Izithakazelo zakwa Xulu
makhathini,
gxabhashe,
donda wasenkweleni,
khuhla phansi njenge khowandlovu,
ntulikabongwa ubonga yena uzona umlomo,
wena owashaya phansi kwavela abantu nezinkomo,
sonkophe,sombisa
Izithakazelo zakwa Xulu
makhathini,
gxabhashe,
donda wasenkweleni,
khuhla phansi njenge khowandlovu,
ntulikabongwa ubonga yena uzona umlomo,
wena owashaya phansi kwavela abantu nezinkomo,
sonkophe,sombisa
Yozi Clan praises
gasela!
mvemve,
mthungwa!
noqobo,
ndaphukile,
gasela onenyoka!
shibase!
mqathongo,
hlatshane,
bhengu!
mntungwa,
nodlela,
mgabhazi!
nkophe ezinde ngokuqhwebana,
mancinza abancinza intombi maqede bayibuyisele esokeni, ntombi’zibuyemendweni ngokusaba ukuhlupheka,
zondi,
nonyukela owanyukela egqumeni lakwasamasama,
muntomuhle,
qhenya,
shayankomo!
yengwa,
gwamanda
sochumase
sondindi kandaba
wena owehla ngobambo wabambela umbu wamaphela nezimpukane athi amaphela uma usuhlome ukhezo sizokhotha
gwamanda omhlophe omnyama ngoba ethanda wena owehla ngotenga wabambelela qabe lafikat mumva amanye esefikile.
ugwamanda akangakanani ngoba nasentendeni yesandla uyahlala,
wena wako mthonzima pho yini sikhala ngoba niyamazi nje
AmaXhosa – Omthonyama
AbaThembu
AmaBomvana
EzamaGqunukwebe
AbeSuthu
EzamaMpondo
EzamaMpondomise
AmaMfengu (AmaMfengu ayisosizwe. Eli ligama abantu ababebaleka iimfazwe zeMfecane (1800s) ababebizwa ngayo… Kuba kusithiwa baMfenguzile, babhacile, babalekile, bayishiya imizi yabo bazokwakha kwiMpuma Koloni aquka iqela elithile kumaHlubi, amaBhele, amaZizi, amaNgwane, etc. Bathi xa befika kwelamaXhosa bathi “simfenguzile, sibaleka iimfazwe zemfecane, sicela umhlaba”)
AmaHlubi
Hlubi, Bhungane, Bhungane kaNsele, Zikode!Bhungane wenza ngakuningi, Makhulukhulu, Umkhulu Nkulunkulu kodwa awunganga Bhungane, UNkulunkulu uziqu zintathu, kodwa uBhungane uziqu zingamakhulukhulu, Mthimkhulu, Mashiya amahle, amade anjenge nyamazane, Mafuz’ afulele njengelifu lemvula, mashubel’esavela. S’goloza esimehlo abomvu esibheka umuntu kubengathi siyamujamela, Ndlubu ezamila ebubini bamadoda, Ndlubu ezamila emthondweni (kwasothondose)
Nina enindlebe zikhanya iLanga, Nina enindlebe zinhle zombili, Nina bosiba olude olungakhothami ndlwaneni kodwa kwezinde luyakhothama, Nina omagawula imithi emincane emikhulu ivele iziwele
Mahlubi amahle, MaNgelengele amahle, Nina maHlubi anzipho zimnyama ngokuqhwayana
Mashwabade owashwabadela inkomo kanye nezimpondo zayo
AmaBhaca
AmaXesibe
AbakwaZwane
Abantu bakwaZwane bangabaseMbo, okusho ukuthi bayazalana nabakwaDlamini,Ndwandwe,Shabalala,Mkhize namaHlubi. AbaseMbo babehlala bonke eNatali, okwathi abakwaDlamini Nkosi uma sebehamba bewela uPhongolo bahamba nabakwaNdwandwe, beholwa uNgwane 3, kanti kwaNdwandwe babegolwa uLanga kodwa wajika futhi uLanga wayokwakha eMagudu, kwathi uNgwane yena wakhothamela eMbilaneni endaweni yakwaNyamane eSwazini namuhla. AbakwaZwane bona kabazange basafuduka nabahlobo babo ukuya eSwazini.
Abantu bakwaZwane babizwa ngokuthi aMangwe noma eMangweni kususelwa enkosini yabo uMungwe kaZwane. Ngokududulwa izimpi zikaShaka sebatholakala kulezi izindawo;eHlobane ngaseVryheid,eMtshezi,eMnambithi,ezintabeni zoKhahlamba nakwezinye izingxenye zakwaZulu Natali, kanti bakhona naseSwazini.
Esibongweni sakwaZwane kuphume ezinye izibongo ezifana noMazibuko, Cebekhulu solo abaseMangweni bonke labo okufuze ngabe kabaganiselani ngoba bahlobene eduze.
UZwane uzale uMungwe, ozale uPhikelela, ozale uNsele(Ndabakansele) oyinkosana noVezi. UNsele nguye othathe ubukhosi wazala uZikode,ozale uNsele 2, ozale uMafu inkosana,uMthayi,uMandaba,noNqamane. UMandaba nguyena owazala isizwe sakwaMazibuko ongukhokho kwaMazibuko. UMafu kwaphuma esinye isibongo ngaye esabalekela eSwazini ngezikhathi zezimpi. UMafu uzale uMangethe inkosana, uLinda noMgabhi. UMangethe uzale izingane eziningi amadodana abalelwa ku 100, esingabala uMhlaba,uMchwayo, uNtshosho nabanye ke.
UMagethe wakha umuzi wakubo awuqambe ngokuthi kuseMpolombeni. Lomuzi wakhiwe eduze netshe ayahlala kulo uma kuqulwa amacala esizwe noma ehlola imfuyo yakhe. Ngaphambi kokuthi akhothame uMangethe ubize wonke amadodana akhe wathi awagibele etsheni lakhe kodwa ehluleka amaningi kwaba nguNtshosho owakwazi ukugibela. UMangethe wathi ke uNtshosho oyothatha ubukhosi ngemuva kwakhe. Lelotshe libizwa ngokuthi yitshe likaMangethe, kanjalo nethuna lakhe libude buduze nalelo litshe.
Amakhosi akwaZwane:
UMbango uzale
UMbambo ozale
UZwane owazala
UMungwe owazala
UPhikelela owazala
UNdabansele owazala
UZikode owazala
UNsele 2 owazala
UMafu owazala
UMangethe owazala
UNtshosho owazala
UThinta owazala
UDumisa owazala
UNkanyezi owazala
UMhlanganyelwa ozale
UNtshosho 2 obusayo.
Ohlangothini lwaseMajuba;
Kuphethe inkosi uAyanda kaNsakansaka kaNkanyamba kaThinta kaNtshosho 1.
Izithakazelo zakwaZwane:
Zwane
Mangethe
Zikode
Phikelela
Ntshosho
Nsele kaLindamkhonto!
Nina bakwaVezi!
Mangweni!
Mthanti!
Kubekhona iqhawe lakwaZwane elalizalwe eSwazini uSandlane Zwane, owayebuthwe inkosi uSobhuza 1(Somhlolo) ibutho tichele. USandlane nguyena owayehola impi kaMswati eyaya kolekelela uMawewe kaSoshangane kuliwa noMzila bebanga ubukhosi. Phela uMswati wayezalwa uThandile kaZwide manje kwabe kuyisihlobo sakhe segazi uMawewe futhi eyinkosana kaSoshangane. USandlane wakwaZwane uphinde weseka uThandile unina kaMswati ukuthi kuthathe uMacale(Ludonga2) ubukhossi ekukhothameni kukaMswati. Kwathi noma esekhotheme uLudonga enhakabusi waphinde weseka uMbandzeni ukuthi kubuse yena hhayi uMbilini. Lithe leliqhawe laseMangweni selizobulawa uMbandzeni lathi lifuna ithuna lala lingcwatshwe eceleni kwendlela. Ngempela langwatshwa eceleni kwendle lena kubo eLundzi.
Ake simusho okaMancinza kaJangeni kaMagenge kaNomashumi kaNondaba…
UBhambatha imihlane yamadoda.
ULanga libomvu phuma sikothe, kade sikothela kude emafini.
Ubuhwanqa obudabuka nenhliziyo, obunye ubuhwanqa budake nemizimba.
Usephula imithi iphekiwe endlini kwabo kwaMaPhakade.
UMdludli odle izinkomo zikaVoyizana eMgunundlovana.
UMagaduzela owabonela empunzini.
USibhekuza siliqhina.
Sibhekuzele uDlovunga eMgungundlovana.
UMdabu zehla ngamasamaniso kuMakhalana eMgungundlovana.
UMagadu kaMancinza.
UBheshu libomvu liyazenza izindaba.
Kade liwenzela amabandla namabandlana.
NoNyoniyezwe limenzele,
NoGayedwa limenzele,
NoDlovunga Mhlophe limenzele.
USifukufuku silukhakhayi lwengane yakwaMfofelwayo.
Ethe izalwa kwakubikwa, bayifunela amaqanda eziNtshe.
NoNhlangumhloshane.
UMakhathakatha emgugudu.
UManzi amnyama elangeni, phuma langa sikothe, kade sikothela kude.
USidludlulu singankomo ithwele amanzi ekhanda…
Uyibindanda! Nondaba!…
Nkwelo Major Zulu
Abakwa Khoza | NTSHINGWAYO KAMGODI KHOZA
Lona ohlezi oncike ngendlu uNTSHINGWAYO KAMGODI KHOZA, wayekhuliswe uyisemncane wakhe uMAHOLE ngemuva kokuthi uyise uMgodi/uNdlandla abulawe kuhlasela impi yeLembe.
UNtshingwayo wayengumdidiyeli omkhulu ngempi yaseSandlwana. Kwabekuluqhawe umfoka Khoza lona, wayelekelelwa uZibhebhu kaMaphitha noMavumengwane kaNdlela kaSompisi abangamasekela.
Powered by WordPress & Theme by Anders Norén