izigameko zempilo

Gumbi

Izithakazelo zakwa-Gumbi

Skhende,
Jele,
Ngubo yengwe.
Somkhanda, wena owakhanda amadoda,
Wena ka-Mathumb’ayiphanyeke,
Ntongande, Mdakane,
Mehl’enkomo, Ntini,
Nozingelayo,
Ndandali,
Wena kaNgoni,
Mlotshwa!

Previous

Guma

Next

Gumede

11 Comments

  1. Ngicela ukwazi ukuthi u Phahla ogcina ebalekile kubo kwaGumbi agcine ewele uMthavuma uxhuma phi la. Ngiyazi ukuthi uyasondela la koJele. Muhle umsebenzi. Vusi Gumbi. [email protected]

  2. kuhlanganaphi uGumbi no P hakathwayo

  3. mtwana wasemvokweni,mlomo mnandi

  4. Ngicela ukwazi ukuthi umzungezi uhlanganaphi nogumbi ngoba sebeyanda abantu abazibiza ngomzungezi bethi isithakazelo lesi

  5. Khohlisa, lethwa, thambo elimanikiniki ulbamb ulququde unike injakazi,scubi kasosiwa

  6. sanibonani uNtini uhlobene noGumbi?

  7. Ngcela ukbuza ukuthi kuhlangana kanjan uPhahla uGumbi noGu
    mede??

  8. Enter your reply…uGumede wazala amawele kuthiwa kwakungabonakali ukuthi amawele elodwa lazalwa kahle kwathiwa uPhahla leli elinye ngoba lalicashile kwathiwa iGumbi…so Phahla and Gumbi ama wele azalwa uGumede

  9. Yebo uhlobene

  10. Ngicela ukubuza ugumede uyisbongo noma igama lakhe lona owazala amawele

  11. Ngicela ukubuza ugumede uyisbongo noma igama lakhe lona owazala amawele

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: