Ngubane

Izithakazelo zakwa-Ngubane

Mbomvu,
Somahhashi
Nyoniyezwe
Nomafu,Myaluza,
Ngcukumane,
Zikode elimhlophe,
Matomela,
Nzombane,Ngogozabantu,
Nomasikisiki,nyon’esindwa isisila sayo,
Ndoda kaNyamazane,
KaSodlelezi esadl’amabele amhlophe sawashiya nenkehlane,
Ngcingcw’ephuza kwezid’iziziba,
Uma ingaphuza kwezimfushane umlomo ungabuya nodaka,
Vathu oluphezulu ngoba oluphansi olwabafokazane,
Nina baseMabovini okwakhala inkomo kwakhala imbuzi kwasha imizi,
Nomaphikwane!!!

Previous

Ngema

Next

Ngwane

31 Comments

  1. WAZISHO KAHLE BAFO!WEBAFO AWUNGITSHELE UNGENAPHI UNGWANE KULEZITHAKAZELO? NGIBUZA NGOBA KUNOMUNYE UMFO WAKA NGUBANE OTHE KIMI MGWANE.

    YISHO'KE SOMAHHASHI MHLAWUMBE YUMINA ENGINGAZI

  2. Wow! Very impressive! Just something I have noted, others say Mgabhazi kaNomafu instead of just saying Nomafu…

  3. wazisho nganela mbomvu

  4. Siyabonga thina..

  5. mmmmmmmm wow nyc t b ngubane kid

  6. wow wow wow! am coo impressed to being a ngubane kid!

  7. Awu kodwa bafo…..wazisho yeyi

  8. Wow! Wazisho Myaluza

  9. Awu phendula phela Mbomvu sididekile

  10. Ngiyakuthokozela futhi ngiyazigqaja ngesibongo sami saka Ngubane

  11. Kancane nje….laphaya ekuqaleni…. Kuthiwa Mbomvu, Somashi….. Hhayi lokhuya….

  12. Nina baseMabovini okwakhala inkomo kwakhala imbuzi kwasha imizi. Yithina ke labo

  13. Aw madoda!! Yithi labo o Nomafu

  14. UMbomvu noma uMbovu ng'yadideka ke lapho ng'cela uk'caciseleka lapho?

  15. ezakwa mahlambi zona zikhuphi
    ????

  16. uNgwane is one of amaKhosi akwaNgubane, like Hlongwane,Somashin not Somahhashi,nomafu and others

  17. Fd

    Awu Thixo. Ibusisiwe lensizwa…..

  18. kahle bo bhuti…

  19. marora 🙂 Kuvuka usinga Kwathi angigiye

  20. mbomvu

  21. EZECHALAHA

  22. EZECHALAHA

  23. Uyazaz shem ithakazelo zakithi

  24. Nami ngakhula uMkhulu ethi Ngwane Nomafu Ngcukumane…..#wasala kuphi?

  25. Washo kamnandi somahashi ngafudumala?

  26. Ewuuu kwavuk'usiba Mbomvu wakithi madoda?

  27. La ngizalwa khona

  28. mina ngithanda la besisho bethi Nyoni esindwa sisila sayo. Yithike labo

  29. Hhay cha, kumnand'ekhaya kwaMbomvu

  30. Nami Lapha Ngahlangana nenye insizwa lekwadukuza yathi yona yunNgubane jalibani… Ngithanda ukudideka Lapha Ubani ongangisiza

  31. Mmmh ngiyabonga nam bengicenga nje ngifuna ukutho umyen wam Sengisho U Mbomvu phela indoda emadodeni ngiyanithanda bayen bam?

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: