Izithakazelo zakwa-Memela
Gambu,
Msuthu,
Ntethe,
Mathamahle,
Sikhakha simantwenguntwengu ngokudliwa yinundu,
Ngwekazi kaLanga,
Nontuli!
Gambu,
Msuthu,
Ntethe,
Mathamahle,
Sikhakha simantwenguntwengu ngokudliwa yinundu,
Ngwekazi kaLanga,
Nontuli!
Powered by WordPress & Theme by Anders Norén
Zamar
Bhele likaMdingi
Ihawu phezu kwehawu…………….
Kwathi cosololo…kimina
Anonymous
Mnumzane. Kunale nkondlo engangiyenza ngisafunda, nje, ngiyibhobhodleyana. Angazi ukuthi ubani umlobi wayo kepha isihloko kanye nemigqa embalwa ngisayikhumbula. Sengathungatha imitapo yolwazi eminingi kodwa lutho ukuzithela phezu kwayo. Ngicela ungisize, Bab' Zulu ngiyithungathe kanye nawe. Isihloko sayo sithi, "Qaphela Mntanami." Lapha ngezansi imigqa embalwa engisayikhumbula – ayilandelani.
Kuyashisa kushwez' ishisandlu
Lish' amash' amahubo lishona
Eliwash' evus' usinga kontanga yenu
Qaphela mntanami…
Kuyatenga kuwutatalambu kuyintambo…
Bagwedla ngezikhwepha bangaphenduki…
Yileyo kuphela imigqa ebuya emqondweni. Kwazise-ke phela angiyibambanga nangesikhathi besifundisa futhi sekwaphela neminyaka eyishumi nanye ngagcina ukuyifanisa. Yayinomyalezo omkhulu le nkondlo futhi inhliziyo yami yayivutha ngenkathi ngiyifunda. Kepha-ke ngenxa yobungane azange ngikugqize qakala ukujula ngayo nokuyigcina emabhukwini ami. Ngalokho nginokuzisola okukhulu, ikakhulukazi, nje, manje umuntu engasekho eduze nabantu abamkhuthazayo olimini lwebele.
Ngiyacela usize mina neningi elifana name, ungibhekise le nkondlo.
Ngiyabonga