izigameko zempilo

Author: guest Page 8 of 196

Ukuphuma inqina kaMabuyaze

Ukuphuma inqina kaMabuyaze

ukubuya ungaphethe lutho

inqina ibutho elalijutshwe ukuba liyofuna imfuyo labuya lingaytholanga

kaMabuya(ze)

ukubuya+ize(into engekho)

Ukuthwala ngeqoma

Ukuthwala ngeqoma

Kusho ukuthembela entweni

iqoma yinto eyakhiwa ngotshani obuqinile ukuze ikwazi ukuphatha okuthile, yakhiwe njengomphongolo…..isetshenziswa ukuphatha izipho intombi esuke izipha isoka layo ngenhloso yokuthi iyethembela kulo lelo soka ukuth lizomuphatha kahle

isibonelo: iBafana Bafana ngiyithwele ngeqoma ngoba izobhekana neCongo koweAfrica Cup of Nations.

Iqhina liphume embizeni

Iqhina liphume embizeni

kusho ukuphunyuka kwento/umuntu okade esebanjiwe

iqhina uhlobo oluthile lwenyamazane

imbiza lana kusuke kukhulunywa ngabantu abasuke belikakele bavula iskhala sokuth liphume khona bazolishaya kahle lona nje livele lingaphumi lapho lithole enye indawo libaleke.

Uqedile ungethole

Uqedile ungethole

Lesi simo sokukhuluma sisebenza uma ngabe umuntu esekhulume yonke into okmele ikhulunywe.

Kusukela etholen uma lincela, uma luluthole kahle ubisi ngisho usungeza uth uzosenga ngeke usathola lutho lisike seliqede lonke ubisi

Ukutshela kwezikaBhoqo

Ukutshela kwezikaBhoqo

Ukutshela umuntu kungaba izindaba zakhe ungashiyi lutho, kungaba umtshela noma amaqiniso.

Umsuka…..ibhoqo umuthi wokuphalaza, uma uphalaze ngalo uzwa ngathi isisu asisenalutho ngaphakathi

Undingasthebeni | incazelo nomsuka

Undingasthebeni

Igama leli elisetshenziswa ikakhulukazi kumuntu ongenayo indawo yokuhlala

#umsuka

Siyazi sonke ukuth uma kunikwa abantu inyama asith kunomcimbi othile……kukhona enikwa abanumzane, kukhonwa enikwa omama kukhona enikwa abafana njalonjalo… Inyama uma ngabe iphakwa ke ilethwa ngezithebe….le egcina isalile-ke igcina ingenaso isthebe sayo.

Ukuwotha ubomvu

Ukuwotha ubomvu (umlilo)

lokhu kusho ukthukuthela kakhulu kodwa uqinisele ungabonakali ukuth uthukuthele

Ukuthukuthela ugane unwabu

Ukuthukuthela ugane unwabu

loku kusho ukuthukuthela kodwa ungabonakalisi.

Lokhu kufaniswe umuntu nonwabu lona olushintsha imibala.

Kungaba umuntu ozihlekisayo kodwa ngaphakathi ebe ediniwe

Kuduma uPotiyane

Kuduma uPotiyane

kuchaza ukuba sesimeni sokungaz ukuth kwenzakalan noma yin ungaz ukuth okufanele uyenze

upotiyana isilwane esindizayo estholakala ikakhulu ngasemFulen , umsindo esiwenzayo kuba engath siyaduma. Uma sidumake angeke wezwa ukth sikhala ngakuph…..ngisho usulalelisisa.

Umendo awuthunyelwa gundwane

Umendo awuthunyelwa gundwane

lokhu kusho ukuth angeke waz ukuthi lapho oyogana bazokuphatha kanjan noma baphila kanjan.

Kulesi simo sokukhuluma kusetshenziswe igundwane ngoba liyisilwanyana esinyane esivame ukucasha endlin, yingakho kuthiwa angeke usithumele kuze sifike silunguze ukuth kunjan emzin bese syabuya sizok tshela……

Page 8 of 196

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: