Mamba

Izithakazelo zakwa-Mamba

Ndlangamandla,
Nkosi,
Mphazima, Mntungwa,
Mawandla kaNdlela,
Nina baseMandlovini,
Mlotshwa, Siwela,
Mphazima kaLanga,
Nina bakwaLanga libomvu, elashis’amabel’ezikhuthali,
Mabuya sezembethe’ugogwane,
Mlotshw’akangakanani, ngoba nasentendeni yesandl’uyahlala,
Wena owaphath’induk’emnyama washay’amanzi, kwavel’udaka,
Nkonjane yenkosi,
Mpangazitha!

Previous

Malunga

Next

Nkosi

4 Comments

  1. UNtulini angimboni kulezithakazelo ekbeni uqala ngaye…Mamba, Ntulini…njll

  2. cha mina angikwazi lokhu. abaka Mamba kofanele sikhumbule ukuthi bangamaSwazi. ngokunjalo ke nezithakazelo zabo zibhalwe ngalo ulimi lwawo.

    mina engisaziyo sithi: Mamba, Ntfulini, nkhosi, mavunguvungu matfwala umlomo,mambalendze yasensokonsokweni, wena longavali ngemvalo uvala ngamakhanda amadoda, samketi sibovu imbov' emalangeni.

  3. Khona u Mamba oliSwati no Mamba Ishona

  4. I thought that mamba is named after a snake.Please help me to understand.

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: