Buthelezi Clan | Umlando

Abantu bakwa Buthelezi Shenge

Umlando esinawo wabantu bakwa Buthelezi uqala ku Shenge futhi okunye esikutholayo ukuthi bangaba Ntungwa singazi noma bukhona ubuhlobo naba Ntungwa bakwa Khumalo.
U Shenge uzale uMageba (hhayi uMageba Zulu), yena wazala u Qwangubana no Nyathikazi, u Qwangubana wazala u Mevana no Cole, u Cole wazala u Lubisi, Mtshubhane kanye no Msicwa.
U Mtshubhane wazala u Malahle, u Msicwa wazala u Mandulo.
U Nyathi (Nyathikazi) ka Shenge uzale u Nduvane no Mlambo, uMlambo wazala u Mvulane ozale u Ngqengelele ozale u Mnyamana, ozale u Tshanibezwe no Mkhandumba.
U Tshanibezwe wazala u Mathole, uMathole wazala u Mangosuthu oyinkosi yakwa Phindangene eNkonjeni, Mahlabathino, oLundi.

Izithakazelo zakwa Buthelezi

Buthelezi, Shenge, Ndaba, Ngwane, Mvulane, Ngqengelele oyivalo zibili, uthi uvala lesi avule lesi;
Wena owadliwa yiNdlovu,
Zimudla Zimlabalabela,
Mbangambi;
Inyathematheza, eyatheza lapho kungathezi khona muntu,
Gibisizungu, Mthandeni, Sokwalisa, Mnyamane ka Ngqengelele,
Sondiya, Somkhabase;
Nina bezinyawo ezimahhele,
Enaganisa izintombi, nanganye nangambili!

Previous

Nkosi Ndlangamandla

Next

Ngobese, Mqungebe

99 Comments

  1. Buthelezi Nzuzo

    Wow! This is really great to know (in detail) my ancestors whom are responsible for my surname. I think I’ll get my son’s first name in those names above. Thanks you guys.

    • mbukiseni samuel buthelezi

      I like this thing of our history as we are buthelezi family

      • Mbozisa, and his sons

        MaShenge,ngelekeleleni ngicela oShenge abazalwa ukhokho uMbozisa,bangixhume kule email address. [email protected]

    • SiboneloMpontshane

      Boshenge ngicela ukubuza isibongo sakwa Mpontshane singena kanjan kuButhelezi.

  2. khumbulani buthelezi

    Siqhamuka kanjani isthakazelo esithi Ngwane nesithi Ndaba esibongweni sakwabuthelezi?

    • aycha nam ngyadideka ngo Ngwane nonyath bangena kanjan Mina gogo wam ozala ubaba uma Ngwane ay ngeke ngyayiphika ekangwane no nyathi

    • Nami mfe2 iyangixaka eka ngwane ko shenge ngidinga ukuchazeleka kahle cauze ngyadideka no khumalo khona lapho

    • Scendulo

      Sivela kanjan oNGWANE noNDABA

    • Mbozisa, and his sons

      Shenge,singena ngoba UShenge emadodaneni akhe wayizala Indodana ayiqamba igama elithi uNdaba

  3. zakithi Buthelezi

    can you please give me some information about the late Chief Mathole Buthelezi.I just want to know his backround and history of him please m begging you.

    • Ok I will write more about him soon Phungashe

      • Jabulani Buthelezi

        When are you going to write what you promised 2 years ago

      • Sibonelo Mpntshane

        Can please tel me ukuthi isibongo sakwa MPONTSHANE singena kanjan kaBUTHELEZI please forward to [email protected]

    • banie

      kwasala kancane ukuba ngimfice kulomhlaba umathole khokho wam gqooo

    • Vusumuzi M Buthelezi

      Inkosi Mathole Buthelezi, is your paternal great-Grandfather. He is son to Inkosi Tshanibezwe Buthelezi. He succeeded him to became Inkosi of Isizwe saKwaButhelezi.. He became Prime Minister to His Majesty King Solomon ka Dinuzulu (KwaDlamahlahla Place). Princess Constance Magogo Sibilile Ngangezinye Thombisile ka Dinuzulu married him to give birth to your Grandfather uMntwana waKwaPhindangene: your Father’s Dad.
      We do not chiefs but amamkhosi, Son!
      Your loving uncle

      Vusumuzi M Buthelezi

      • nana buthelezi

        mmm so happy to know my Surname history, Oshenge abahle.

        thank you Vusumuzi M Buthelezi. i did learn more about Buthelezi’s Clan.

  4. lutho Nduvane

    Could you please provide me more information about Nduvane

  5. Lungisani Mpongoma

    Ngqenglele oyivalo zibili othi lesi ube uvula lesi

    • Mbozisa

      My understanding,amakhosi amakhulu emlandweni,uButhelezi,uNdwandwe,Mthethwa then uZulu,sasingakhonze kumuntu kusuka eMcakwini.Sesikhonziswa ivukana likaNandi lisizumile.

      • Mbozisa, and his sons

        Mbozisa,ngelekelela nginike amadetails akho

  6. Sthokozo

    Its really gud to knw your background. Yaz nami ngihlale ngizibuza ukuthi sihlobene yini nabakwa Khumalo ngoba indawo yasekhaya ibizwa ngokuthi iseMantungweni LE phansi kwase KuShumayeleni eMahlabathini

    • Sandile

      sawbona mft. ekushumayeleni igama lomuzi we nkosi umnyamana ka nqengelele

  7. Celukbuza behlukene kanjani o Buthelezi

  8. vusi Mbele

    Greetings. Ngithanda indlela eninolwazi ngakhona. Ngicela ukwazi ngabantu bakwa NCOBELA. Umlando noma iz it jalapeño.

  9. philisiwe

    plz help ngfuna ukwaz about iziduko zakwaMevana,angazi nokuthi ngngaqala ngakephi plz help and nokuthi uhlangana kanjani umevana nomajola

  10. Phumlani

    Hi guys is very good to anyone to know IMVELAPHI YAKUBO

    • Lethiwe Buthelezi

      AmaNtungwa futhi ayangena kwaButhelezi ..mina njengoba ngiqome kwaKhumalo nje into ethiwani? Angena kanjan amaNtungwa la?

      • siphelele buthelezi

        haw cc sale usumshiya loyomuntu phela owakith makunjalo

      • Londiwe Buthelezi

        Ngyamangala nam Shenge ngoba ngiqome kaKhumalo

      • Gatsheni Ndlovu

        Empeleni inkosi endala yakwa Buthelezi, angazi noma uPhungashe noma uNgqengelele yini, lenkosi yayiganwe amakhosikazi amathathu. Kwakungu MaKhumalo noKaMabaso kanye nomunye wesithathu. Lamakhosikazi ayehlala ndawonye enxiweni elilodwa. Lowo muzi wagcina sewubizwa ngokuthi kukwaButhelezi eMaNtungweni bngoba zimbili izintombi zakwa Mntungwa ezazihlala kulowo muzi wenkosi yakwa Buthelezi. Lezo zintombi ilezo-ke ezingu KaMabaso noMaKhumalo ngoba bangamaNtungwa bobabili. Abukho ubuhlobo phakathi kuka Buthelezi noKhumalo noma Mabaso.

      • ntuthukozwane

        AmaTungwa = AmaTau (Ngonyama, Sibande, Mpande, Mathe, Mande, Dawuduna, Mandebele or Bereu Bakolong or Barolong BaRraTlou (Ndlovu or Ndou or Zhou or Sono or Chobi/Jobi) = AmaNdawo (or AbaTswa-Tsonga, lapha abagcina bebuswa nguSoshangane or Shah of the Ngan/Tau/Ngwane/Goane – also called abaTwa or Mpanga/Baka or Bakga.

        Most of us fall under the Ntungwa caste but it does not necessarily show kinship. Kinship, as far as I know, is same surname and the surnames we are told not to touch. Also ask a person all their family tree before you wed them including what they don’t call themselves anymore and the Zulu rule is go back 3 generations and you are safe, uphephe sisi.

        AmaThelezi amaKhafula (not Kaffir – that is a destraction to hide who we are) = AmaKwa/Ngwa + Fula/Mvula/Pula/Bula – UbuFula into esibaningi esiyiyo la eAfrica. Fula = Mbulwa or Mburwa = Borwa (the name of our country ngesiSuthu). Google Fulani people and see that the West Africans dress like Lesotho Sothos when in traditional dress. Lesothos Sothos are Zulu Hlubis – who are Amalala or Mpangalala to be exact or BakgaTla or BakaDla abeKunene or as we have come to know them – AmaSwati/Swazi bephuma kwabakwaSibiya, okunguyena owazala uTsulu owazala oThecua/Thekwa owashada noNala nano Hala kwaphuma amaThembu angaMpondo (Nala Ndebele or Nwa – as in Vanwa’nathi or simply Swati) and Hala Thembu. The = Nde in Mande or Mathe. Mbu = Fu = Pu.

        So, thing to remember is Suthu = Zulu (that’s why kuthiwa uZulu uSuthu) = Xhosa = Ndlovu = Tau = Soka = Sao = Sawo = Bonga = Buka = Phoka = Phalo = Nyika = Nyai = Mchichenda = Mjikenda. All South African people are the same. This tells me OButhelezi bagcwele emaXhoseni – oShenge or Sekwe or Sengwe or Seku or Sengo = Segou = Seko = Sowe = Showe – amaShowe.

        Also, look up the Telezi in Kenya but they come from West Africa amongst the Mande tribes that live there today.

  11. oka shenge

    this information is incomplete. one needs to refer to the Buthelezi Family tree to get the full picture. okunye okubhalwe lapha akusho khona. ngicela ukungandi kakhulu

    • Vusumuzi M Buthelezi

      Shenge Sowalisa!
      AmaNtungwa ngawesibongo sakwaKHumalo. Nxa kuthiwa Shenge ka Ndaba, kakushiwo uNdaba wakwaZulu noma emaMbatheni. Shenge isibongo salwaNdabandaba, bangabaKWAButhelezi. Babebulawa laba beNdlu kaNdaba okwaholela ukuthi baze bazibize ngoNdabandaba. UNdaba uzimele gelekeqe. AmaNtungwa lana angawaKwaSokhumalo Shenge.
      Emsinga nje, Shenge ucosha abantu bakwaDlamini. E-Bulwer ucosha oDlamini….E-Winterton usosha oDlamini, etc. yebo baklhona oDlamini bakwaDlamini. Kodwa abanye banga bakwaButhelezi , bangabeNdlu kaBheje kaNdenge kaLudaba kaQwangubana ozalwa yiNkosi uShenge . Baphoqeleka ukulahla isibongo ngoba babebulawa.
      uButhelezi uyedwa vo. Ningaganani. Nxa ubona udadewenu uzibonela nje omunye umfana wakwenu.
      SHENGE! SOWALISA! NKONYANE KAMLAMBO!

    • Vusumuzi M Buthelezi

      Kungakuhle wande Shenge. Akekho okhuluma ngokugogda lapha ukwenza ulwazi lwakwethu kube yi-property yakhe.

      Shenge!

  12. Lethiwe

    mina Ngyaye ngizwe kufakwa no Guda makuthakazelwa kwa Buthelezi ngabe sikhona leso or ilezi eszingena nje ngokuhlukana kwezindlu , njengoba kunabase Nhlangano,Nukwa,njll?

  13. MaShenge amahle ngfisa lokhu kunganiphithanisi amakhanda, kahle kahle nami kunezithakazelo engiqalayo nje ngqa ukuzizwa kithi kodwa ngyakuqonda ukuthi kahlekahle emhlabeni sonke sihlobene, kuphela nje angeke sigananesodwa sisemndenini onobuhlobo obusobala, eg, uma ulalelisisa kahle even uBabamkhul ubuthelezi kwakuyigama lomuntu nazo zonke lezi zithakazelo ngokuzalana kuze kufike kuye uBaba uMangosuthu. so ngyavuma futhi ngyayibonga lencazolo esibhalelwe yona!!!!!

    • Vusumuzi M Buthelezi

      Shenge! UMntwana waKwaPhindangene Inosi kakusiye uBaba nje. Kanti isiNdlunkulu sakaButhelezi sithi nxa kubizwa noma kukhulunywa nobesilisa nabo abesifazane kuduma uShenge eShengeni lelo.
      Sondiya!

  14. Siphelele Buthelezi

    Ngyabonga ukwazi nje ngendabuko yakwa Shenge, futh kukhona nethakazelo ebengingingazazi. Sibonge kuleyo ndawo

  15. Ngisacela ukwazi ngendabuko yabakwa-Simelane O-Magutshwa

  16. Malibongwe Buthelezi

    Mashenge amahle ngicela ningicacisela lapha ngenkosi uPhungase Buthelezi eyahlaselwa INkosi UShaka yabaleka EBabanango yayo bhaca eNgome manje angazi kahle ukuthi ubukhosi bayo buphelelaphi

    • Zipho Buthelezi

      Shenge wena waseMcakwini indaba yobukhosi benkosi uPhungashe iyasinda ukukhuluma ngayo, ngoba emva kokuba isilo uShaka eseyehlulile inkosi yakithi eMcakwini kwabe sekusizakala indlu encane uNqengelele wabe esedla ifa lasendlini enkulu. Cha ngiyaye ngithi uma ngicabanga nginosizi ngimncome isincoma kanjani uNqengelele ngithi cha wasebenza futhi wasebenzisisa eqeda ngomlando wase ndlukulu eMcakwini ufakazi walokho umlando wendlu enkulu awuveli kahle, futhi abantu abaningi uma bethakazela umuntu wakwaButhelezi bathi Mnyamane kaNqengelele wena waseKushumayeleni. Indaba yenkosi uPhungashe ayaziwa ngoba yacindezelwa indlu encane. Ngiyaye ngizibuze umbuzo owodwa vooo uma ngijulile ukuthi “KAZI INKOSI UPHUNGASHE UMBHEKA KANJANI UNQENGELELE LAPHO BEKHONA ???????? NGOBA ISIZULU SITHI IFA LAKWENYE INDLU ALIDLIWA KWENYE INDLU!!!!!! Ngiyama lapha wenakaMevana akangakanani ungentende nomkhonto ungahlala ngoba wahlala kuZulu……… Ibinde inkosi ayiqedwa…….

      • Thulani Mevana

        Sibonge ngolwazi olunzulu,nami bengifisa ukwazi kahle ngalesi sakithi uMevana…ngobonga ngosizo

  17. Masah

    MaShenge nina baka Phungashe. Ngiyajabula ukubona ukuthi kukhona abantu abafana nami. abawukhathalelayo umlando waMaShenge. Ngicela ningadideki ngamagama noma izithakazelo ezifanyo. lento iyenzeka namanje, EG… kungaba khona uSandile kwaKhumalo, aphinde abekhona nakwa Buthelezi. NakwaButhelezi ukhona uMageba hhay owakwa Zulu. Ukhona futhi uNdaba

    • Vusumuzi M Buthelezi

      Wayihlaba esikhonkosini Phungashe!

  18. Phumlani

    Nokho lendaba yezibongo imunandi uma umuntu eyilandele kahle, inami kukhona lapho bengisala khona njengoba ngingowakwaButhelezi e.g. sekuthiwa Myamana kaNqengele etc. kodwa ngithi kini eseninolwazi phambili nisicushise zintanga zakithi

  19. Sakhiwo Buthelezi

    Ngicela usizo uma ningangibalela amadodana kaNgqengelele wakwa Buthelezi kahlehle ngifuna ukwaz ngoNobiya Buthelezi osizukulwane sakhe sizinze Ombimbini eMahlabathini naseThaka.

    • Sandile

      lolo Sakhiwo ngiyabazi laba base Thaka koda angiyena owakhona. mina ngoka Phungashe wase mcakwini. uNobiya owase Ngome la besuka khona 0735885465

  20. Poppy Matekane

    Poppy Buthelezi:
    Cha siyabonga ngezithakazelo zasekhaya. Namuhla sesiyazi ukuthi sidabuka kuphi.

  21. Siyabonga Ndabazamashenge Buthelezi

    its true thanks Mina sengsizakele on my own ubaba akanaskhathi sabantwa so lokhu kungsize kakhulu sjabula khona lapho

  22. Khulani Buthelezi

    Sanibnani bantu abnlwazi ngomlando wakwa Buthelezi.Engicela ukukuqqonda ukuthi abantu bakwa Buthelezi njengoba isikhathi esiningi kuvame ukuthi umlando wabo ulandelwe ukugcina eMahlabathini nje,ngaphambi kokuba seMahlabathini babekade bevelaphi ngoba angikholwa ukuthi savele saqhibuka eMahlabathini? Ngiyathokoza – KHULANI SIMPHIE BUTHELEZI,eJabacu,eNquthu – KwaZulu-Natal.

    • Vusumuzi M Buthelezi

      Sivela EMcakweni iBabanango leli lakhe enkabeni yethu kanjalo neThelezini.Shenge!

  23. Ndukenhle

    Khumbulani. UNdaba ingane yokuqala nqa kaButhelezi ayizale kuKaMnguni. UNgwane uzalwa uShenge

  24. Mcebisi Buthelezi

    Ngicela ukudlulisa ukubonga nami…Kuningi ebengingakwazi ngokudabuka koShenge kodwa manje sengiyazi…

  25. thandiwe buthelezi

    syabonga nokho ngididekile umuntu ujola kwa khumalo manje ngabe lokho akuvumelekile ay ay ay lento angiyizwa tu tu tu

    • joseph phumlane

      Ngiyakuzwa nami lokho and my first born dauther from kwaKhumalo so ngangingazi and lokho kusha and futhi sonke emhlabeni sihlobene

      • Vusumuzi M Buthelezi

        Qha kakonakele Phungashe. AmaNtungwa angawakwaSokhumalo. Wena unguMlambo kaNyathi ungkaNqwababa zinezinyembezi. Ganwa nje. Shenge!

  26. nhlahlo

    Naomi ngithukile ukuthi kanti sihlobile kwakhumalo,kuyiqiniso elingakanani lokho ,niqonde ukuthi intombi yakwabuthelezi ngeke igane insizwa yakwakhumalo.

    • Vusumuzi M Buthelezi

      UBUthelezi uzimele gelekeqe Shenge!

  27. sidwell buthelezi

    Bengicela ningisize ngokhokho wami uMbhudula ozalwa nguFalaza, AbakwaButhelezi.

  28. Andile Buthelezi

    OkaShenge umtwana lo udinga ukugcwaliselwa ngolwazi lwendabuko yakubo

  29. Kwath angingiye mashenge amahle…ngyajabula nje ukwaz ezinye ithakazelo nemvelaphi yam…ngyabonga kakhulu and shout out to all shenges#proudly shenge

  30. Cha mina ngi confused ngempela izihlobo ezingaka esinazo

  31. Lethuxolo

    Yaz nami bengingazazi izithakazelo zakwa-BUTHELEZI kod manj sengiyazazi

  32. Thandeka Buthelezi

    Kuhle ukwazi imvelaphi yakho. Mina ngingumlanjwane kwa Buthelezi. Kepha sengibe nomlando nabantu abathinteka kulesibongo ( mlambo no khumalo) futhi nginengane yakwa mlambo.so ebengifisa ukwazi kakhulu ubohlobo bakwa khumalo naba kwa buthelezi.

  33. Ntombifuthi Ngiba uma Buthelezi

    Siyabonga ukucaciseleka ngomlando wakithi kuningi ebesingakwazi. Nathi sesizokwazi ukudlulisa ulwazi kubantwana bethu. Mashenge amahle nikhule nje ngolwazi.

  34. ntokozo

    mashenge amahle, mina ngokwami asihlobene nabakwakhumalo ngoba uma uwazi kahle amashenge uzokwazi ukuthi asikho isibongo esigane kakhulu kwabuthelezi ukwedlula esakwakhumalo,bese sihlobana nini ke sganene kangaka?

  35. Mbongiseni

    UJobe yen a ungena kanjani kwa Buthelezi

  36. mzamo buthelezi

    Cha akengiphawule nami mayelana noMkhandumba ngokuthi umbhali akaze aphawule ngozalo lukaMkhandumba ungowakithi egcekeni kwaButhelezi kwaMasondo igama lomuzi endaweni yasensukazi kwaCeza eMahlabathini. Mina nje ngingumzukulu kaMashikila kaKona kaMkhandumba kaMnyamane wasekuShumayeleni kaNqengelele wakwaNomahhina. Okunye nathi sidinga izwe lethu eladliwa ngabaseMpithimpithini behlangene namaBhunu ngiyaphela lapho maShenge bantwana bakaMnyamane

  37. Nhlanhlo

    Ngiyajabula ukuzwa ngomlando wakithi ko SHENGE ngifisa ukwazi ukuth umlomo omnandi naye owakhona kith yn?

  38. Gatsheni Ndlovu

    Abantu bakwa Buthelezi abahlobene nhlobo nabakwa Khumalo kodwa enye yamakhosi akwa Buthelezi, angazi noma uPhungashe noma uNgqengelele, waganwa amakhosikazi amathathu. Ababili bokuqala kwakungabase MaNtungweni ngoba kwakungu MaKhumalo beno KaMabaso bese kuba ilona-ke wesithathu engingamazi ukuthi wayengumabani. Lamakhosikazi ayehlala enxiweni elilodwa elagcina libizwa ngokuthi kuseMaNtungweni ngenxa yokuthi kwakugane lamakhosikazi amabili angamaNtungwa. Kuvela kanjalo-ke ukuthi bangamaNtungwa abantwana abazalwa kwaButhelezi kulomuzi wasemaNtungweni ngenxa yokugana kwalezintombi zakwaMntungwa ezimbili ezagcina ziqanjelwa umuzi wazo ngokuthi kusemaNtungweni.

    • Angiyizwa leyokuth singongwane ndaba,mina ngine ntombi emangwanini esilotsholwe ai angvum

    • Vusumuzi M Buthelezi

      Boya benyathi obunjengezulu lasebusika obusongana busombuluka!

  39. Sipho J Buthelezi

    Sibonga ulwazi olunzulu boShenge nanokwazi ukuthi asihlobene neze noKhumalo ngoba,ngale kwalokho ukwazi ngemvelaphi ebanzi ngezithakazelo zethu kusho lukhulu

  40. Malibongwe Buthelezi

    Khuleka kini boShenge abahle ngiyabonga Zipho Buthelezi ngisala lapha Ndlu kaPhungashe njalo ngonyaka ngizwa kuthiwa isizwe samaShenge ziyahlangana eNgome manje ngiyadideka ukuthi ikuphi okuliGugu lakithi elikhona eNgome ngoba nami ngiyafisa ukuhlangayela nomdeni wam ngazi nokungama Gugu akithi ngoba umlando enginawo omncane owokuthi INKOSI UPHUNGASHE wabaleka wayo bhaca engome ngekathi inkosi ilembe UShaka imuhlasela sizani muzi KaShenge

  41. Malibongwe Buthelezi

    BoShenge ngicela ningicacisela ngeNkosi yakithi UZAMO BUTHELEZI ngibona bengamvezi emlandweni wamaShenge

  42. Jabulani Buthelezi

    Good evening Bomnyamane, I sencerely find it difficult to accept lezithakazelo with a clear conscious or pride, I have a suspicion of distortion and fabrication. I’m doomed to confusion for the West has intoxicated what is seen as a beautiful rich history of my family tree, it’s encouraging though that I see my family participating differently to this platform. I hope those who can truly translate our source of being can invest it to us before it’s too late, I also wish to sustain the names I have found to be associated with my surname. Thank you

  43. Sibusiso Buthelezi

    I’m happy to know zithakazelo zami.shenge sokaliso

  44. banie

    kwenziwa yini umfowabo ka mtwana mangosuthu u Mceleni okungumkhulu wami engafakwa emulandweni.

  45. Malibongwe

    Mashenge ngicela onolwazi angicacisele ngendaba yase Ngome esihlengini kusuke kungujwa umgubho omayelana nani

  46. Johnson Buthelezi

    Good, and it is better for us to know where we are coming from and how ?

  47. Nokukhanya

    Mlom’omnandi wona ungena kanjan?

  48. Mthulisi Augustine Mdluli

    Ngicela ukubuza ukuthi abantu bako Nyathi badabukaphi imvelaphi yabo?

  49. Mphumzeni kaMvulane

    Bahlobo ningadideki kakhulu… Umuntu owayebhala lomlando wakwethu oksiyena owakwabthelezi yingakho efuna sdideke. Makuwkuth uyawaz umlando wethu uMpontshane uPhungashe uMnandingamondi nabanye baphi ngoba nabo bangamakhosana akithi???
    Futhi nj emlandeni wakith uMntwana kaPhindangene esmaziyo not uMageba, angsaphathike ondaba nongwane ai ngyehlulek nokchaza!

    • Singajabula Mvulane uma ngalungisa lapho ubona amaphutha khona. Thina lapha sigcina ulwazi olutholakala esidlangalaleni bese siyaluqoqa silubeke endaweni e yodwa ukuze lutholakale kalula. Uma ubona amaphutha singajabula uma ungalungisa lapho uwabona khona. #Mbathastan

      • Vusumuzi M Buthelezi

        Bekungaba yinto enhle ukuthathelisa ngaphambi kokushicilela ukuze singadidieki. ngisho ukucela nje i-healthy criticism kuy omdala waKwaButhelezi ukuze aniyalele lapho ningaqonda khona, ngiyayithanda indlela okhuluma ngakhona. isikole siyasiza ngoba kawuzizwa unokusongeleka nxa abafundayo bephawula. Ubambe ngakho!

    • Vusumuzi M Buthelezi

      Phungashe! Kufanele sikwazi ukuthi kunezangelo kwaButhelezi ezithathekeka kumanje njezithakazelo. ngoba nje uSowalisa: Inkosi uShenge wathi kungeke sivume ukuba amantombazana akwaButhelezi aqome abafokazana.
      wathi “sowalisa.” kodwa usuyaye uzwe abantu ngisho abakithi imbala bethi “sokalisa” sokwaliswa, etc.

      • Makhosonke Buthelezi

        Shengeeee????

  50. Joshua

    Can you please help me, nge sbongo sa ka Mlima,

    • Sandile Buthelezi

      Ngibingelele ngokuzithoba. uSandile Buthelezi eNtendeka(Vryheid) ngaphanzi kwezinyambe okhokho bami. Ngifisa ukwazi ukuthi uLuji uzalwa ngubani Kanti futhi obani amadodana akhe.? Ngyabonga ngosizo.

      • Nguqa kaMpundulwana

        U Luji kaSabobo kaPhungashe kaNgwane kaShenge
        Amadodana kaLuji:Lwandle,Zililo,Madombane,Makhafula,Ntuzwa,Nhlakanhlaka Maphungwane Nzekenzeke Mandlangampisi Bhodwe Lushelana Msindo Mleshe Mgcula Mfuleni Nodwengu Mnwana Mhlawukana Siqa Nkulunkundleni Gubhi Mqangi Khambi Ndudumela Mkhangwana Nondubela Luphondo Shwambakanye Maxakaxaka Mfundekelwa

  51. SL Buthelezi

    let me explain this. we now use surnames which were either names or praise names of our fore fathers or names of their kraals. like taday you find a lot of people with the same name but unrelated. abantungwa-nguni is a section of the nguni people. they speak puro Nguni. these found in kwazulu natal and eastern came now known asndebeles, zulus and xhosas. Another section of ngunis is the Lala-ngunis, these are hlubis and ngwanes. they are found along the drankensburg there is another section called embo-ngunis. embo-ngunis are swazis. mpondos, xesibes, mpondomises, dlaminis, mkhizes. they are found in eastern cape, swazoland, mpumalanga etc. there is also another section called thonga ngunis, these are shangane and all the tribes found along the coast from mozambique to durban, the dubes, the mthethwas, the mkhwanazis, the qadis (ngcobos) etc. buthelezi people are related with the khumalos by common acestor Mnguni. they can marry.

    • bongskhumalo

      Very good. thanks for explaining these differences.

  52. Thandeka

    nam sengyadideka manj guyz ungwane uhlobene no buthelezi kanye nomkhize kanye no mtungwa futhi aii angsazi ke nam kshuthi no mkhize izihlobo zethu phela

  53. Sibonelo Mpontshane

    Ngicela ningisize onolwazi ngesibongo sakwaMpontshane singena kanjani kuButhelezi plz .

  54. Mnikeni Buthelezi

    UNobiya kaNqengelele oMbimbini yena uthini umlando wakhe

  55. Vusimuzi P Buthelezi

    Bengisa cela ukubuza ukuthi behlukana kanjani oButhelezi?

    My email address :
    [email protected]

  56. Alson Buthelezi

    Akengicacise nami lapha MaShenge, UNgwane lo ovela kuzithakazelo akusiye owakwaKhanyile, ungowakithi kwaButhelezi, kwaba amagama nje afanayo. Mina ke umkhulu UMshaluza ozalwa ukhokho IMboza. angazi ke ukuthi uvela kuyiphi indlu phakathi kwalezi esezibaliwe

    • Sibonelo

      Ngicela ukubuza isibongo sakwaMpontshane singena kanjani kuBUTHELEZI

      • Alson Buthelezi

        Imvelaphi ngesibongo sakwaMpontshane – emandulo kwakunenkolelo yokuthi uma inkosi esuka ibusa ngalesosikhathi iba nenyanga yayo noma futhi uma ikhothama nenyanga yayo leyo iya kwagoqanyawo, ngoba yayivamise ukuba uhlupho emphakathini ngoba yayingumuntu osondelene kakhulu nenkosi,yayazi izitha zenkosi kanye nezinyathelo ezizothathwa inkosi. ngakho-ke inkosi uShaka yiyo nenyanga yayo eyayibizwa ngo Jeqe Buthelezi.

        UJeqe Buthelezi wayesondelene kakhulu noZulu. Emveni kokudlula kwenkosi uShaka emhlabeni, inkosi eyalandela lapho uDingane,wahlela ukwakha utulo lokuyisa uJeqe kwagoqanyawo, Nokho elingaphumelelanga ngenxa yokufadalala kwamacebo kaDingane. Ngenkathi uJeqe esezwile ukuthi inkosi ikhothamile wabutha okungamasakana akhe ebusuku wathi nyawo zami ngibelethe, ngoba wayazi ukuthi uma epholisa amaseko bazomvimbezela bangene ngendluvu iyangena emzini kaShaka. Hhayi-ke wakhala wemuka umfoka Shenge enqamula amahlathi namahlathikazi,imifula nemifudlana. Waze wafika kamhlaba uyalingana, ngapha emuva uDingane wafika namabutho akhe elawini lika Jeqe itshe selome inhlama. Uma efika kamhlaba uyalingana azithele phezu kwamadoda endowo, embuze athi “wahamba umpontsha, ufohla lapha emahlathini nje mfokazana ulibamgisephi?”
        Wabe esebazekela lonke udaba olwalumumpontshisa ezikhaleni nasemahlathini. Lamadoda endawo amzwela amnika indawo yokulala, badingida udaba lwakhe olwalusezithebeni base bephuma nesu lokumfihla.

        “Lalela lapha-ke mfoka Shenge, ngoba usuzibikile, thina dingabantu abalungile ngakho ke sithe uma sibhunga ngodaba lwakho sabona ukuthi uzoba usizo emphakathini wethu njengoba unomlando omuhle wokuba inyanga yenkosi yethu uShaka” kusho indoda.

        “Njengoba bengandile abantu bakwaButhelezi kulendawo sibona kungakuhle ukuthi ushintshe isibongo ozibiza ngaso okweskhashana kuze kudlule ukuthungathwa kwakho, njengoba wazi nawe mfoka Shenge ukuthi izibongo ziqanjwa ngenxa yezenzo Zomuntu nawe sibone kungaba isu elingcono lokuthi sikubize ngoMpontshane ngenxa yokuthi ubuhamba uMpontshampontsha izwe lonke leli”

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: