Izithakazelo zakwa-Mbhele
Godide,
Mphemba,
Ntuli,
Ndlela kaSompisi,
Sothole,
Gudukazi uyiNcwayo,
Khuboni,
Sompisi owaphemba ngamakhand’amadoda,
Abanye bephemba ngomlilo,
Nina base Lenge,
Enabonakala ngefu lezintuli,
Kwabe kunguSompisi kaGuqa, kaMasalela,
Mazimuzimu enidla’abantu,
Mgwabini wemikhonto,
Umahlatshwa ebuhleni njengethole,
Umagaju njengengwe,
Inhlangu eyeqa iphindaphinda,
Umanxeba angamanxuluma,
Kwasa bemhlaba uGwabini, waphika,
Lang’elaphum’endlebeni yendlovu,
Nyaka wumbe,
Lophum’ endlebeni yengwenya,
Unonjiyelwa,
Kulala uhlangothi lubomvu,
Ugodo olumuka namankayiya,
Langa!
Unknown
Siyabonga Mageba ngegalelo lakho,,, uqhubeke njalo usigubhele lolu lwazi
Unknown
Mna ndifuna ukuva ngoDlambula apha, andimboni evelela.
Luvuyo Belle
Unknown
it nice to know yourself in and out.thanks
Unknown
I just leant about my surname & I feel so proud of myself now.
Unknown
Singasho kanjani ukuthi singo Ndlela kaSompisi ekubeni bezwala Amabhele labo banto not ukuthi bona bazala Amabhele?
Unknown
I want to learn the mbele clan
Unknown
They might be part of your bloodline, uNdlela kaSompisi might idlozi or the other way around. Izithakazelo zibala nobuhlobana nezinye izibongo.