulwa umthwalo wakhe.
Akuvelwa kanyekanye kungemadlebe embongolo ∼Abantu abaphumeleli kanyekanye.
Amathanga ahlanzela abangenamabhodwe ∼Izinto ezinhle ziya kwabangazidingi noma kwabangakwazi ukuzisebenzisa ngendlela okuyiyo.
Ayikho inkomo yobuthongo ∼Impumelelo iyasetshenzelwa.
Bahlangene phezulu kanti phansi bangamahele ∼Benza sengathi bayezwana futhi akukho okungangena phakathi kwabo kanti bahubhuza amanga.
Enethunga kayisengeli phansi ∼Umnini wento akahlupheki ikhona.
Engakhali ifela embelekweni ∼Uma ungazibiki, ukhulume ngenkinga yakho ngeke ubonakale futhi ngeke uzwakale.
Ibhizela labulala indlovu ∼Umuntu uyalinyazwa nayinto yena athi ayilutho.
Ikhiwane elihle ligcwala izibungu ∼Into enhle ngaphandle ijwayele ukuba nobubi ngaphakathi.
Ilelo nalelo nkankane aliyodla umsundu wangakubo ∼Ilowo nalowo muntu kumele ayozizamela ngakubo.
Imiphanda ibulawa izakhelani ∼Abantu abakhelene noma abangabangani abajwayele ukulimaza abantu.
Impi isesendeni ∼Kuxabele abantu abazalanayo, bandoda nye.
Induku enhle igawulwa ezizweni ∼Intombi noma umakoti omuhle umthola kude noma ekuhambeni.
Ingwe idla ngamabala ∼Umuntu uzenza yena ukuthi athandeke ngezenzo nangemisebenzi yakhe.
Inja yawaqeda ngolimi ∼Kancane kancane koze kulunge.
Inkomo ingazala umuntu ∼Ngeke kwenzeke lokho.
Inkonjane iwele enkundleni ∼Umuntu oliqili ubhajwe ebuqilini bakhe.
Inkonjane yakhela ngodaka ∼Umuntu owenza okuhle kumele abekezele ngisho kunzima angalilahli ithemba.
Intendele ibindwe isidwa ∼Ukuhlakanipha kuphelele ezeni.
Intendele iwel’enkundleni ∼Inhlanhla izizele.
Into yomuntu umhluzi wempisi ∼Ungabothembela entweni yomuntu noma yokwebolekwa.
Inxeba lendoda alihlekwa ∼Ungabomhleka umuntu uma esenkingeni noma evelelwa okubi ngoba kusasa kungawe.
Iqaqa alizizwa ukunuka ∼Umuntu akasiboni isici noma ububi bakhe.
Isalakutshelwa sibona ngomopho ∼Umuntu ongalaleli iziyalo, noma ekhuzwa ubona ngomphumela omubi noma oyingozi.
Isilo siyawafinyeza amazipho ∼Umuntu onamandla noma ohlakaniphile ngeke umthole ehamba ezikhukhumeza ngalawomandla nenhlakanipho yakhe.
Kazi iyozala nkomoni ∼Kazi kuyokwenzakalani noma umphumela uyoba njani.
Kubambene ingwe nengonyama ∼Kuxabene noma kubhekene abantu abanamandla alinganayo.
Lapho kukhona isidumbu ilapho kukhona amanqe ∼Uma umuntu esenkingeni ilapho abantu abasizakala khona ngaye.
Libheke uligcine ∼Osongela omunye ngokumbulala.
Lixhoshwa libhekile ∼Iphutha lenzeka noma uqaphele.
Nalapho kungekho qhude kuyasa ∼akusho ukuthi lowo ozigqajayo uma eke wahamba kokwenziwayo kuyokuma izinto, kuyohamba kahle ngisho engasekho.
Siyoze sihlangane okhalweni lwezimpungushe ∼Usongo, siyoze sitholane la esiyodelisana khona, ngokulwa imvamisa.
Sobohla Manyosi ∼Uyophela umbuso.
Ukhamba lufuze imbiza ∼Ingane ifuze umzali wayo.
Umenzi uyakhohlwa kodwa umenziwa akakhohlwa ∼Umuntu osuke enze okubi komunye uyashesha ukukhohlwa kodwa lo osuke enziwe okubi akakhohlwa neze.
Umkhumiso usulingene izintondolo ∼Okusele sekulingene abanikazi bakho.
Umthente uhlaba usamila ∼Isimilo noma ithalente lomuntu livela esesemncane.
Ungakhulumi ngobhejane kungekho sihlahla eduze ∼Ungazifaki enkingeni kungenasidingo nasisombululo.
Ungayishayi ingede ngoju ∼Uma wenzelwe okuhle kumele ubonge.
Usifumbu ubona uqhaqhazela ∼Ubona isici somunye kodwa nawe ube unesakho.
Yinkukhu nempaka ∼Ubutha obukhulu lapho abantu bezondelana ukubulalana.
Yimpi yakwamabon’abulawe ∼Umuntu oyingozi owesatshwa njengenyoka.


Ezinye izaga zizokwengezwa kulezi ezingenhla ngokuhamba kwezinsuku, uqhubeke ubheke.

Previous

Shezi

Next

Amagama Amqondofana

33 Comments

  1. Ngiyaqala ukuyibona leblog kodwa sengivele ngathatheka yiyo, ukube nginamandla ngabe ngiyaniseka kodwa-ke nami ngithi ngihamba nani, into enhle iyanconywa qhubekelani phambili nomsebenzi wenu omuhle sime njalo isiZulu sakithi.

  2. Siyajabula kakhulu ukuba naleBlog iyasisiza ngempela esiZulwini……….

  3. Nami ngiyaseka impela kodwa ngizozama ukusiza lapho nalapho. Ngiyasithanda isiZulu.

  4. kwakuhle lokho mtakwethu. we are so proud, our language is still alive and kicking. qhubeka ngomsebenzi omuhle……….

  5. thanks wasiza bandla abantu bese bedukile .ngisemathandweni nolimi lwasekhaya (isiZulu) tnx……

  6. Kwangathi singaphosa esivivaneni siyisizwe esikhulu sishicilele uhlu oluphelele ngemfundiso yesiZulu.

  7. Ngiyayithanda le blog, ngiyayivakashela kaningana impela. Siyabonga

  8. Umsebenzi Oncomeka ngempela owenzayo, awuthi ngiphose itshe esivivaneni ngengizikhumbulayo:

    Ilibambe lingashoni (usongela umnuntu),

    Uyadela Mnyovu Wena Owazibohpa ngexhama kwabonakale (?),
    Iso Liwela Umfula Ugcwele (Noma ungafuni ukwazi nto, inhliziyo iyenqaba),

    Ufihla Induku Emqubeni (akakhombisi ukuba engakwazi kodwa uzofubonisa),

    Iseyishayile akakayosi, Oseyousile akakayidli, oseyidlile udle icala (Izinsizwa zibanga izintombi-ke la),

    into yomuntu umhluzi wempisi (Noma umuntu ekinika into, unemibandela), Uyoyikhotha Imbenge yomile (ukusongela umuntu okewnze kabi),

    Ngikhuluma isilungu usuku lonkeemsebenzini nagaphandle nabangani. kuyangikhathatza ukuthi sengizikhohliwe ezinye izaga nezisho zami. Angifuni ngikhohlwe ubumina. Uqhube umsebenzi omuhle lapha kule blog. Seniyofaka okushodayo bantu bakithi.

  9. this blog is very helpful

  10. indwangu zihlekana iziphongo

  11. Lubalulelike ulwimi lwebele,lingumgogodla wendabuko yomuntu nomsoco wesizwe esizayo…..

  12. Libantu bade. Selimathunzi Zithini lezizaga

  13. ngisacela usizo kulesi "kuboka mtwana kusesiswini" plz

  14. Jah sime njalo kufanele siwazi ama roots ethu

  15. Kufanele yini ukuthi siwayeke amasiko ethu???

  16. Ukuthi eskhathini samanje sisebenzisa islungu ,,yebo akufanele sikhohlwe ubuthina kodwa izikhath ziqhubeka,,

  17. #love our culture

  18. Ngicela incazelo zalezi zaga ezilandelayo
    1. Uzabuya wedwa okwengubo kaZiyongo
    Umphathise okwezikhali zamaNtungwa

  19. Ngithanda ukubonga ngezanga nezincazelo ezingenhla. Ake ngithi falakahla engikwaziyo ngezagame zesi Zulu.

    Insaka vukela umchilo wesidwaba (into esijwayelekile).
    Yawuchitha umuthi inkonyane (ukuphuma kweqiniso eliqhubekelA ekutheni kube nengxokozelo).
    Itshe limi ngothi nkombose kababa (isimo sibucayi)
    Kukhotha ekhothayo engakhothi iyayikhahlela(ukusiza okusizayo ongakusizi awumsizi )
    Imikhumiso isisalele izintondolo (osekusele okwabalayikhaya ikakhulukazi uma kuyimsebenzi)
    Indlu yegagu iyanetha (kusho ukuthi ngeke ukwazi ukwenza yonke into ngokwakho )
    Intandane enhle umakhothwa unina (kungcono uma ingane ihlala noma inakekelwa umawayo noma owesifazane )
    Isisu esihle esibonwa yilanga (kungcono ukudla ekuseni kunoma usuyolala)
    Akukho nyoni yasindwa isisila sayo (awukwaz ukusindwa umthwalo wakho njengangenhla kuchaziwe)
    Isala kutshelwa sibona ngomopho (uma umuntu ekhuzwa engezwa ubona ngoba eselimele ukuthi unephutha)
    Hamba juba bayokuchutha phambili (kusuke abakini sebehlulekile nguwena ukukuqondisa )
    Nalapho kungekho qhude kuyasa
    Imbazo eyisiwula egawula isihlahla ephuma kuso
    Isihlahla asinyelwa

    Izincazelo ngizibhale ngendlela engicabanga ngayo

  20. Kusho ukuthi ukuthi: 1) Inkonyane ithuka isisnga. 2) Inkunzi isematholeni.

  21. Kuchaza ukuthini ukuthi umlomo kaweyi

  22. Kuchaza ukuthini ukuthi asigugi namagxolo aso

  23. Enter your comment…
    Akwenziwe app yezaga nezisho.

  24. Ukuhamba kuzala induna ngicela ukubuza ukuthi sichaza ukuthini lesisaga

  25. Siyabonga kakhulu, iwusizo kakhulu kithi esisafunda ukuze sazi umsuka wolimi lwethu

  26. Ngicela izaga zalezi zincazelo..
    1.Uzibona Ubukhulu kanti akayilutho
    2.Ugabisa ngamandla akhe.
    3.Akahloniphi
    4.Bahlakaniphile bobabili.
    5.Iphimbo liguqulwa ngenhloso yokukhohlisa

  27. Ngicela izaga zalezi zincazelo..
    1.Uzibona Ubukhulu kanti akayilutho
    2.Ugabisa ngamandla akhe.
    3.Akahloniphi
    4.Bahlakaniphile bobabili.
    5.Iphimbo liguqulwa ngenhloso yokukhohlisa

  28. Kuhle uma kusekhona ababtu abasipha ukwazi ngolwimi lethu, yazi ukwazi ukuthi ulimi lwakho luyini futhi kudlalwa kanjani ngalo kubalulekile. Abume njalo ubuciko bomlomo kithin Ndlu emnyana

  29. Kuchaza ukutjini ukuyhi…uchakide uhlolile imamba yelukile

  30. Siyabonga ukusibhalela izaga

  31. HI besacela ningisize ningephe izaga ezicwasa abantu besifazane

  32. thank u

  33. ngyabonga ngicela ningisize ningifunise leziZaga ne Zishho

    1 imikhombe kayiphambane
    2 umlomo kaweyi
    3 ukuphana ukuzidayisa
    4 isigungu esingenabuthumbu
    5 umlandu woniwa ngabalandakazi

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: