Buthelezi

Abantu bakwa Buthelezi Shenge

Umlando esinawo wabantu bakwa Buthelezi uqala ku Shenge futhi okunye esikutholayo ukuthi bangaba Ntungwa singazi noma bukhona ubuhlobo naba Ntungwa bakwa Khumalo.
U Shenge uzale uMageba (hhayi uMageba Zulu), yena wazala u Qwangubana no Nyathikazi, u Qwangubana wazala u Mevana no Cole, u Cole wazala u Lubisi, Mtshubhane kanye no Msicwa.
U Mtshubhane wazala u Malahle, u Msicwa wazala u Mandulo.
U Nyathi (Nyathikazi) ka Shenge uzale u Nduvane no Mlambo, uMlambo wazala u Mvulane ozale u Ngqengelele ozale u Mnyamana, ozale u Tshanibezwe no Mkhandumba.
U Tshanibezwe wazala u Mathole, uMathole wazala u Mangosuthu oyinkosi yakwa Phindangene eNkonjeni, Mahlabathino, oLundi.

Izithakazelo zakwa Buthelezi

Buthelezi, Shenge, Ndaba, Ngwane, Mvulane, Ngqengelele oyivalo zibili, uthi uvala lesi avule lesi;
Wena owadliwa yiNdlovu,
Zimudla Zimlabalabela,
Mbangambi;
Inyathematheza, eyatheza lapho kungathezi khona muntu,
Gibisizungu, Mthandeni, Sokwalisa, Mnyamane ka Ngqengelele,
Sondiya, Somkhabase;
Nina bezinyawo ezimahhele,
Enaganisa izintombi, nanganye nangambili!

Previous

Nkosi Ndlangamandla

Next

Ngobese, Mqungebe

88 Comments

  1. Buthelezi Nzuzo

    Wow! This is really great to know (in detail) my ancestors whom are responsible for my surname. I think I’ll get my son’s first name in those names above. Thanks you guys.

    • mbukiseni samuel buthelezi

      I like this thing of our history as we are buthelezi family

  2. khumbulani buthelezi

    Siqhamuka kanjani isthakazelo esithi Ngwane nesithi Ndaba esibongweni sakwabuthelezi?

    • aycha nam ngyadideka ngo Ngwane nonyath bangena kanjan Mina gogo wam ozala ubaba uma Ngwane ay ngeke ngyayiphika ekangwane no nyathi

    • Nami mfe2 iyangixaka eka ngwane ko shenge ngidinga ukuchazeleka kahle cauze ngyadideka no khumalo khona lapho

    • Scendulo

      Sivela kanjan oNGWANE noNDABA

      • ntuthukozwane

        Izizwe kezi ngizichaza ukuthi zisho ukuthini:
        UNdaba indlu yakwaNgwane noma Aaron (Bhungane noma Ngwane noma Zwane noma Mbwane noma Manu noma Mono noma Zwange, la kuphuma khona igama elithi Zwangendaba = Zwange + Ndaba, wakwaMncwango) obizwa ngoLamula, yena kanye noMariam/Miriam sithi thina Maria noma Maliwa noma Makhanya noma Mahaye noma Makhaye noma Maphumulo noma Mabhulu noma Mampuru noma Malila, owesibili uMoses, lo esithi thina uMzizi noma Sishi/Sibisi(de)/Shishi noma Moshoeshoe noma Tete noma Thethwa noma Didi/Zelemu (kwaBiyela-Gumede-Bhaca). Owesithathu uLamula nguAaron/Bhungane owayephethe abaPriste ababizwa ngamaCohen noma Ngweni/Kweny noma Ngoni/Maconi , laba abantwana baka-Amuram noma Lamula ngesiNguni, noma Malala noma Marawa noma Mlawu = Mthethwa. U-Amuram indodana kaCaath (kaNgwadi/kaQwathi/kaNcwadi/kaKgwadi/kaKoati = Sekwati/Sigwadi = Sikhathi = Nango = Gona = Nkuna = KHONA = Kwena = Koena = Ngwenya = Ngunda (ingwenya ngesiBhemba saseZambia) = Madango) etc.

        UNdaba igama futhi leNdodana yesancinza uBila, no Israel/Jakob ogama layo UDan noma Madane noma Mbathane noma Tabane noma Ndabane noma Damane/Dumane ngesintu. UNDABA ubuye abizwe ngoZembethe noma Sibindi noma Sibisi noma Zethembe noma Zebedee noma Saphat = Nhlabathi.

        UShenge = uShongwe = Shange = Ntshanga = Tshaka = Nhlaka = Mhlanga = Tshongwe = Tlokwe = Hlongwe/Hlongo = Hungwe (Fish Eagle) = Zihlandlo = Zinkwazi. Indlu yakwaMkhwanazi ebusa umhlaba wakwaDlamini/Kunene/Kudla/Kumaya/Khula/Kwango/Qwangu/Mncwango/Ngcwangu (Xhoseni).

        Mageba = abantu base Geba- iGeba eBhayibhelini ibuye ibizwe ngeGibhiya noma Gabaa or Gabao. Thina sinamagama amaningi okuchaza amaGeba njengoMgababa, Gqeberha, Mgwaba, Qaba, Mpanga/Bhaca or Gabela or Kampala or Mkhabela or Sibiya or Subiya or KaHlubi or KaSubi/Jakub or Jobe/Tshopi or KaSomtsweu or KaHlophe or KaMalope or KaMlobi or KaMmbali or Mkabayi. Basuswa lapho bayiswa eManahath, le esekuthiwa uNyathi or Manahath noma Manaim or Nyai or Nyika or Nika or Niger. Yikho elandela uQwangubana uNyathikazi. UNyathikazi uMalandakazi lo wakwaMkhwanazi. Uma isuka lapho kuza

        Qwangubana = KaMncwango = KaNgcwangu = KaQwabe = Rharhabe = Rahab = Malala/Lamula (wakwaNdlovu) = Mncwango-Zwana.

        Mevana = Mafana (Ndebele) = Mfana = Maswana = Mazwana = Zwana = Zwane – uzala izizwe zamaNdebele.

        Phungashe (amaThelezi Asuka eBabanango akha eNgome, asuka eNgome afika eMthatha naseBhisho athatha ubukhosi bamaPondomse. Bazibiza ngoGambushe, thina sithi Mvundla noma Mvundlane noma Mbopha kaSithayi – inzalo yakhe le eyachithwa iSilo uDingane Emma kokuthi ngomona wokuthi iNkosi uShaka wayeMthanda uMpondo noma uMbopha/Mphemba/Mbambo kaSithayi ngaphezu kwabafowakhe, bamkhonvinsa ukuba juve uyena omhlabayo ngomkhonto. Kusukela ngaleso sikhathi abakaze baphinde bazibiza ngamaZulu, bathi bangoSibisi uma ubabuza. Laba ababusa less sizwe abantu bakwaShenge a azibiza futhi ngokuthi Tshezi – ongu Njezi noma Mtshezi noma Nsezi noma Jesse noma Jesi noma Yishi (kaNyama kaYishi) nomq Issachar noma Itshaka noma Isaar noma Yitzrah noma Jesaar noma Shai noma Jali noma Tshawe noma Mtshali. Amagama onke lawa abantu nakwaButhelezi. Babuye bazibizw ngoo-Gambushe – phungashe = Ngaphushe = Gambushe = KaMbuzi = KaMpunzi = KaPhuthi = KaThiphu = KaMthembu = Mathebula = MaTefuya = KaTembe = KaNdaba = KaMathaba = KaMandaba = amakhosi akwaZwane.

        AmaCole amadodana kaShezi ababengabaxuli eThempelini likaJehova. Thina sith amaNgwe/amaNgoe = Mango = Ngoma. Bazalwa kwaIssachar noma kaShezi. Ebhayibhelini uzowathila ebizwa ngokuthi amaKore. KoMoloi, umsunguli wesizwe sabo wayebizwa ngokuthi uKhoi, ozala uMaphale ozala uMoloi(sane).

        Mtshubane = Jubane = KaMajuba = KaJobe = KaChopi = KaTshopi = KaNcube (isizwe less esasihlala eVryheid singaphansi kuka Mkabayi esasibizwa ngokuthi abaQulusi = Khuluse = Hurutse = Zikhulu = Sikhulu/Mzimkhulu) = Sikhumalo = Sokhumalo = Sokhulu. AmaNcube = Ngobe (inkosi yakwaSibiya) = Bhengu/Mango ozala uMbambo/Mbopha/Bomvana/Mpofana) ozala uZwane ozala UMungwe, Mdolomba/Cebekhulu/Macingwane/Linda kanye noNdiweni ozala oNgomane, Mdletshe namaZulu amaningi asengaBeTswana manje abazibiza ngaBafokeng = Mambongweni. Mtshubane = Mashobane = Mazubane = Tubane = KaTuba = Kituba = Nqetho = Mashabane = Zubane = Zibane = KaMasumpa = KaShumba = KaNgonyama = KaNgwenyama = KaNgwenya = KaMakhutha = KaKhunta. Indlu kaMashobane le, indlu yakwMkhwanazi ebuswa abakwaNdawu noma Phangandawo noma Phakathwayo or Batau noma Tau = Mbube = Bhubesi = Mpolokoma = Ngala/Nkala = Lion. UMashobane ubuye abizwe ngoNgubane noma Macobane (Botswana) noma Magubane = Shabane = Sambane.

        Lubisi = Sibisi = Kobese = Ngobese = Sebeko/Sibeko = Mazibuko = Zingo/Zwingo/Singo/Swingo = Maseko – ila kuphuma khona isibongo sakwaSikhakhane/Sekhukhune = Maseko-Ngoni – Mabhoyi/iMpunz’ eDlemini, oMboma/Mbopha. Lubisi = Thubisi = Sibitlo = laba kuthiwa yibo ababebusa abeSuthu bakwaZulu ababebizwa ngokuthi amaNgwaketse noma Ngwakazi noma Ngwekazi noma Nkwenkwezi (Zwane) noma Nkanyezi (Mkhwanazi) nomw Khwezi noma KaMkhize.

        Malahle = Hlela (Hangala = oDlomo) = Malahleha (abeSuthu bakwaPhuthi abathi bangaMaZulu akwaZwane) = Maputhing = Phuthini = Phutiel, daughter of Rama/Ram/Jama, married to Eleazar of Aaron. AmaPhuthi athi ahlobene kakhulu nabakwaZwane – thina sibabiza ngokuthi oMazibuko noma abaseMazibukweni – abangaweli ngazibuko, abawela ngezimpambosi zomfula.

        Msicwa = Msinga = Shongwe = Shange = Ntshanga = Tshaka = Katsha = Gatsha = Showe = Songo = Mhlongo.

        Mandulo = Matholo = Matolo = Mzolo = Mtolo = Moloto = Mlondo = Ndolo.

        Indlu kaJama kaNdaba iphuma esizweni sabaThembu njengoba uNdaba enguMthembu uqobo lwakhe. UThembu ubuya abizwe ngoTembe noma Mathaba noma Matamba noma Mutapa noma Mbatha noma Mpanza noma Mbadza noma Bata – lamagama omabili awokugcina amagama alapho esiqhamuka khona Kongo (Democratic Republic of Kongo) indawo eyayaziwa ngokuthi iMbadza-Kongo ebuswa isizwe esasibizwa ngokuthi Lunda-luba, la kuvela khona isizwe semvelaphi yabakwaTembe ekuthiwa Ludawombe. ENigeria, sasibizwa ngokuthi Dahomey – namanje izibongo zakwaZulu ezinjengoSeme, Bengu zidumile endaweni yamaDahomey, eBenin kanye naseNigeria – Edo state. Ilapho othola khona amaZulu amaningi asuka kubaThembu baseSudan naseChad bawela umfula iChad (Gadi/Mngadi/Mangethe) bahamba baze bayofika eSpain babizwa ngokuthi amaMoors noma Moro – la kuphuma khona isibingelelo sakwaXhosa esithi Molo. Igama elithi Espana (ngolimi lesiphaniya, leli gama kuthiwa uSpain, ngesingisi) livela khona egameni elithi Saphan noma Mashobane noma Mashabane okwakuyindlu yesiKhulu esabekwa uNebukhadineza ngenkathi isizwe sakwa-Juda siwe ngenkemba yakhe. Wabeka uGodolia (Magudulela) kaMashobane owabulawa nguIshmael (lo owayephethe isizwe samaShumayela Ndebele) sase isizwe sakwaIsrael sahlakazeka iAfrika Yonkers kusukela eGibhithe. Iso lesi size esizibiza ngaBantu manje – sihlakazeke ukuze kugcineke izwi likaNkulunkulu ukuthi siyokhohlwa ukuthi singobani, futhi sikhonze amadlozi nonkulunkulu bethu ngoba uJehova samuzonda Kuala. Ngalokho-ke ulungathembeki kwethu nokubulala umprofethi uJeremiah, sithole ukuthi interbank ayikazi isuke phakathi kwethu futhi asinakho ukuthula. Ngonusa walhe omkhulu uNkulunkulu wathi, uyena futhi oyoziveza kithi aphinde asivumbuze emathuneni ethu, lokhu sizidumbu nezimpumputhe, siphuphutha kukhanya emini kaBha! Awavuse amathambo ethu, awagqokise izingubo zenyama, nemisipha, akuvathise ngesikhumba, bese eyasishumayeza, asifubdise ngezindlela zakhe zokulunga aphinde already phakathi kwethu ukuze thina nazo zone izizwe sisho ngezinhliziyo zethu zombili kanye nanegmilomo nezenzo zethu, ukuthi ngempela uye lo uJehova, Sebawoti, onguNkulunkulu wawoNkulunkulu oyinkosi yethu, nesiqalo nesiphetho sethu. Leso sikhathi sesifikile! Vukani maZulu niyeke okuphansi, nokusemhlabeni nibheke phezulu la igama lenu elithi niphuma khona. Inkosi yamaKhosi, enkulu kunkSenzangakhona kanye noShaka unkulunkulu wenu. Lo engikhuluma ngaye ungaphezu kukaMose kanye noShaka behlanganiswe ndawonye – uNginguye oNginguye. Ibinda.

      • ntuthukozwane

        Abantu bakwaSibiya bahlukene kabili – ngamadodana amaBili kaJakobe noBala/Loba/Phalo/Mbalo/Biya/Phela/Mmbiya okungu Dan no Naphtali. UNaphtali sithi thina Natali noma Ntai noma Zwayi or Linda/Mdolomba (ozala amaKhwanazi) noma Cebekhulu noma Macingwane (ozala oMajola noma Chunu) noma Mthwayi noma Mphephethwa noma Mandawe noma Nomndayi. Enye indlela yokubiza Ntai, uNtuli. Laba bobabili babizwa sons of Bala = Mkhabela = Gabela = Gambia = Kabila = Mnambya = VhaLambya = VhaLemba (amaHebheru ahlala eLimpopo) = Bileni = Mabheleni = Subiya = KaSubi = KaHlubi = KaHlophe = KaSomstweu = KaMlotshwa = KaNtshosho (okuyindlu yakwaZwana ebuza kwaZikalala/Zingelwayo /KaZikhali/Zwanene/Tzaneen noma KaMaswanganyi – indlunkulu yakwaSibiya ebizwa ngokuthi uDlomo noma Ndlovu noma Hlubi noma Tlou noma Ndou noma Duma noma Dube/Ndobe noma Mbedu). Igama elithi Ntshosho limele igama elithi Joshua noma Josue no Jeshua noma Jesus (ngesiZulu samanje) = Osee = Hosea noma Yehoshua – igama elisho ukuthi uMkhululi owayethenjiswe ngaphambi kwezinsulu zone ukuzosiza uluntu) Amanye amagama kaJoshua ngesintu samanje uSomtsweu noma Mlotshwa noma Nsele noma Wosiyane/Nseleni. Lena indlu enkulu ebusa amaShobane, evela kuMbulali noma Mafuleka noma Ephraim, esizweni sakwaBiyela esifaka amaMbatha, Mzimela, Mkhwanazi nabanye abaningi. Elinye igama ababiza ngaye uJosue, uHlubi noma Hlophe. LoMbulali/Ephraim ila kuqhamuka khona amagama athi Mafuleka/Afurika/Africa kanye negama elithi Bulawane noma Bulawayo. Lawa amaLandakazi, la kuphumq khona amaTshali/Tshawe/Jali.

        So, uma ulandela umlando wakwa Sibiya uthila ukuthi indlunkulu ibizwa ngoZingelwayo okunguyena Zikalala noma KaZikhali or KaMaswanganyi noma KaZwaneni or KaTzaneen – indlu yababusi bakwaHlubi yamaLangalibalele = Reuben/Hlubini – indodana yokuqala kaJakobe no Zila. NgesiHebheru uZachariah or Zechary/Zikhali. Enye indlu ebusa amaHlubi uJahiel noma Jehiel (Ntshiweni ngesiZulu – kubusa amaZimela la, angamaHlubi noma Hlophe/Somtsweu). Enye indlela yokuthi Jahiel = Tshalini = Sarhili (KwaGcaleka-Rharhabe eXhoseni) = Swahili (kusukela Kongo use uyofika eKhenya while uze uyofika eMozambique. Izindku zakwaZulu izo lezi ekubhalwe ngazo emlandweni wamaTshali = Mahlabathi(ni), Manzi(ni), Hlabangane (Mhlangana), Mandeku (Diko = Elubhaceni/AmaBhaca = Gumede kaNdaba = Qhude/Fakude = Fakathi = Fokothi = Phakathi = Khathi = Zulu). UKhondlo indlu yakwaMazibuko ebuye ibizwe ngegama esilazi sonke eMzansi = Nkandla or Bakgatla (Bafokeng or Tswana = Zwane). Indlu le yamaShezi noma MaThelezi noma Njezi noma Mtshali or Tshawe. OMlambo-Ngwenya (indlu yeNkosi uCetshwayo) etc. Nhlungwane indlu yakwaZikhali noma Zikalala noma Zingelwayo noma Zachariah/KaMaswanganyi or KaMabunda or KaMpondo.

        Uma kubhalwa umlando, kusuke kubhalwa umlando wesihlalo sobukhosi ayi ngokuhlobana ngegazi.

        Kuze mufike kwinkosi uMangosuthu Buthelezi lomlando umlando weZizwe okunye kulamanisa amaHonorifics (amagama ezihlalo zobukhosi). Pkunye kubhaliee ebhayibhelini, okunye kwenzeka emva kokuba libhakwe ibhayibheli.

  3. zakithi Buthelezi

    can you please give me some information about the late Chief Mathole Buthelezi.I just want to know his backround and history of him please m begging you.

    • Ok I will write more about him soon Phungashe

      • Jabulani Buthelezi

        When are you going to write what you promised 2 years ago

      • Sibonelo Mpntshane

        Can please tel me ukuthi isibongo sakwa MPONTSHANE singena kanjan kaBUTHELEZI please forward to [email protected]

      • ntuthukozwane

        Phungashe = Gambushe = Gambu = Phunga = Buka = Sheba = Shiba. Laba bangamaTsgezi noma Shezi noma Njezi noma Njazi. Indlu encane yakwaBUTHELEZI yaqhutshwa amaNgisi enkosini uCetshwayo, ubukhosi bakwaZulu sebuwile ukuzimela. Kwathathwa uMshazi (uNdebele/Buthelezi) wanikwa umhlaba owning bakhathi kweNongoma neMahlabathini ukuze alwe noZulu. Naye uMnyamana wathola umhlaba omningi umhlaba usuwehlukaniswa amaNgisi kwaba ukwenyuka kobukhosi bakhe ngoba nguye futhi owayengumhlokolozi yempi yabaNtwana ehlangene noMntwana uNdabuko – bonke bavela endaweni yangaseShowe naseNkandla. Bamsukela uZiphephu kaMaphitha bamthatha uMntwana uDinizulu, ukhokho wami, iSilo uCetshwayo, esasimshiye noMntwana waseBhanganomo, uMntwana uZiphephu kaMaphitha. Lolo chuku lwasusa impi, iNkosi uDinizulu, ukhokho wami, angitshela ngizwa kahle hle ukuthi akakutholanga ukuthula waze webuza. Le ndlu yakwaButhelezi kaMnyamana kwakuyizinduna zendawo kaMntwana uNdabuko, kungelutho ngaphezu kwalokho. Negama elithi Buthelezi igama lamaTefuya lelo, oMathebula/KaMthembu and Hadebe noma KaTembe. Igama lamaHlubi. Kwathi uma indlu kaMbopha kaSithayi isixoshiwe kaZulu, futhi kwasala izindlu ezincane zakhona, ezinye zizibiza ngamaQungebe, ezinye zithi Zungeni, ezinye oSomtsweu/Ntshosho noma Nsele.

        Lendlu uma sikhuluma iqiniso iyisizathu uZulu wahlakazeka kangaka, kwathi isilo uDinizulu ebony ukuthi uMathole uyabufuna ubukhosi bakwaZulu, babonisana wamnikeza uMntwana uMagogo kaCetshwayo ukuyothulisa umsindo wamaThelezi – lokhu kwenza ukuthi nobukhosi lobo busuke ezibulweni likaMathole bahlala endlini pkwakwendele khona uMntanenkosi uMagogo kaCetshwayo. Ukhokho wami, uMntwana uMkhahleli kaDinizulu, uye lo owakhe indlu yakwaCelinhlanhla, emzini waseNsindeni, eNkonjeni. Umhlaba waseNsindeni omunye wacelwa uMntwana uMagogo, ethi yena ngeke akwazi ukwakha nabaFokazane, akakhe emhlabeni wokhokho bakhe, wasikelwa indawe emhlabeni waseNsindeni, umuzi wakhe wabizwa ngokuthi ikwaPhindangene. Kwenzeka kanjalo ukuthi umuzi omncane kwaButhelezi ugliness usugqamile. Umuzi omkhulu wakwaButhelezi umuzi wakwaManala Ndebele noma Mbuthuma noma Mpondo noma Mabundu noma Maputo obizwa ngokuthi amaShabalala noma amaThole – uwuthola le ngaseMatatiele, wabaleka kwaZulu kuliwa.

        Okwaphakamisa uMntwana wakwaPhindangene kakhulu ukwendelwa kukaYise uMntwana uMagogo ukuze indlu kaDinizulu iqhubeke ibuse kwaZulu. Kwathi amabhunu esekhuluma indaba yokwenza iHomeland, iSilo uNyangayezizwe kuthiwa yakhihla isililo yathi yoga ngeke ikwazi ukudayisa ngomhlaba woYihlo, Oklahoma ukuthi wayezonqaba ukubuyiselwa izwe elincane ngoba lokho kwakusho ukuthi uyavuma ukuthi leli elihye lidliwe. Abantwana baseNdlunkulu ababephila ngalezo zikhathi bathi, uMntwana wakwPhindangene owayefundile engomunye wabantwana bokuqala okwakuthiwa impi namaNgisi bayoyinqobo ngepeni hhayi ngomkhonto, ngoba basebeyizifundiswa, wathi yena uzoyifukamela ukuze inkosi ingalahlekelwa iyo yonke into njengaseMpumalanga lapho abathatha oThisha babenza ababusi bamaHomelands. Kuthiwa waving waphuma wathi yenze wena ke. Kwaba ukuqala kokunyuka kwakhe uMntwana wakwaPhindangene wabekwa ukuba afungamele umhlaba wakwaZulu njengoNdinankulu, okwakuyikho wayebizwa ngokuthi uChief Mangosuthu Buthelezi. AmaShabalala lawa abuswa oMajola emaMpondomseni athi esengajabule nomubuswa eCiskei Aruna ukubuyela kwaZulu, uMntwana wakwa Phindangene wawanqabela ngoba wayazi ukuthi yieo umuzi omkhulu wakwaButhelezi futhi bazomubangisa. Yikho sasihlala sizwa ukuthi abaseMatatiele babefuna ukuba ngaphansi kwaZulu njalonjalo, kwaze kwafika inkululeko. NeSilo naso sacelwa isizwe seNkosi uNdlela kaSompisi esizibiza ngamaZizi ukuthi asisize kodwa ngathi akuhlangananga kahle. Lezi izizwe zakwa Zulu ezabalekiswa izimpi, uma uzihlanganisa nabakwaNqetho kaQwabe, amaHlubi, Bhaca, Mpondo, Mkhize kanye noMazibuko bakwaRharhabe nakwaGcaleka – zone lezi zizwe zinabane-wabo lapha kwaZulu, abanye Ave zindlu ezinkulu kunalezo eziseMpumalanga koloni. Umzekelo isizwe sabaThembu abasuka eThekwini bay eCamdeboo/Camperdown basuka lapho baya ngase Moor River basuka bayohlala eLusikisiki . These are Zulu tribes.

        I hope this clears up any confusion ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi indlu encane kwaThelezi ibe nkulu kwaZulu. UNdunankulu wakwaZulu a gavel kunanoma yiziphi izizwe zakwaNdwandwe – ngisho nabaPedi noma abeSuthu noma emaXhoseni ngoba amaZulu lawa. Okubalulekile ukuthi bazokwazi yini ukwenza izimfanelo ngesizwe, ukusakhela ukuba okhokho bethu nangaphezu kwalokho uNkulunkulu ename ngathi thina esiphiwe ukuba amaGosa eLathini leNkosi ngokunikwa imiphefumulo eminingi ukuba ikulandela ikukhoze njengoNdunankulu wabeNguni bonke. Umphathi wempi yakwaZulu, ikakhulukazi amaNcube noma Bhengu noma Hlongwane wayehlala ephuma eSwatini noma kumaSwati futhi ebizwa ngoMswati. This is what I would do Mina as inkosi uMisuzulu. I would take from izizwe zonke zabenguni, the best caliber men (from Royal blood line) and bring them to Zululand and give them land and a bride or royal blood, then I would give them positions of power as of old e.g. izikhulu were governors over many chiefs and make a King’s council out of those governors who will then work to grow cattle holdings and plantings so as to have royal stores of food. As Chief Mangosuthu Buthelezi was threatened by his older brothers in Eastern Cape, he never wanted to do that. Now that he is passed on, we need a new kind of Prime Minister who will work tirelessly to bring the Zulu/Nguni nation together. Lala kahle Mntwana wakwPhindangene.

    • banie

      kwasala kancane ukuba ngimfice kulomhlaba umathole khokho wam gqooo

    • Vusumuzi M Buthelezi

      Inkosi Mathole Buthelezi, is your paternal great-Grandfather. He is son to Inkosi Tshanibezwe Buthelezi. He succeeded him to became Inkosi of Isizwe saKwaButhelezi.. He became Prime Minister to His Majesty King Solomon ka Dinuzulu (KwaDlamahlahla Place). Princess Constance Magogo Sibilile Ngangezinye Thombisile ka Dinuzulu married him to give birth to your Grandfather uMntwana waKwaPhindangene: your Father’s Dad.
      We do not chiefs but amamkhosi, Son!
      Your loving uncle

      Vusumuzi M Buthelezi

      • nana buthelezi

        mmm so happy to know my Surname history, Oshenge abahle.

        thank you Vusumuzi M Buthelezi. i did learn more about Buthelezi’s Clan.

  4. lutho Nduvane

    Could you please provide me more information about Nduvane

  5. Lungisani Mpongoma

    Ngqenglele oyivalo zibili othi lesi ube uvula lesi

  6. Sthokozo

    Its really gud to knw your background. Yaz nami ngihlale ngizibuza ukuthi sihlobene yini nabakwa Khumalo ngoba indawo yasekhaya ibizwa ngokuthi iseMantungweni LE phansi kwase KuShumayeleni eMahlabathini

    • Sandile

      sawbona mft. ekushumayeleni igama lomuzi we nkosi umnyamana ka nqengelele

  7. Celukbuza behlukene kanjani o Buthelezi

  8. vusi Mbele

    Greetings. Ngithanda indlela eninolwazi ngakhona. Ngicela ukwazi ngabantu bakwa NCOBELA. Umlando noma iz it jalapeño.

  9. philisiwe

    plz help ngfuna ukwaz about iziduko zakwaMevana,angazi nokuthi ngngaqala ngakephi plz help and nokuthi uhlangana kanjani umevana nomajola

  10. Phumlani

    Hi guys is very good to anyone to know IMVELAPHI YAKUBO

    • Lethiwe Buthelezi

      AmaNtungwa futhi ayangena kwaButhelezi ..mina njengoba ngiqome kwaKhumalo nje into ethiwani? Angena kanjan amaNtungwa la?

      • siphelele buthelezi

        haw cc sale usumshiya loyomuntu phela owakith makunjalo

      • Londiwe Buthelezi

        Ngyamangala nam Shenge ngoba ngiqome kaKhumalo

      • Gatsheni Ndlovu

        Empeleni inkosi endala yakwa Buthelezi, angazi noma uPhungashe noma uNgqengelele yini, lenkosi yayiganwe amakhosikazi amathathu. Kwakungu MaKhumalo noKaMabaso kanye nomunye wesithathu. Lamakhosikazi ayehlala ndawonye enxiweni elilodwa. Lowo muzi wagcina sewubizwa ngokuthi kukwaButhelezi eMaNtungweni bngoba zimbili izintombi zakwa Mntungwa ezazihlala kulowo muzi wenkosi yakwa Buthelezi. Lezo zintombi ilezo-ke ezingu KaMabaso noMaKhumalo ngoba bangamaNtungwa bobabili. Abukho ubuhlobo phakathi kuka Buthelezi noKhumalo noma Mabaso.

  11. oka shenge

    this information is incomplete. one needs to refer to the Buthelezi Family tree to get the full picture. okunye okubhalwe lapha akusho khona. ngicela ukungandi kakhulu

    • Vusumuzi M Buthelezi

      Shenge Sowalisa!
      AmaNtungwa ngawesibongo sakwaKHumalo. Nxa kuthiwa Shenge ka Ndaba, kakushiwo uNdaba wakwaZulu noma emaMbatheni. Shenge isibongo salwaNdabandaba, bangabaKWAButhelezi. Babebulawa laba beNdlu kaNdaba okwaholela ukuthi baze bazibize ngoNdabandaba. UNdaba uzimele gelekeqe. AmaNtungwa lana angawaKwaSokhumalo Shenge.
      Emsinga nje, Shenge ucosha abantu bakwaDlamini. E-Bulwer ucosha oDlamini….E-Winterton usosha oDlamini, etc. yebo baklhona oDlamini bakwaDlamini. Kodwa abanye banga bakwaButhelezi , bangabeNdlu kaBheje kaNdenge kaLudaba kaQwangubana ozalwa yiNkosi uShenge . Baphoqeleka ukulahla isibongo ngoba babebulawa.
      uButhelezi uyedwa vo. Ningaganani. Nxa ubona udadewenu uzibonela nje omunye umfana wakwenu.
      SHENGE! SOWALISA! NKONYANE KAMLAMBO!

    • Vusumuzi M Buthelezi

      Kungakuhle wande Shenge. Akekho okhuluma ngokugogda lapha ukwenza ulwazi lwakwethu kube yi-property yakhe.

      Shenge!

  12. Lethiwe

    mina Ngyaye ngizwe kufakwa no Guda makuthakazelwa kwa Buthelezi ngabe sikhona leso or ilezi eszingena nje ngokuhlukana kwezindlu , njengoba kunabase Nhlangano,Nukwa,njll?

  13. MaShenge amahle ngfisa lokhu kunganiphithanisi amakhanda, kahle kahle nami kunezithakazelo engiqalayo nje ngqa ukuzizwa kithi kodwa ngyakuqonda ukuthi kahlekahle emhlabeni sonke sihlobene, kuphela nje angeke sigananesodwa sisemndenini onobuhlobo obusobala, eg, uma ulalelisisa kahle even uBabamkhul ubuthelezi kwakuyigama lomuntu nazo zonke lezi zithakazelo ngokuzalana kuze kufike kuye uBaba uMangosuthu. so ngyavuma futhi ngyayibonga lencazolo esibhalelwe yona!!!!!

    • Vusumuzi M Buthelezi

      Shenge! UMntwana waKwaPhindangene Inosi kakusiye uBaba nje. Kanti isiNdlunkulu sakaButhelezi sithi nxa kubizwa noma kukhulunywa nobesilisa nabo abesifazane kuduma uShenge eShengeni lelo.
      Sondiya!

  14. Siphelele Buthelezi

    Ngyabonga ukwazi nje ngendabuko yakwa Shenge, futh kukhona nethakazelo ebengingingazazi. Sibonge kuleyo ndawo

  15. Ngisacela ukwazi ngendabuko yabakwa-Simelane O-Magutshwa

  16. Malibongwe Buthelezi

    Mashenge amahle ngicela ningicacisela lapha ngenkosi uPhungase Buthelezi eyahlaselwa INkosi UShaka yabaleka EBabanango yayo bhaca eNgome manje angazi kahle ukuthi ubukhosi bayo buphelelaphi

    • Zipho Buthelezi

      Shenge wena waseMcakwini indaba yobukhosi benkosi uPhungashe iyasinda ukukhuluma ngayo, ngoba emva kokuba isilo uShaka eseyehlulile inkosi yakithi eMcakwini kwabe sekusizakala indlu encane uNqengelele wabe esedla ifa lasendlini enkulu. Cha ngiyaye ngithi uma ngicabanga nginosizi ngimncome isincoma kanjani uNqengelele ngithi cha wasebenza futhi wasebenzisisa eqeda ngomlando wase ndlukulu eMcakwini ufakazi walokho umlando wendlu enkulu awuveli kahle, futhi abantu abaningi uma bethakazela umuntu wakwaButhelezi bathi Mnyamane kaNqengelele wena waseKushumayeleni. Indaba yenkosi uPhungashe ayaziwa ngoba yacindezelwa indlu encane. Ngiyaye ngizibuze umbuzo owodwa vooo uma ngijulile ukuthi “KAZI INKOSI UPHUNGASHE UMBHEKA KANJANI UNQENGELELE LAPHO BEKHONA ???????? NGOBA ISIZULU SITHI IFA LAKWENYE INDLU ALIDLIWA KWENYE INDLU!!!!!! Ngiyama lapha wenakaMevana akangakanani ungentende nomkhonto ungahlala ngoba wahlala kuZulu……… Ibinde inkosi ayiqedwa…….

      • Thulani Mevana

        Sibonge ngolwazi olunzulu,nami bengifisa ukwazi kahle ngalesi sakithi uMevana…ngobonga ngosizo

  17. Masah

    MaShenge nina baka Phungashe. Ngiyajabula ukubona ukuthi kukhona abantu abafana nami. abawukhathalelayo umlando waMaShenge. Ngicela ningadideki ngamagama noma izithakazelo ezifanyo. lento iyenzeka namanje, EG… kungaba khona uSandile kwaKhumalo, aphinde abekhona nakwa Buthelezi. NakwaButhelezi ukhona uMageba hhay owakwa Zulu. Ukhona futhi uNdaba

    • Vusumuzi M Buthelezi

      Wayihlaba esikhonkosini Phungashe!

  18. Phumlani

    Nokho lendaba yezibongo imunandi uma umuntu eyilandele kahle, inami kukhona lapho bengisala khona njengoba ngingowakwaButhelezi e.g. sekuthiwa Myamana kaNqengele etc. kodwa ngithi kini eseninolwazi phambili nisicushise zintanga zakithi

  19. Sakhiwo Buthelezi

    Ngicela usizo uma ningangibalela amadodana kaNgqengelele wakwa Buthelezi kahlehle ngifuna ukwaz ngoNobiya Buthelezi osizukulwane sakhe sizinze Ombimbini eMahlabathini naseThaka.

    • Sandile

      lolo Sakhiwo ngiyabazi laba base Thaka koda angiyena owakhona. mina ngoka Phungashe wase mcakwini. uNobiya owase Ngome la besuka khona 0735885465

  20. Poppy Matekane

    Poppy Buthelezi:
    Cha siyabonga ngezithakazelo zasekhaya. Namuhla sesiyazi ukuthi sidabuka kuphi.

  21. Siyabonga Ndabazamashenge Buthelezi

    its true thanks Mina sengsizakele on my own ubaba akanaskhathi sabantwa so lokhu kungsize kakhulu sjabula khona lapho

  22. Khulani Buthelezi

    Sanibnani bantu abnlwazi ngomlando wakwa Buthelezi.Engicela ukukuqqonda ukuthi abantu bakwa Buthelezi njengoba isikhathi esiningi kuvame ukuthi umlando wabo ulandelwe ukugcina eMahlabathini nje,ngaphambi kokuba seMahlabathini babekade bevelaphi ngoba angikholwa ukuthi savele saqhibuka eMahlabathini? Ngiyathokoza – KHULANI SIMPHIE BUTHELEZI,eJabacu,eNquthu – KwaZulu-Natal.

    • Vusumuzi M Buthelezi

      Sivela EMcakweni iBabanango leli lakhe enkabeni yethu kanjalo neThelezini.Shenge!

  23. Ndukenhle

    Khumbulani. UNdaba ingane yokuqala nqa kaButhelezi ayizale kuKaMnguni. UNgwane uzalwa uShenge

  24. Mcebisi Buthelezi

    Ngicela ukudlulisa ukubonga nami…Kuningi ebengingakwazi ngokudabuka koShenge kodwa manje sengiyazi…

  25. thandiwe buthelezi

    syabonga nokho ngididekile umuntu ujola kwa khumalo manje ngabe lokho akuvumelekile ay ay ay lento angiyizwa tu tu tu

    • joseph phumlane

      Ngiyakuzwa nami lokho and my first born dauther from kwaKhumalo so ngangingazi and lokho kusha and futhi sonke emhlabeni sihlobene

      • Vusumuzi M Buthelezi

        Qha kakonakele Phungashe. AmaNtungwa angawakwaSokhumalo. Wena unguMlambo kaNyathi ungkaNqwababa zinezinyembezi. Ganwa nje. Shenge!

  26. nhlahlo

    Naomi ngithukile ukuthi kanti sihlobile kwakhumalo,kuyiqiniso elingakanani lokho ,niqonde ukuthi intombi yakwabuthelezi ngeke igane insizwa yakwakhumalo.

    • Vusumuzi M Buthelezi

      UBUthelezi uzimele gelekeqe Shenge!

  27. sidwell buthelezi

    Bengicela ningisize ngokhokho wami uMbhudula ozalwa nguFalaza, AbakwaButhelezi.

  28. Andile Buthelezi

    OkaShenge umtwana lo udinga ukugcwaliselwa ngolwazi lwendabuko yakubo

  29. Kwath angingiye mashenge amahle…ngyajabula nje ukwaz ezinye ithakazelo nemvelaphi yam…ngyabonga kakhulu and shout out to all shenges#proudly shenge

  30. Cha mina ngi confused ngempela izihlobo ezingaka esinazo

  31. Lethuxolo

    Yaz nami bengingazazi izithakazelo zakwa-BUTHELEZI kod manj sengiyazazi

  32. Thandeka Buthelezi

    Kuhle ukwazi imvelaphi yakho. Mina ngingumlanjwane kwa Buthelezi. Kepha sengibe nomlando nabantu abathinteka kulesibongo ( mlambo no khumalo) futhi nginengane yakwa mlambo.so ebengifisa ukwazi kakhulu ubohlobo bakwa khumalo naba kwa buthelezi.

  33. Ntombifuthi Ngiba uma Buthelezi

    Siyabonga ukucaciseleka ngomlando wakithi kuningi ebesingakwazi. Nathi sesizokwazi ukudlulisa ulwazi kubantwana bethu. Mashenge amahle nikhule nje ngolwazi.

  34. ntokozo

    mashenge amahle, mina ngokwami asihlobene nabakwakhumalo ngoba uma uwazi kahle amashenge uzokwazi ukuthi asikho isibongo esigane kakhulu kwabuthelezi ukwedlula esakwakhumalo,bese sihlobana nini ke sganene kangaka?

  35. Mbongiseni

    UJobe yen a ungena kanjani kwa Buthelezi

  36. mzamo buthelezi

    Cha akengiphawule nami mayelana noMkhandumba ngokuthi umbhali akaze aphawule ngozalo lukaMkhandumba ungowakithi egcekeni kwaButhelezi kwaMasondo igama lomuzi endaweni yasensukazi kwaCeza eMahlabathini. Mina nje ngingumzukulu kaMashikila kaKona kaMkhandumba kaMnyamane wasekuShumayeleni kaNqengelele wakwaNomahhina. Okunye nathi sidinga izwe lethu eladliwa ngabaseMpithimpithini behlangene namaBhunu ngiyaphela lapho maShenge bantwana bakaMnyamane

  37. Nhlanhlo

    Ngiyajabula ukuzwa ngomlando wakithi ko SHENGE ngifisa ukwazi ukuth umlomo omnandi naye owakhona kith yn?

  38. Gatsheni Ndlovu

    Abantu bakwa Buthelezi abahlobene nhlobo nabakwa Khumalo kodwa enye yamakhosi akwa Buthelezi, angazi noma uPhungashe noma uNgqengelele, waganwa amakhosikazi amathathu. Ababili bokuqala kwakungabase MaNtungweni ngoba kwakungu MaKhumalo beno KaMabaso bese kuba ilona-ke wesithathu engingamazi ukuthi wayengumabani. Lamakhosikazi ayehlala enxiweni elilodwa elagcina libizwa ngokuthi kuseMaNtungweni ngenxa yokuthi kwakugane lamakhosikazi amabili angamaNtungwa. Kuvela kanjalo-ke ukuthi bangamaNtungwa abantwana abazalwa kwaButhelezi kulomuzi wasemaNtungweni ngenxa yokugana kwalezintombi zakwaMntungwa ezimbili ezagcina ziqanjelwa umuzi wazo ngokuthi kusemaNtungweni.

    • Angiyizwa leyokuth singongwane ndaba,mina ngine ntombi emangwanini esilotsholwe ai angvum

    • Vusumuzi M Buthelezi

      Boya benyathi obunjengezulu lasebusika obusongana busombuluka!

  39. Sipho J Buthelezi

    Sibonga ulwazi olunzulu boShenge nanokwazi ukuthi asihlobene neze noKhumalo ngoba,ngale kwalokho ukwazi ngemvelaphi ebanzi ngezithakazelo zethu kusho lukhulu

  40. Malibongwe Buthelezi

    Khuleka kini boShenge abahle ngiyabonga Zipho Buthelezi ngisala lapha Ndlu kaPhungashe njalo ngonyaka ngizwa kuthiwa isizwe samaShenge ziyahlangana eNgome manje ngiyadideka ukuthi ikuphi okuliGugu lakithi elikhona eNgome ngoba nami ngiyafisa ukuhlangayela nomdeni wam ngazi nokungama Gugu akithi ngoba umlando enginawo omncane owokuthi INKOSI UPHUNGASHE wabaleka wayo bhaca engome ngekathi inkosi ilembe UShaka imuhlasela sizani muzi KaShenge

  41. Malibongwe Buthelezi

    BoShenge ngicela ningicacisela ngeNkosi yakithi UZAMO BUTHELEZI ngibona bengamvezi emlandweni wamaShenge

  42. Jabulani Buthelezi

    Good evening Bomnyamane, I sencerely find it difficult to accept lezithakazelo with a clear conscious or pride, I have a suspicion of distortion and fabrication. I’m doomed to confusion for the West has intoxicated what is seen as a beautiful rich history of my family tree, it’s encouraging though that I see my family participating differently to this platform. I hope those who can truly translate our source of being can invest it to us before it’s too late, I also wish to sustain the names I have found to be associated with my surname. Thank you

  43. Sibusiso Buthelezi

    I’m happy to know zithakazelo zami.shenge sokaliso

  44. banie

    kwenziwa yini umfowabo ka mtwana mangosuthu u Mceleni okungumkhulu wami engafakwa emulandweni.

  45. Malibongwe

    Mashenge ngicela onolwazi angicacisele ngendaba yase Ngome esihlengini kusuke kungujwa umgubho omayelana nani

  46. Johnson Buthelezi

    Good, and it is better for us to know where we are coming from and how ?

  47. Nokukhanya

    Mlom’omnandi wona ungena kanjan?

  48. Mthulisi Augustine Mdluli

    Ngicela ukubuza ukuthi abantu bako Nyathi badabukaphi imvelaphi yabo?

  49. Mphumzeni kaMvulane

    Bahlobo ningadideki kakhulu… Umuntu owayebhala lomlando wakwethu oksiyena owakwabthelezi yingakho efuna sdideke. Makuwkuth uyawaz umlando wethu uMpontshane uPhungashe uMnandingamondi nabanye baphi ngoba nabo bangamakhosana akithi???
    Futhi nj emlandeni wakith uMntwana kaPhindangene esmaziyo not uMageba, angsaphathike ondaba nongwane ai ngyehlulek nokchaza!

    • Singajabula Mvulane uma ngalungisa lapho ubona amaphutha khona. Thina lapha sigcina ulwazi olutholakala esidlangalaleni bese siyaluqoqa silubeke endaweni e yodwa ukuze lutholakale kalula. Uma ubona amaphutha singajabula uma ungalungisa lapho uwabona khona. #Mbathastan

      • Vusumuzi M Buthelezi

        Bekungaba yinto enhle ukuthathelisa ngaphambi kokushicilela ukuze singadidieki. ngisho ukucela nje i-healthy criticism kuy omdala waKwaButhelezi ukuze aniyalele lapho ningaqonda khona, ngiyayithanda indlela okhuluma ngakhona. isikole siyasiza ngoba kawuzizwa unokusongeleka nxa abafundayo bephawula. Ubambe ngakho!

    • Vusumuzi M Buthelezi

      Phungashe! Kufanele sikwazi ukuthi kunezangelo kwaButhelezi ezithathekeka kumanje njezithakazelo. ngoba nje uSowalisa: Inkosi uShenge wathi kungeke sivume ukuba amantombazana akwaButhelezi aqome abafokazana.
      wathi “sowalisa.” kodwa usuyaye uzwe abantu ngisho abakithi imbala bethi “sokalisa” sokwaliswa, etc.

  50. Joshua

    Can you please help me, nge sbongo sa ka Mlima,

  51. SL Buthelezi

    let me explain this. we now use surnames which were either names or praise names of our fore fathers or names of their kraals. like taday you find a lot of people with the same name but unrelated. abantungwa-nguni is a section of the nguni people. they speak puro Nguni. these found in kwazulu natal and eastern came now known asndebeles, zulus and xhosas. Another section of ngunis is the Lala-ngunis, these are hlubis and ngwanes. they are found along the drankensburg there is another section called embo-ngunis. embo-ngunis are swazis. mpondos, xesibes, mpondomises, dlaminis, mkhizes. they are found in eastern cape, swazoland, mpumalanga etc. there is also another section called thonga ngunis, these are shangane and all the tribes found along the coast from mozambique to durban, the dubes, the mthethwas, the mkhwanazis, the qadis (ngcobos) etc. buthelezi people are related with the khumalos by common acestor Mnguni. they can marry.

  52. Thandeka

    nam sengyadideka manj guyz ungwane uhlobene no buthelezi kanye nomkhize kanye no mtungwa futhi aii angsazi ke nam kshuthi no mkhize izihlobo zethu phela

  53. Sibonelo Mpontshane

    Ngicela ningisize onolwazi ngesibongo sakwaMpontshane singena kanjani kuButhelezi plz .

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: