Nzama

Izithakazelo zakwa-Nzama

Wosiyane,
Gcugcwa,
Mashiza, Dingila,
Mkhandi wensimbi,
Nina enidume ngokugcagca insimbi amanye amakhosi edume ngesithembu,
Wena owawela ngelibanzi kwasala izindondo zacoshwa abafokazane,
Nina bakwamfazi kashaywa ngemvubu kodwa ushaywa ngombhombolo wesidwaba,
Zukula kaNombhoco,
Gcugcwa kaNcameni,
Ncameni kaNozaca,
Nina baseNtendeni!

Previous

Nkomo

Next

Nzuza

8 Comments

  1. Basho…………….

  2. Kwath angigiye madoda yith labo

  3. Chamane, Dingila, Nyanisa, Ngipha, phana abantu bakulingene abangakanani bangangentende yesandla, Chube, Mashiza, Zukula kaNombhoxo kaGgcugcwa umkhand'wensimbi omkhulu owadl'inkomo zeLembe elingasigcinanga isivumelwano senkokhelo yezikhali iqhawe elabhek' ilembe emehlweni lathi úbona mina nje bayoze bakubon'abanamehlo, kaNcameni, kaNozaca, kaNzama, kaWosiyane umkhandi wensimbi

  4. Chamane, Dingila, Nyanisa, Ngipha, phana abantu bakilngene abngakanani bangangentende yesandla, Chube, Mashiza, Zukula kaNombhoxo kaGgcugcwa umkhand'wensimbi omhkulu owadlinkomo zeLembe elingasigcinanga isivumelwano senkokhelo yezikhali iqhawe elabjeke ilembe emehlweni lathi úbona mina je bayoze bakubon'abanamehlo, kaNcameni, kaNozaca, kaNzama, kaWosiyane umkhandi wensimbi

  5. NgowakwaNzama but umlando owubhalile akusiwona

  6. Kwath' angigiye…

  7. Mkhandi wensimbi.

  8. Lililililililiiii kwathangigiye ngiyele amazukula

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: