Ukuphuma inqina kaMabuyaze
ukubuya ungaphethe lutho
inqina ibutho elalijutshwe ukuba liyofuna imfuyo labuya lingaytholanga
kaMabuya(ze)
ukubuya+ize(into engekho)
Ukuphuma inqina kaMabuyaze
ukubuya ungaphethe lutho
inqina ibutho elalijutshwe ukuba liyofuna imfuyo labuya lingaytholanga
kaMabuya(ze)
ukubuya+ize(into engekho)
Ukuthwala ngeqoma
Kusho ukuthembela entweni
iqoma yinto eyakhiwa ngotshani obuqinile ukuze ikwazi ukuphatha okuthile, yakhiwe njengomphongolo…..isetshenziswa ukuphatha izipho intombi esuke izipha isoka layo ngenhloso yokuthi iyethembela kulo lelo soka ukuth lizomuphatha kahle
isibonelo: iBafana Bafana ngiyithwele ngeqoma ngoba izobhekana neCongo koweAfrica Cup of Nations.
Iqhina liphume embizeni
kusho ukuphunyuka kwento/umuntu okade esebanjiwe
iqhina uhlobo oluthile lwenyamazane
imbiza lana kusuke kukhulunywa ngabantu abasuke belikakele bavula iskhala sokuth liphume khona bazolishaya kahle lona nje livele lingaphumi lapho lithole enye indawo libaleke.
Ukuwotha ubomvu (umlilo)
lokhu kusho ukthukuthela kakhulu kodwa uqinisele ungabonakali ukuth uthukuthele
Ukuthukuthela ugane unwabu
loku kusho ukuthukuthela kodwa ungabonakalisi.
Lokhu kufaniswe umuntu nonwabu lona olushintsha imibala.
Kungaba umuntu ozihlekisayo kodwa ngaphakathi ebe ediniwe
Kuduma uPotiyane
kuchaza ukuba sesimeni sokungaz ukuth kwenzakalan noma yin ungaz ukuth okufanele uyenze
upotiyana isilwane esindizayo estholakala ikakhulu ngasemFulen , umsindo esiwenzayo kuba engath siyaduma. Uma sidumake angeke wezwa ukth sikhala ngakuph…..ngisho usulalelisisa.
Umendo awuthunyelwa gundwane
lokhu kusho ukuth angeke waz ukuthi lapho oyogana bazokuphatha kanjan noma baphila kanjan.
Kulesi simo sokukhuluma kusetshenziswe igundwane ngoba liyisilwanyana esinyane esivame ukucasha endlin, yingakho kuthiwa angeke usithumele kuze sifike silunguze ukuth kunjan emzin bese syabuya sizok tshela……
Powered by WordPress & Theme by Anders Norén