Nxumalo | Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Nxumalo

Zwide kaLanga,
Ndwandwe, Mkhatshwa,
Okhabangezinde nezimaqhukubezana,
Nkabanhle,
Wena wase Gudunkomo,
Wena owasezikhotheni, ezingakhothi ngamlomo, ezikhotha ngomkhonto kaZulu,
Nkomo ayihlatshwa , uyothi ungayihlaba yophe amasi njengo mbhelebhele,
Sandla sivikumkhonto njengehawu,
Hlubi,
Sandl’ esimnene,
Somaphunga,
Nonkokhel’abantu bahlatshwe njenge zinkomo!

Ziyatholakala izikibha ezinezithakazelo zakwa Nxumalo –
Fonela lenombolo: 061 868 5163 wenze i-oda lakho! 

Price: R200.00 

Previous

Mkhatshwa | Izithakazelo

Next

Mkhonza | Izithakazelo

19 Comments

  1. This is wow,uyayshaya lento yokho.4rm nkuleh emandeni. [email protected]

  2. yizimpela kodwa zyashoda sothondose mthondwethusi frm mxolisi nxumalo kwanongoma

  3. Wazisho ngavukwa usinga kwathi mangigiye. Ngiyaziqhenya ngokuba okwa Nxumalo. From Nana [email protected]

  4. mmmmhm kodwa koZwide ngyesaba mina aybo li lil li li li li!!!!!!!!!!!!

  5. Oya. Ay ngavesane ngavukelwa wusinga. Yithi oNkokhelabantu

  6. Emxolisi angipha ama details wakho ngathi wena wazi kancono…..

  7. ng'dinga ukwazi zonke izithakazelo zakithi ko nxumalo

  8. Osdinane samaphisi. Abangaphiswa uthuvi baphiswa zindaba.

  9. Aw madoda oSothondose Mthondowethusi sengisho thina oZwide noMasuku

  10. Aw madoda oSothondose Mthondowethusi sengisho thina oZwide noMasuku

  11. Khona kunjalo kodwa zihlanganisiwe lana, kuhlangene izithakazelo nezibongo zikaZwide okunguye owayevika umkhonto ngesandla….

  12. ngiyabonga mina.
    ngiyabathanda ozwide kalanga.

  13. Zwide ka Langa

  14. Ndwandwe

  15. Ngiyabonga bo Zwide ngoba bekhona engazazi.

  16. Sgubudu lami ngiyengeza

  17. Ungabe samqeda ngoba vele suyamazi leee kosothondose

  18. The number is on voicemail and I need the Tshirt ASAP

  19. MINA ngishadele kwa Nxumalo baba wasekhaya washona ngisele nabantwana baba fana angiwazi amasiko abo bayangibuza njalo

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: