izigameko zempilo

Author: guest Page 11 of 196

Isiqondo | inkomo

Isiqondo – lenkomo inikezwa umakoti mhla ephuma ekhaya eya emzini bethi ngayo ekhaya lakhe adle asuthe angalambi.

Isiwunkulu | inkomo

Isiwunkulu – lenkomo eyohlatshwa emshadweni ihlatshelwe abesifazane.

Inhlabisamthimba |Inkomo

Inhlabisamthimba – lenkomo ehlatshelwa umthimba uma kugcagcwa.

Imbeka | Inkomo yamalobola

Imbeka – lenkomo ehlantshwa emzini ngumakoti yokujabulisa abasemzini. Lenkomo ihlatshwa emuva kwesithathi umakoti egcagcile. Isikhathi kungaba yizinyangana noma unyaka ophelele. Lenkomo ngoba ithatha isihathi ukuhlatshwa, kungaba nje yithole lenkomo.

Isibhoma | Inkomo yamalobolo

Isibhoma – lenkomo yisipho umkhwenyana asipha umakoti kuthiwa eyesidwaba sikamakoti ayosiqgoka emzini.

Isikhumba

Isikhumba – lenkomo umkhwenyana ayinika uyise kamakoti kuthiwa eyesikhumba sikamnumzane wekhaya. <

Umqholiso

Umqholiso – lenkomo eyokungeniswa kukamakoti emzini. Lenkomo ikhonjwa innxeba ngumakoti ngosuku lomshado. Umakoti uthelwa ngenyongo yalenkomo, kanti futhi umakoti akayidli inyama yalenkomo.

Inkomo kababa

Inkomo kababa

Inkomo kababa – lenkomo iyisipho umkhwenyana asipha uyise kamakoti ebonga ngokukhulisa umakoti.

Inkomo kamama | Inqguthu

Inkomo kamama/Inqguthu – lenkomo umkhwenyana ayinikeza umkhwekazi wakhe. lenkomo ikhishwa ngumkhwenyana ebonga umkhekazi ngokukhulisa umakoti kahle otholakale esayintombi nto.

Uma ubuntombi sebalahleka lenkomo umkhwenyana akayikhiphi. Lenkomo ingenkulu nebiza kunazozonke izinkomo zelobolo. Ngaphambi komshado, umakungukuthi intombi ubuntombi bayo bese balahleka, lowo owathatha izimbali zentombi uyahlawula ngenkomo okuthiwa Inkomo yohlanga.

Lenkomo ayingeni emagcekeni akamakoti, kodwa ihlatshwa ngaphandle kwegcekelakwamakoti kukhishwe inyongo, bese kuchelwa ngayo umuzi wendoda. Izintombi zesigodi zibe seziyogeza ngenyongo yalenkomo emfuleni ohambayo, zikhiphe ichilo elilethwe yilentombi esigodini sendawo.

Imvulamlomo | Inkomo yamalobolo

Imvulamlomo – lenkomo enikezwa ubaba kamkoti ekuqaleni kwezingxoxo zamalobo, ukuba akhulume nabakhongi. Lenkomo ngencane kunazozonke ezinye, kungaba nje yithole lenkomo.

Page 11 of 196

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: