Izithakazelo zakwa-Khumalo
Mntungwa,
Mbulaz’omnyama,
Nina bakaBhej’ eseNgome,
Nin’ enadl’umuntu nimyenga ngendaba,
Nin’ enadl’ izimf’ezimbili ikhambi laphuma lilinye,
Lobengula kaMzilikazi,
Mzilikazi kaMashobana,
Shobana noGasa kaZikode,
Zikode kaMkhatshwa,
Okhatshwe ngezind’ izinyawo nangezimfushanyana,
UMkhatshwa wawoZimangele,
UNyama yentini yawoZimangele
Mabaso owabas’ entabeni kwadliwa ilanga lishona,
BaNtungw’ abancwaba,
Zindlovu ezibantu,
Zindlovu ezimacocombela,
Nin’ abakwaMawela owawel’ iZambezi ngezikhali,
Nin’ abakwaNkomo zavul’ inqaba,
Zavul’ inqaba ngezimpondo kwelaseNgome zahamba,
Nin’ enalukudl’ umlenze kwaBulawayo,
Mantungwa Aluhlaza,
Mantungwa Amahle,
Bantwana benkosi!
Nin’ abakwaNtokela,
Inkubele abayihlabe ngamanxeba,
Abakhule ngezinyawo ezimfishanyana nezimaqhukulwana,
Inyang’ abathe beth’ ifil’ uZulu kanti isiyetheswe,
Yetheswe ngoNyakana kaMpeyana,
UBando abalubande balushiy’ uZulu,
UNtshwintshwintshwi kaNoyanda noNdaba,
UNkone evele ngobus’ emdibini,
Maqhaw’ amakhulu!!!
Ziyatholakala izikibha ezinezithakazelo zakwa Khumalo! Fonela lenombolo: 061 868 5163 wenze i-oda lakho! t-shirt price: R200
Thola esakho isikibha, whatsapp kule nombolo: 061 868 5163
Nin’ abakwaMawela owawel’ iZambezi ngezikhali,
Unknown
Thank you for this. I am a Khumalo and izithakazelo zam' zingishaya ngaphakathi!
Unknown
nami zingishaya ngaphakathi dankie bakwethu… i'm also a khumalo wow.
Zinhle MaKhumalo...
Ngizwa kuvuka usinga. Ngiyaziqhenya ngokuba yiNtungwa elihle. Siyabonga Mageba…uyancomeka umsebenzi wakho.
loyal Ruth
ngabe lokhu kusho uku sihlobene no Gasa, Mkhatshwa ,Zikode?
Unknown
Thank u for izithakazelo zasekhaya. I did not know all of them but ke ngijabule kakhulu ukuthi ngizithole lana thank you so much…….KHUMALO MNTUNGWA MBULAZI…….
Unknown
Ngiyabonga yithi labo ngiyajabula
Mabonga Khumalo
Wamukelekile.
Unknown
ngifisa ukwazi ukuthi u Tshembeni uxhuma kanjani kuKhumalo, nginguSiyabonga Khumalo but kwi ID kuno Tshembeni. thank you.
Unknown
Thank you very much i always thought of my self as a coloured but after reading this im touch and feel connected to my zulu side more than ever….Angela Khumalo….it has a good ring to huh!
Unknown
thanks bra gladien khumalo from bushbuckridge
Unknown
Mantungwa amahle ngiyabonga
nokubonga Khumalo
thank you it so good to know your root thank you Mntungwa.
Unknown
Ngicela ukubuza ukuthi saqhamuka kanjani isibongo sethu Khumalo
Unknown
Ngixolise kwenza iphutha ngibuze ngoMbulazi, Bengifuna kubaza ukuthi thina boKhumalo asishoni kuthi Mjoli KaSinamba?
Unknown
scelo kubona uMbulazi kuthi yena ungena ngakuphi….. NguKhumalo nami
Unknown
syabonga, ngukhumalo nami kodwa khona la ngingaboni kahle khona. kuphi ukuthi Mbulazi…..
Unknown
Mbulaz'0mnyama kodwa omashobane madoda ngane zakwethu (ngyajabula mina)
Unknown
Mbulaz'0mnyama kodwa omashobane madoda ngane zakwethu (ngyajabula mina)
Unknown
im interested in t-shirt for Khumalo, where are u?
Unknown
nice one
Unknown
Niyingane Zethu abakwa Zwane nizalwa u Zikode
Mabonga Khumalo
Whatsapp 061 868 5163 wenze i-order lakho.
Unknown
siyabonga
Unknown
Awu suka madoda zasho zangishaya ngaphakathi ngiyabonga ngokuzazi izthakazelo zakwa Khumalo
Unknown
Mzilikazi ka mashobane
Unknown
Mantungwa Amahle ?✊
Unknown
AKWANDE MANTUNGWA
Unknown
Hawemaaaa! hawema hawema yaz I am so proud to be umaMtyngwa I am proud shame ngemvelaphi yami.lezi zithakazelo are so interesting, cool and funny lol. ngyabonga nje ukuthi "banqaba ukudla umlenze kwaBulawayo" maye babecabangeni vele beze bebanika umlenze ukuthi bawudle? lol lOVE YOU ALL BOMZILIKAZI NGAZE NGAJABULA.
Mbali Khumalo
qhawe
Hi how do we advertise here?
Unknown
Awu kodwa weMzilikazi ka Mashobane.. #keep calm am also from the khumalo fam.. Mmmmh I love my Surname shame… Am Makhumzy… Siyabonga
Unknown
Minake nginuKhumalo Mtungwa Zikode sanani asonalutho sonumhlambi wezinyamzane uDonda kangakanani yen'entdeni yesandla unganela. NinguMtungwa oluhlaza njenge ngcoshane. Umalala ngesi i avuke ngesi i. Nazo ke Mantungwa amahle
Unknown
Hayi ke wena dadewethu ngicabanga ukuthi banqaba ukuphakelwa wesifazane okwaBulawayo phela nina Mantungwa nizitshela kabi
Unknown
Ewe Siyabonga kakhulu Mzilikazi…..
Unknown
Wena owadla umuntu umyenga ngendaba
Unknown
We r very thnkful about t Khumalo clan n praises
Unknown
MaMtungwa amahle ngiyaziqenya ngezithakazelo zakithi ngizithanda ukubhubha.ngithi unwele olude mantungwa
Unknown
Ngicela ukubuza uKhumalo no Nkosi bahlobene ngampela yini noma izithakazelo ezifanayo futhi nakhona uMtungwa?
Unknown
Ngyabonga ngavele ngakhumvule ekhaya