Abantu bakwa Ngobese
Abantu basemaQungebeni. Kuthiwa lababantu babehlala emigedeni ngase Ntabantuzuma kwaze kwaba nezinsolo zokuthi bangama Zimu kodwa zaphela uma kubonakala imfuyo eningi kanti futhi babenamasimu. Bavelele kakhulu ngesikhathi inkosi uSenzangakhona Zulu ethatha isithole sakhona uMphikase. Yiso lesisithole esingunina wenkosi uDingane owasoconga umnewabo iLembe. U Mphikase wabe engunkosikazi wesithapha ka Senzangakhona.
Indawo yabo beyisuka eBabanango ize iyoma ngomfula uMzinyathi. Ngalesosikhathi babeholwa uXongo owalandelwa indodana yakhe uSihayo obuse ngesikhathi se Silo saso Ndini uCetshwayo.
U Sihayo uzale uMehlokazulu no Mkhumbikazulu. U Sihayo yena ukhothame ngesikhathi uZibhebhu ecoboshisa izikhulu zaso Ndini ngo 1883.
Izithakazelo zakw Ngobese
Khaba, Xongo, Sihayo, Mehlokazulu, Mkhumbikazulu, Nonjini, Gudlumkhonto, Mdonswa, Mlambo,
Bantungwa abamnyama,
Mdlabela, Mthintisa, Gamandane, Phalane, Mzongela, Mbikwa, Malabela, Sothulisa,
Ntinde lase Ntuzuma,
Enadelumbuso nawunikwa abezizwe naqondukhlupheka,
Nina enakhishwa ngenoni emgedeni,
Bakwa nkonyane kazibukizulu,
Bakwa Nyathi ingalala ngecele kobe konakele,
Nina baka Nomashina ngoba eshanaze umuntu nge jozi!
Bakwa qhambule bethu uyaminya!
Mabhekana nempi yase Sandlwana,
Nina magqobhagqobhane yayikade ihlokolozwa.
Maqungebe Amahle!
Smanga
MbathaStan or anyone, please decipher the following for me:
Mabulunga amahle wakwaMohlo, wakwaNdaba ivakala, wakwaKhala wakwaKhomdwaku. Nina bakwadada elibhulamanzi ngezimpiko, bathi ubone ngani ukuthi abasedadeni sebefikile, bathi sibone ngamanzi edungana.
I really need to know the origins of the above praises.
Ntobe
Ngyanthand kwangobes
nathi
siyakuthanda nathi
Busi Ngobese
Ngaze ngajabula ngezakw ntinda ngiyaz qhenya ngamaGamndan amahle
mzukulukaqheke
yithi abantu nabelungu bayazi
[email protected]
Nami ngijabula kabi ukuba uNgobese sisi wami sibambane njalo singalahlani.
NONUHLE NGOBESE
YITH’ABANTU NABELUNGU BAYAZI
Ngelosi Ngobese
Just need to find out if Ngobese is related to Khumala as it say ‘Bantungwa ‘abamnyama. As well as ‘Mlambo’
qiniso ngobese
Asikho isibongo esingena kwangobese ungobese uzimele nje. UMlambo no Mtungwa amagama abantu lawo bakwangobese
Nontobeko
Nginithanda big tym koMqungebe ngazalwa khona nami
zethembe majola
Sybonga ngokusinika umlando wethu nokusicacisela nje ngezibongo esihlobene nazo
khaba mlotshwa
Ngicela ningihlaziyele isibongo sakwaKhaba. Isithakazelo nomlando waso. Ngiyabonga.
Thembela Ngobese
ngiyaziqhenya ngokwazi
umlando wami
maqungebe amahle
mzokhona
Ngaze ngajabula kakhulu sengyaz mnj ukt ngsukaph.. gyayqhenya ngokuba iqungebe ngybonga
[email protected]
AmaQungebe amaqhawe amakhulu emlandweni wasemzansi, yize noma abuye ahlakazeka ngenxa yempi yabamnyama nabamhlophe. Khona kunjalo asabumbene namanje ayahlangana njalo ngonyaka aye lapho edabuka khona eNtabantuzuma.
nobuhle ngobese
Ngaze ngajabula ngokwaz imvelaphi yakith aw shem nath asbancinyane
Mpilenhle
Awu madoda yithi labo Magamndane amahle!!! Sothulisa!
Babongiwe Ngobese
Wow I am so happy to know myself.I am Ngobese.mqungebe
kwanele ngobese
I’m proud of my heritage
Ngobeze Zonke
Ukwazi izibongo nomlando wami kungeze ngazizwa ngiphelele. NingabaKwethu nina bo Sothulisa!
Lindokuhle Ngobese kaSihayo
Mmm kwaze kwathi cosololo kwehlakamnandi ukufunda ngomlando wakithi madoda tell me more…
happy Ngobese
M so glad ukwaz imvelaphi yam bengit mangdibana nomuntu wakwa Ngobese sthakazelane beset donda bengdideka ngoba ngazi udonda kukhumalo bt today I got more information ngokhumalo kut u related kanjan n also mlambo ngnithanda ukubhubha maqungeba amahle
Manelisi Ngobese
Gamdane, Sihayo, Maqungebamahle
Philly Ngobese
Hi there I just want to know ukuthi isibongo sakwa Ngobese is it divided in to two ngoba if ngifunda izithakazelo sisodwa kuphela esifana nalezi engatshelwa zona abadala bakwaNgobese my grannies
Xolani Ngobese
Waw ngaze ngaziqhenya ngokuba yiQungebe namuhla sengiyazazi ukuthi ngingubani futhi ngivela kuphi.HLANGANA NGOBESE
Ngobese Mdumiseni
ngaze ngajabula ngoku caciseleka la kulesthakazelo esity mlambo ngob khon u anti owashadela kwa mlambo manj bengnokdideka ukuty kanti asihlobene yini
Simphiwe A Ngobese
Mantuzuma ngibe nosuku olu gcwele injabulo ngalolwazi engiluthole namuhla nokthi sibaluleke kangaka
sibonelo ngobese
Ngaze ngajabula kwazi umlando wakithi kwangobese ithina labo omqungebe abahle
nonjabulo
ngaze ngajabula ekugcineni ngiwazi umlando wakithi ukuthi sivelaphi. yazi ngangithi hlampe samaswati nje. cha kanti singamaZulu ngampela
kwanele Ngobese
yo cctz sashisho xeim
Nhlanhla Ngobese
Kwazekwakuhle ukuzwa lezindaba sengathi nabanye bangafunda lapha khona bezoqonda kuthi asibona bokuhamba thin a kulelizwe kodwa salilwela singaMaqungebe; nime nje nina boSihayo nina boNyathi ingalala ngecele kobekonakele
Gcina Ngobese
Thina eMaqungebeni sinomlando omude nomuhle KwaZulu kuphinde kuvel ubuqhawe boSihayo. Mana njalo ndlu yakwaNgobese wande njalo syabonga.
Ntsikelelo
Ntsikelelo
ngobese
ngyathokoza mengizwa
occ no bhut beziqhenya
ngokuba iqungeb’elihle
nangemvelaphi yethu
Ceebahle
Yoooh kant we are also calld abo malinga kwangobese wow
Sicelo Ngobese
Ngangingaba yini kodwa ngingeyena okwaNgobese
MHLONISHWA OLUNDI
Phambili ngoMdlabela sinomlando omuhle ngisho ebukhosini bakwaZulu
Phili ngobese
Hi maqungebe amahle kufinyelelwa kanjani entabantuzuma en kupublishwa kuphi
vukani Ngobese
Ngajabula ngomlando wamaQungebe, noma nginokudodeka nje ukuthi yini kugcina sikuyisiqeshana nje indawo ephethwe yinkosi yakwaNgobese kodwa kubalwa indawo engaka from Babanango to Umzinyathi river
Thabisile ngobese
Wow kwaze kwabamnandi ukuba owakwaNgobese ngathanda lesi esithi nina enaphuma ngenoni emgedeni.
Ntokozo ngobese
Ngyaziqhenya ngo sihayo udelamubuswa umqungebe wam
zamokuhle ngobese
nami ngyakujabulele ukuba idelakubusa yane yith abantu Lana magamndane amahle
Ngobese Phiwe
Ngaze ngajabula ukuthola izithakazelo zami Benghazi ezincane engazisthelwa umkhulu benginganelisekile Ngiyabonga
mtozi
Ngaze ngajabula ngokuzwa umlando wakithi
Fanele
Siyabonga ngomlAndo nezithakazelo. Mina sengfisa ukwazi I hubo lasemaqungebeni
Phili ngobese
Maqungebe amahle umlando wethu umnandi nanokuthi asibancinyane nathi kulelizwe
Sandiswa khaba1 ngobese
Khaba ngisenqutu abaziyo nathi kusenzalabantu hlanganani bo ngobese
Gqamile ngobese
Kwaze kwakuhle ukuzazi mangobese. Ayikho into enhle njengokwazi imvelaphi yakho
Manelisi Ngobese
Ew madoda umuntu useziwazi umlando wakubo… wasiza internet
Busisiwe Ngobese
Ngaze ngajabula ukwazi ngemvelaphi yami, asbambane maqungeb’ amahle.
SIHLE MZONGELA, MQUNGEBE, NGOBESE
KWAKUHLE UKWAZ NGEMVELAPH YAM N I’M PROUD OF DAT
ZamaQungebe Ngobese
Kuhle futhi kumnand kakhulu ukuzazi ukuthi ngidabukaphi.
Aybambaneni maGamndane amahle futh’ adumile
lindy ngobese
asdumeni ngokuhle mantinda sandise ubuqhawe bamaqungebe
lindy ngobese
ngiyajabula kakhulu ukuthola ngomlando wakithi asbonge maqungebe amahle
Dumisani Ngobese
Ngaze ngajabula ngokuthola imvelaphi yami nezithakazelo zakithi
Dumisani Dadaza Ngobeni
Sicela onolwazi olujulile ngesibongo sakwa” Ngobeni “lapho esidabuka khona ngoba kubukeka okwangathi sisondele kakhulu nabakwa “Ngobese” nomlando wabo awuhlukanga kangako siyacela silahleki le ngempela (pls ask your elders if they have information)
Nokuthula Ngobese
Ekhaya eMaqungebeni ningabakwethu Nina
Sibusiso Ngobese
A long time ago Sihayo had many sons but I want us to specifically look at Mbhokodebovu and Mehlokazulu you see Mbhokodebovu was the eldest son in the Ngobese clan and was next in line to be King but after the was the war in esandlwana the king Cetshwayo went to Swaziland ask that they must hide Mbhokodebovu there till the war was over. you see 500 cattles were sacrificed to spare the life of Mbhokodebovu therefore the throne was to be protected and the younger son Mehlokazulu was asked to hold the throne till Mbhokodebovu came back after the war to rule. time went and when he reached Swaziland he gave birth to Squthu snodaka entuzuma so he was named after the place Nquthu that was said Mbhokodebovu would rul when he came back after the war. this side Mehlokazulu gave birth to Mdonswa who told the people that he is holding the throne till the real king of the Ngobese clan came back to take the throne. Mdonswa gave birth to Thathezakhe Ngobese who is still alive and also still holding the throne for the real king of the Ngobese clan. now to that side Mbhokodebovu died living behind a son Squthu snodaka entuzuma ngobese who he told to go back to Nquthu to rule. Nquthu gave birth to Qiliba Ngobese who was also known as Maqhude ayeqana and who was also tod that he must go back to rule in Nquthu.
correct me if I am wrong
the throne of the Ngobese clan goes as follows after Sihayo
>Mbhokodebovu
>Squthusnodaka entuzuma
>Qiliba
>then the son of Qiliba is still alive living in Swaziland waiting to be fetched by Thathezakhe Ngobese
Dumisa
Ngicel ukwazi ukuthi zihlangana kanjani lezibongo eyimbili we sisi unoKuthula Ngobeni and Ngobese?
Fanele
Mina sengfisa ukwazi ihubo lakity kwaNgobese