Hlongwane
Sangweni, Ngwane, Masumpa, Ngwadi, Matiwane, Masingasileka,
Nduku Zinobulongwe,
Ngwane ongaweli ngezibuko owela ngezimpambosi zomfula,
Zikhali azilingani nezama xhegwana,
Mdungude, Siyane, Nqobokazi, Songobese, Gwembeshe, Mzamo, Zikhali
Khanyile
Sogoni, Sthopho othi udlinkomo kanti udlimpisi,
Umashaya umuntu aphindele lapho aphuma khona,
Mahamba kancane Sogodi,
Phondo olukhulu olwavuma kwavuma amadoda,
Shalashala elihle elithi ukuvuma ukulandula,
Ntunjwa ka Langa,
Mthiyane, Ndwandwe, Zikode, Mabhuqa, Ngwane
Amakhosi Amangwane ngokulandelana:
Somkhabase;
Mafu;
Matiwane;
Ngwadi;
Ndungunye;
Ngwane;
Tshani;
Masumpa;
Zikhali;
Ngwane;
Bambazi;
Ndungunye;
Tshanibezwe;
Maswazi (Ibamba)
Menzi
Ubukhosi
1. Alfred Mzondeni Hlongwane (Bulwer)
2. Mboneni Absolom Mavuso (St. Lucia)
3. Menzi Hlongwane (Bergville)
Other Amangwane are found in Swaziland, Lesotho, Eastern Cape, Free State, Mpumalanga and all over South Afrika, Afrika and the world.
Lucky Lukhele
Bengicela ningisize ngesithakazelo sakwa Lukhele nemvelaphi yabo
Mbathastan
Abakwa Lukhele ngolwazi esinalo abakwa Nyoka, Mdluli bahlobene no Nzimande no Vilakazi ama Phephethe.
makhosi
Kanti oKhanyile oSogodi. Bengithy oNgwane,Mthiyane.Mandondo
Mbathastan
Okhanyile baseyibo oNgwane yikho uhla lwabo lubekwe nolama Ngwane kodwa bona oNgwane Sogodi hhayi Ngwane ka Ngwadi/Matiwane.
Nokukhanya
Ngicela ukwazi uNgwane kaSogodi indabuko yakhe iyiphi amaSwazi nome amaZulu
lilz simelane
mina ngfisa ukwaz ubuhlobo kuSimelane noNgwane coz uSimelane ubuye kube uLaboNgwane eswazini bathi Gwane
iNgwanePhaqa
It is incorrect that Mzondeni is iNkosi yamaNgwane in Bulwer. Ubukhosi basemaNgwaneni eBulwer bumi kanje:
1. Mkhumbeli kaMasumpa (brother to iNkosi Matiwane)
2. Mboni
3. Thende
4. Vasha
6. Folo (ebambele uMzobe owayesakhuliswa)
7. Mzobe
8. Sifiso David Fawu Hlongwane
Mbathastan
Sithanda ukubonga kwi Ingwane Phaqa ngokulungisa amaphutha. Lapha siqoqe ulwazi uluku ‘public domain’ with the aim of trying to preserve our African Heritage. We will be very happy if ppl do corrections where we erred.
Admin.
Manqoba
Mfowethu. Please help me understand, why do amaNgwane have 3 competimg chiefs in kzn?
Thumbu Hlongwane
Mf2 ngizophawa ngobukhosi ubuseBulwer ngenkath inkosi umatiwane isixakwe impi eyayingasapheli eCape bathi umatiwane wahlehla namabutho akhe,ngenxa yokukhathala kwabanye babantu bakhe,babe sebesala eBulwer,bakhetha omunye wakwaHlongwane,wababusa ukuvikela ukuth umatiwane nayebuya angababulali ngoba babazi ukuth uyinkosi enamandla
Masumpa
iNgwanePhaqa mfowethu ngizithola ngifaka futhi ngamukela zonke izithakazelo zakwaNgwane. Kodwa ngokuzwa kahle uNgwane lo oyimi unguMswati…ungangelekelela lapho?
themba
Ngabe khanyile uhlobana kanjani nomwelase
Phumlani Hlongwane
Uma ubuka uhla lwamaKhosi eBergville siyabona ukuthi kunamaKhosi amabili angabaliwe. Kumele abe lishumi nesithupha ngoMenzi, singalibali ibambela elinguMaswazi.
Sibusiso
Dlabantu/ Dlabathi ka Sokhabase
Nsele ka Ndungunye
bhekani hlongwane
u khanyile no hlongwane bahlobene?
THEMBANI KA-HLONGWANE MNGOMEZULU
Mina ngizwakalisa ukubonga kakhulu bafowethu ngemfundiso enisipha yona. Thina ekhaya sazalwa siyi s’thupha amantombazana nomfana oyedwa, bashona abazali naye umfethu nentombazana. Manje simantombazane amahlanu. Yasinceda i techno… yasipha nina. Nkulunkulu ngathi anganibusisa ngokuphindiwe. nginomona ngalesi sibongo. HLONGWANE,SANGWENI.
Nisale neNkosi
Linda Hlongwane
Mina ngazi ukuthi inkosi uMatiwane wanqunywa ikhanda endaweni namhlanje okuthiwa iMatiwane Skop amamabutho kaShaka ngesikhathi sikaShaka akha umbuso kaZulu.
thabile
siyabonga kakhulu kusicathulisa ngemvelaph yethu singama zulu
Thembi Khanyile
Kuqiniseke kangakanani ukuthi uKhanyile, Ngwane, Hlongwane, Langa babe amadodana ka King Sobhuza I? Ngithola uDlamini eSwazini ethi angaganwa kwaKhanyile ekubeni uKing Sobhuza Ii uzalwa ukaNgwane.
Sifiso Khanyile
Syabonga Mangwane
But yini ngingamboni uSothole lapha?
kanti ngezwa kanjalo kwezakithi izthakazelo
Sogodi!
nolwazi
NDICELA KWAZI NGESIBONGO
sikaNTULI ABASUKA ESWAZINI NOBA BAKUNYE NABA BASE KZN
xabiso
cela kwazi Ngabakwa Ndaba
mbheki khanyile
mina nginguMbheki khanyile ngicela ukubuza ukuthi ngabe abakwaSimelane nabakwaMhlungu bayazalana nabakwaKhanyile or sihlobene ngobuNgwane ?
Kwazi
thina siyibo Ohlongwane kodwa izithakazelo zethu ziphumekakhulu kunalezo engijwayele ukuzizwa nezisohleni ngenhla. inkinga ukuthi omkhulu basuka kunezimpi eBergiville manje akekho owaziyo ukuthiu sasuka kusiphi isigodi. loko kwenza ukuba kushintshe ngisho izithakazelo mangingasho nje esisodwa siye sithi Hlongwane , muku gqamu……loku kungenza ngingazitholi ngihlobana namanye amangwane ngendlela efanene. sisani kwakungumuphi unyaka wezimpi emangwaneni futhi iziphi mhlawumbe izigodi ezazilwa.
Kwazi Hlongwane
Mkosi Siyabulela
NdingumXhosa xho ongangxengwanga mna ndingu Hlongwana nam imfolozi ezimnyama nezimhlophe ezawela ulundi kwatsho kwazi ndlela ndlela,osiwela,oozitha,iintlanzi,omasumpa,osangweni,amaswazi
Celubuza ziyathunge lana ezi ziduko
Thozamile Ka Mbewana Mbewana
EmaNgwaneni, bendicela ukubuza, ingaba kuyingxaki na uba mawulingwane uzibize ngazo zonke izibongo zamangwane, uba kunjalo yintoni ebanga lanto, kuba ke isihloko sithi Ngwane.
Phumlani khanyeza
Nami ngyacela ukbuza ukuthi njengoba thina singoKHANYEZA n sithakazela sithi Ngwane siqhubeke ngabe ukhonah onolwazi ngalesbongo?
Gugulethu Mbokazi
MaZulu amahle, angiqale ngokubonga umthombo wolwazi enithelelana ngawo. Elami igama uGugulethu Mbokazu. Bengicela uma ekhona onolwazi olunzulu ngemvunulo yamaZulu, athi ukushiyelana nami ngokuthi angendlalele yona nangokuhloba kwayo. Ngifisa ukwazi nokuba nesiqiniseko soukthi uma ngithi ibheshu, ngibe ngiqinisekile, izinjobo, njalo, njalo
Nokukhanya
Ngicela ningiphe incazelo ngesbongo sami sakwa Ngwadi
Nkululeko
Mangwane amahle Nina baka zikhali ngicela ukubuza kahle akuthiwa masenga asilele umakungukuthiwa masengasileke kuyini ukusileka?
sihle khanyile
Ngicela ukwazi ukuthi kuliqiniso elingakanani ukuthi imvelaphi yethuu isuka eswazini,futhi kuthiwa babilu abantu abasuka eswazini oyedwa wayeyikholwa omnye tfeyinyanga,bafikela emahlathini ase bergville basebethola amabutho akwaZulu abayisa enkosi bafica kugula indodakazi yayo ,lo owayeyinyanga wakhanyisela inkosi ukuthi yini engasiza indodakazi yayo nangempela yasinda yayisithi inkosi Ukhanyile ngoba ungikhanyisele into ebengngayazi savelakanjalo isiBongo uKhanyile kahlehlekahle uNgwene.ngingabonga mangingakhanyiseleka lapho
Mzi Hlongwane umfana kaMhlezedliwa umzukulu kaNombeswa
EmaNgwaneni ake ngiphose itshe esivivaneni Ngemicabango engike ngibe nayo uKhanyile ngazi kunguNgwane owakithy menjalo….kodwa ngifike ngiphambanelwe la mese ezithakazela ake sithelelana ngenkezo konokhamba olugcwele ukuze siphunge ngokulingana kwenzakalani ezimpandeni zalesihlahla esinguHlongwane
syabonga thembunkosi mabanga
Bengcela ningenzela izithakazelo zakwa mabanga ongome
Frans Prins
I am an archaeologist/anthropologist based at Howick, KZN. I would like to alert members of the amaZizi clan that it is recently came to my attention that the ancestral graves of the amaZizi are under threat from proposed commercial farm development. These graves, and associated settlement structures, are situated near Colenso in the near vicinity of the Tukela River. They date back to the early 1800’s (if not earlier), and belongs to a time/period of amaZizi settlement of this area before the Mfecane Wars. There is good oral historical evidence by historians such as Bryant, the Stuart Archives, Professor John Wright, and others that this area was inhabited by the amaZizi in the period preceding King Shaka Zulu. According to National Heritage Legislation all developers must make a concerted effort to contact the relevant community or individuals as relating to graves earmarked for exhumation and possible destruction. This has not happened here. In fact, the relevant company called Umhlando (owned by Mr Gavin Anderson) maintain that these graves are older than 100 years and therefore have no community relevance. Should members of the amaZizi ( and other related descendants) wish to stop the exhumation of these graves and allow for traditional custom to be part of the process then please contact me so that I could forward you the relevant background documentation. This is extremely urgent as we are running out of time. In fact, the same company (Umlando) has already exhumed ancestral amaZizi graves in the area in 2010 and he was granted a permit by the local heritage agency to conduct these excavations – again no community involvement took place.
We can stop the desecration of indigenous community graves – please contact me for more information.
KIndest Regards
Frans Prins
0834739657
ALINDOKUHL'AMANGWANE
NGIFISA UKWAZI UKUTHI UKHANYILE NO UNDWANDWE UKUTHI BAHLOBENE KANJANI KANYE NO MTHIYANE NGOBA KWIZITHAKAZELO NGIBABONA SEBE VELA.
Thulile
mina ngiyintokazi engazi ngezimpande zayo Kanye nomlando wayo, kuba inkinga uma bengibuza abantu ngomlando wami, ngiwu Hlongwane Muku Gqamu Tsikila ngike ngisabe nokuzisho ngoba bavele bathi abamazi uHlongwane onjalo so ngike ngithole ukuphoxeka ngaleyondlela
Thozamile Ka Mbewana Mbewana
Sisi wam, umanqoba mna ndithi mawuliNgwane uliNgwane, isihloko sithi Ngwane, ukwehlukana kwezindlu zamangwane kum kufana nqwaa nokwehlukana kwamagama abantwana bomntu omnye, kukho oomxolisi, oolinda, oosindiswa kdw bonke bazalwa ngumntu omnye, qha ubulumko kukungahlanganisi izibongo ezingangeni ndawo kwezakwangwane,
Martin
Ngicela ukubuza Mangwane amahle ukuthi ngubani oyokwazi kahle ukuphendula bonke laba abaphawula lapha. Ngiyabonga Mangwane