izigameko zempilo

Author: guest Page 7 of 196

Ithi ingahamba idle udaka

Ithi ingahamba idle udaka

Incazelo—kusho ukuth uma ngabe uhambile noma ungekho ngakini kumele wamukele isimo sakuleyo ndawo oyihambele ungabe usufuna izinto zenzeke ngendlela ezenzekalayo ngakini

Isibonelo—uma uzazi ukuth uynkosi ngakin(eNyukhasela) ungalindeli ukuth abantu bakuhloniphe eBergville noma bakuphathise okwenkosi.

Yini-le eth ingahamba idle udaka?

Bheka kwi khomenti yokuqala.

Izisho———-nezincazelo

1.ukupheka inyama ngomhluzi wenye—-ukuhlaba njalo

2.ukuncelisa umbele ofile—–ukukhohlisa

3.ukulala ngophondo——–ukuba sesimeni sokungakwazi ukuzisiza

4.ukuthwala——-ukuzazisa

5.ukuzizala——ukuzala ingane efana nawe.

6.ukulandela amabheka(izinkomo zamalobolo)——–ukufuza ekhabonina.

UHubhu kaBhejane

UHubhu kaBhejane.

Lana kusuke kukhulunywa ngomuntu uma eqamba amanga kuthiwa uhubhuza uHubhu kaBhejane

Umsuka: uHubhu kwakuyindodana kaBhejane isbongo kungowakwaDludla wayephila ngeskhath senkos uCetshwayo….kuthiwa uHubhu wavele wasukeleka nje wayobika ukuth abantu benkosi baphelile befa sekusele izidumbu nje esho eqamba amanga, kwasukela lapho ke ukuth umunt uma eqamba amanga kusetshenziswe lesaga.

Itshe lomelele inhlama

Itshe lomelele inhlama

Lesi simo sokukhuluma sisetshenziswa uma kukhulunywa ngokungabibikho kwento noma umuntu……

Kususelwa etsheni lokugaya

Uma ngabe kugaywa itshe lisuke lisebenza lisalele inhlama. Uma itshe lingasasetshenziswa inhlama iyomelela etsheni okusho ukuth akusekho okuyogaywa. Yingakho nomuntu mayethole kungekho bantu athi ngithole itshe lomelele inhlama.

Ukusenga ezimithiyo

Ukusenga ezimithiyo

Ukukhuluma into engekho noma ukuqamba amanga

Kusukela enkomeni uma imithi ayilukhiphi ubisi….ukuyisenga kuyafana nokwenza into engekho.

Ukuhlangana nezimbila zithutha ziholwa emhlophe phambili

Ukuhlangana nezimbila zithutha ziholwa emhlophe phambili

Incazelo: ukuhlangabezana nobungozi noma ubunzima

#umsuka: izimbila zihlala emgedeni uma zithutha zisuke zixoshwa esinye isilwane sasendle esaziwa ngokuthiwa umdlambila…..mazithutha-ke emhlophe esuke ihamba phambili esingathi inkosi yazo lapho-ke, into ezike zahlangana nayo nje ziyayilwisa, zisuke zingesabi lutho ngoba zikholelwa ekthenini abukho obunye ubunzima obundlula lobu eziphuma kubo

Impi yosongo kayilwi

Impi yosongo kayilwi

kusho ukuthi abantu ngisho abantu bangasongelana kanjani akuvamile ukuthi balwe…..baze bashayane ngezandla.

Akulahlwa mbeleko ngakufelwa

Akulahlwa mbeleko ngakufelwa

Incazelo: ukuthi wenzakalelwe yinto embi akusho ukuthi lahla ithemba.

Umsuka: imbeleko eyokubeletha umntwana, uma ngabe usufelwe abantwana akusho ukuth lahla leyo mbeleko ngoba usengabathola abanye abantwana

Ukushiselwa

Kuthiwa umuntu wesifazane akasho ukuthi uyashiselwa kufanele athi uzwela ukushisa.

mawuthi uyashiselwa kusho ukuthi ufuna indoda la.

noma igazi likuthuma elawini…kodwa ezikhathin zamanje umuntu usezikhulumela inoma ikanjan nje.

Akusilima sindlebende kwabo:

Loku kusho ukuthi noma ungaba uhlupho kanjan emphakathin kodwa abakin bayohlale bekthanda futh bakwamukele

Page 7 of 196

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: