izigameko zempilo

Author: guest Page 5 of 196

Umlando wakwaQwabe | Imvelaphi yabakwaQwabe

Imvelaphi yabakwaQwabe | Qwabe surname origin

Okokuqala okumele sikulungise wukuthi uQwabe akaze aphume kwaMnguni.Kukhona emlandweni oQwabe ababili, owokuqala kanye nowesibili. Ngokunjalo naboGumede babili. Ngicabanga-ke ukuthi we a ubuza ngoQwabe wesibili ozalwa nguMalandela kaLuzumane kaMnguni. Njengamanjena buhlukene ka-5 ukukhosi bakwaQwabe; abaseMthandeni, abase-Waterfall, abaseNkanini, uQwabe-P noQwabe-N(labs ababili batholakala ogwini lweKZN).

Amanye amaQwabe afudukela ogwini oluseningizima ngabakwaMakhanya. AbakwaMakhanya babehambisana namanye amaQwabe kuyiqembu elilodwa beta emcimbini omkhulu wesizwe. Uma sebrfike oThukela, lwangenisa abanye nasals ngaphesheya, bahlukana kanjaloke. Ekunqotshweni kukaPhakathwayo nguShaka, kwaba nombango esizweni phakathi kwendodana kaPhakathwayo kanyr naboyise abancane.

Ekugcineni uShaka wabeka uNqetho kaKhondlo, owabe engumnaka Phakathwayo kodwa ezalwa endlini encane. Lutheran ekukhathameni kukaShaka, uNqetho wanqaba ukukhonza kuDingane. Wafuduka njalo elibangise eMampondweni. UDingane wamlandela ngempi eyahlangana amahlandla amathathu, kuwona wonke uDingane ubeshaywa abhulelwe amahlahla.

Enye impi abatholane kuyo kwanzima, bekukwaNgcolosi ngakwaNyuswa. Nakalokhu kunendawo lapho okuthiwa kukwaNqetho eqanjwe ngalo igama laleqhawe. Umlando made mfethu, kodwa ngizoma lapho ngoba ngiyethemba ukuthi kukhona osukucoshile. Uhambo lukaNqetho nalo lwalunezigigaba eziningi esobuye sikhuluma ngazo.

UQwabe-N engiphuma kuye mina, bayinzalo kaMteli kaPhakathwayo. UMtheli uzale uNgcukuca hyena ozale uNdunge. UNdunge uzale Stephen noShiyane. UShiyane wazala uNhlanhleni(Fortunatus). UNhlenhleni uzale ubaba ongizalayo. Uma kuba esidingo siyokwenaba ngemvelaphi yazozonke lezindlu zamaQwabe engizibalile, kuhlanganisa nabakwaMakhanya.

AbakwaNkasa | Nkasa clan history

Nkasa clan history

AbakwaNkasa abakwa yisongo zensimbi.mlondo ngokulondoloza.lamula kaZwelibanzi wendabuko. Gumede kaVezi . Amawangala amakhubaluthuli. Abadle isigungu bebodwa inkosi yakubo KwaNkasa bengasayibikelanga

Okwathi lapho sebeyibikela babe sebeyibikela ngodaka. Lwandle kaluwelwa luwelwa zinkonjane zona  ziphapha phezulu. AbakwaMzondeki ngoba bazondeka ebantwini.AbakwaMpengula Josi liphuma efuthweni.

Abakwasincwada ngaphambili Kanti abanye bencwada ngengedo.

Abakwa sithokolo esimadolo mafushane sakwaMvubelo.AbaQulusi isidindi somtshiki. Inqaba kutholwa into ongeke wayithola nomakuphi.amaMbo namaMbokazana.

Sidabuka esizweni samathonga kwaQwabe.

Izithakazelo zakwa Ndlazi | Ndlazi clan

Ndlazi kaLokothwayo Swebelele Somlibo umarhog’uyababa unje ngatshongwe lomlambo, yincem’ende eyongamel’ iziziba abathi bayayibamba ayadontseka bayishiya ivele phakati kwesiziba. Ngu-Somlimokazi wena Gawuka kaMgegedla omathanga amakhulu adabula utshani bendlela. 
 wena owahlindza inkomo wede wathuth’umswane wabashiya bedla. Ngababamba umsingizane badontsisane ngawo besithi yincema. Iindlaz’anyoni edla emigxobhozweni, inyon’ emaphiko made, endiza ezingweni zoThukela. 

Oondlubu zamil’ ebubini bamadoda ngokuswel’ indawo,  omafuz’afulele okwelifu lemvula, abashwabadel’ iinkomo. Nina bakwamfaz’ obele lide omuncis’ umntwana engaphesheya koThukela. Sihlabathi soNdi noThukela ndifike besihlenga besiphalaza, nam ndasihlenga ndade ndaguzubala. 
Nina mahlahla ndlela ngokukhamba iintaba zoLundi zingenandlela nazenza indlela yokukhamb’uBhungane. Ndlazanyoni nina mabinda nkosi ngoku binda uRhadebe inkosi ingakaze yabindwa. Ndlazi phum’ ethinzini abantwana bafa kukuthuthumela. Nyoni yeSilo kaMthimkhulu omuhle onje ngeNdlazi yakwaLokothwayo wena wengwazi emnyam abayinqinde izimpondo.
 Umphuhlan’ ophuhle wavelela phezu kwamaHubi, maHlubi ‘ amahle, oomashubel’ esavela. maNgelengele anzipho zimnyama ngokuqhwayana. Bayethe thole leSilo!

Mbonani Clan Names

Izithakazelo Zakwa Mbonani 

Mlotjwa
khulungwane lekhethu lekomeni
wena owalamul’ inkunzi ezimbili zisilwa ngabe azang’ wazilamul’
ngabe zabulalana
ngulube azembelan’ embel’ enye iyaquma
umakhonze agoduke abanye bakhonza bakhonzele futhi
Mbonani wakomhlokohla, mlotjwa wakodumako
Mbonani,Nkabinde,Mayisela
Shiba Mlotjwa shiba mkhulu shiba ngetinyamatane
wena wakwa khala,wena kamancakadane inakumaKhumalo
Mfazi omabhele made wena owancelisa ingane ingaphesheya komfula
Mbonani umuhle ngezitho kodwa ebusweni babe bemnximfela
Mbonani odumanjengezulu maliyo hlasela kwabase dlum dlum

Libafazi bedube inyama

Libafazi bedube inyama

Lesi simo sokukhuluma sichaza ukubanda nokuguqubala kwezulu

Umsuka: sonke siyaz kuth mangabe kunomcimbi komakhelwane kuyaye kuze omama basize ngokuqoba imifino nangokugeza inyama, manje mangabe kwakwenzeka loyo msebenzi uqondane nesimo sezulu esibandayo omama babebikelwa makumele bayosiza ngoba phela kuyabanda beth “uban nje ongagezana nenyama kubanda kanje”

Sobohla manyosi

Sobohla manyosi : lenkulumo ijwayelekile kodwa inomsuka wayo .imuphi lowo msuka ?

Lenkulumo yashiwo uDingane kuManyosi mhla uManyosi eqembuka kuDingane eyokhonza uMpande kthiwa uManyosi wayethola izimbuzi kuMpande, kthiwa wayeyidla ayiqede nya eyedwa, kahle kahle ukusonga loku.

Ukukhomba ngophakathi

Ukukhomba ngophakathi

Kusho ukubusa imvamisa makudliwa noma kujatshulwe nje, kuthiwa ukhomba ngophakathi.

Kusukela lapho uma kudliwa inyama mhlawumbe kunomsebenzi lapho umuntu ephethe inyama, uma efuna ukukhomba into ukhomba ngomuno ophakathi. Kuyafana nokufinya ngendololwane.

Umehluko wesaga nesisho

Nanku umehluko phakathi kweSaga neSisho

A. isaga-isaga asiguquki sihlale sinjalo nje usibiza ngendlela eyodwa noma ngabe kunjani.

B. Isisho-ungakwazi ukusiguqula, isibonelo: ukugqemeka engeqiwa ntwala, ungakwazi ukuthi “ngigqemeke engeqiwa ntwala, noma uthi “bagqemeke engeqiwa ntwala”

isibonelo sesaga: isalakutshelwa sibona ngomopho, asishintshi ngisho usuthanda ngeke.

Amagama amqondofana

Inkomo-imeshe

inyama-incoso

umfana-umkhapheyana

amanzi-amandambi

inkukhu-ikhwibi

indlela-inyathuko

umuntu-umenzo

Indlu yegagu iyanetha

Indlu yegagu iyanetha-isaga lesi mazulu amahle uba ongangitshena ukuthi sisho ukuthini?

Izimpendulo:

Sichaza umuntu othanda ukusizakala noma ukukhuluma izindaba zabantu kepha ezakhe zimxaka.

—–

Sichaza ukuthu umuntu ogada okwabanye okwakhe kyamehlula.

Isibonelo: Umzali ojwayele ukukhuza noku thethisa izingane zabanye abantu njalo ezakhe ziyamehlula.

Page 5 of 196

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: