Izithakazelo zakwa-Nene
Sthenjwa,
Vezi ,
Nqoyi, Mngadi,
Ngema,Madlokovu,
wena waseNgweni,
Ntusi yenkomo,
Goda elimnyama elihamba libahila amanqina namaqakala,
wena wasemfule,
Sithuli sasengweni esingasho lutho kumuntu,
Mathanga akahlangani ahlangana uma ebona umyeni,
Mashiya amahle ngathi azoshumayela,
Madlokovu kangakanani ngoba nasentendeni yesandla uyanela!
Zomndeni
musho!!!
Unknown
Muji!!!
Unknown
Muji!!!
Unknown
Bo Sthenjwa!!! Mushoooooooo
Unknown
Awu dlokovu
Sbuda Ngema
Ezase' "SANGWENI" ?
Ng'phile
Mathanga akahlangani, ahlangana uma ebona umyeni
Unknown
Ungabe usamqeda
Unknown
Ntusi yenkomo
Unknown
Mashiya amahle ngathi azoshumayela.
Hawu nalokhu kuyangena kwaNene really?
Unknown
I like that one
Unknown
Amashiya akwaNgema…. Awashumayeli kepha wona "ngathi awenyamazane"
Unknown
Ake silungise lapha:
Amashiya akwaNgema…. Awashumayeli kepha wona "ngathi awenyamazane"
Unknown
Haw amashiya amahle ngathi azoshumayela bengazi ukuthy syangena kaNene
Unknown
Kunjengoba ngisho ke.
Unknown
Kushumayela awakwa Ngcobo.
Unknown
cha ngeke u Ngcobo ke amashiya amahle ngathi azoshumayela hhayi thina.
Unknown
Amathanga awahlangani ahlangana uma ebona umnyeni?
Unknown
Sthenjwa