Namuhla sekuyaye kuthi uma kukhona umuntu noma umndeni oshonelwe ilunga lawo okanye isihlobo sawo, uzwe abantu bethi, “Ngiyaxolisa ngokulahlekelwa kwakho”. Lo mkhuba ususelwa enkulumeni yesiNgisi ethi , “I’m sorry for your loss”, bese abantu beyiguqula njengoba injalo bayise esiZulwini.
NgokwesiZulu umuntu oshonelwe uyakhalelwa, aduduzwe, hhayi ukuthi kuxoliswe kuye.
Uze uxolise nje ubulawe uwe yini lo muntu oshonile?
Uma umuntu exolisa usuke ecela uxolo. Uma usushilo-ke wathi, “Ngiyaxolisa ngokulahlekelwa kwakho”, kumele aphendule athini-ke lo okuxoliswa kuye (oshonelwe)? Athi, “Ngiyakuxolela”?
Yekani ukuphambanisa izinto ngoba nizama ukwenza eniyaye nikubone kwenziwa ngabezinye izizwe. Umuntu oshonelwe mduduze, umqinise idolo, uyeke ukuxolisa into ongayazi.
Mhayise
Hhawu wayibeka wena weNkosi, injalo nje ayijiki.
4thseedGen
Way'shaya khona. Ngiyawuthanda umsebenzi wakho.
Unknown
Ayi khona indlu yakithi seyiyanhlanhlatha, uye uzwe omunye ethi "ingihlabe umxhwele eyokufa kwabafundi esikhungweni sokubhalisa" bese kuyaxaka ke ukuthi yini ejabulisayo lapho.
Sne Ximba
Lol ai wayibeka yezwa!!!
StateOf Mind Writer
Yaze yangihlaba umxwele lendaba Mandiana. Uma ungase ukhanyisele labo ababhala imidlalo esigcawugcawu yakumabona kude bayeke ukusibhalele loluhlobo lwesizulu. Asilufuni futhi luyasikhathaza uma sithi siyalulandela ngoba isiZulu asikhulunywa ngalendlela abasitolika ngayo besisusela esingisini. Every language has its gramma and syntax rules. Ungake uqale-nje uye lapha kubabhali be-Generations bese ubuyela umuva ucushise labo ababebhalela 'Ifa LakwaMthethwa' isiZulu asikaze sikhulunywe ngalendlela abasibhala ngayo bona.
Unknown
wavele wayishaya eskhonko sini,anginawo amaning ukusho konke ngingaz ngone inkulumo yakho,uqinisile iyahlupha kodwa lento yokutolika isilungu ngany nendlela abaphil ngayo ngoba thina siyisizwe esimnyama futhi sohlala sinjao lento yokujaha izinto ngeke isise ndawo.
Unknown
Kusho ukuthini ukuthi isiZulu asitolikwa? Lesisho siqhamukaphi?
Unknown
Kusho ukuthini ukuthi isiZulu asitolikwa? Lesisho siqhamukaphi?