izigameko zempilo

Category: Izibongo Page 20 of 30

Izithakazelo zakwa-Khumbuza

Izithakazelo zakwa-Khumbuza

Ndosi,
Nombedu,
Nkomo kayivuswa,
Nkom’isengwa ilele,
Wayisenga imile iyakhahlela,
Squnga esihle esingahlalwa nyoni,
Siqunga esizalela amasakabula
Mkhokheleli owakhokhela isizwe ekugqilazweni,
Dubandlela!
Vico akagezanga,
Obuye nensil’emfuleni,
Ngob’ethembe ukugeza ngobisi,
Magaye ongangolwandle!

Izithakazelo zakwa-Khuluse

Izithakazelo zakwa-Khuluse

Hlongwa,
Gabhise,
Mtumaseni, Khawula,
Mdindela!

Izithakazelo zakwa-Khobeni

Izithakazelo zakwa-Khobeni

Mphemba,
Onanana boselesele, abaphumel’ eshashalazini,
Bahlangabezana nomoya nezulu,
Kwabhekwana!

Izithakazelo zakwa-Khathide

Izithakazelo zakwa-Khathide

Kubheka,
Masobode,
Wena owasobodela udlubu nokhasi,
Mgwaqo awedlul’esibayeni, ngoba kuvalwe ngamakhanda amadoda,
Mbend’ebomvu enjengetolwane,
Boya obuningi obungangenyathi,
Mbokod’ebomvu kaMagayiza esunduza abeSuthu namaNdebele,
Sicabha esihle esakhothwa izinyoni zakwaKhathide,
Sombheshane,
Makhunga, wena owakhunga izimbila emgedeni, zaphuma zingenamisila,
Nanamuhla azinawo umsila ngesimanga sikaMaKhunga,
Ndolwane,
Magonondo!

Izithakazelo zakwa-Khawula

Izithakazelo zakwa-Khawula

Hlongwa,
Gabhise, Ntombela,
Gidela, Mtumaseli,
Ntanzi!

Izithakazelo zakwa-Kheswa

Izithakazelo zakwa-Kheswa

Mnguni,
Nozulu liyasa liyasibekela,
Mngun’omuhle wakwaMchumane,
Mpofane,
Mchumane ,ngelengele,
Liyasa liyasibekela,
Nozulu, Mpangazitha,
Maqhaqhambi wezulu eliphezulu,
Izimpofana zawela uThukela nomlazane onameva,
Neza Nimachochombela njengekwindla,
USuthu Oluzalela izinja lungazalela izinzule luyahlanya

Izithakazelo zakwa-Khambule

Izithakazelo zakwa-Khambule

Mzilankatha,
Inkatha kayingen’endlini,
Yangena kubola izinkaba zabantwana,
Nina bakaNkomo zilal’uwaca,
Ezamadojeyana zilal’amankengana,
Mlotshwa,
Malandel’ilanga umaliyoshon’emaNcubeni,
Mpangazitha, Magasolo,
Nina basebuhlen’obungangcakazi,
Abadl’embeleni wenkomo kungafanele,
Kwakufanel’udliwe ngabalandakazi,
Nina bakaDambuza Mthabathe,
Nina basemaNcubeni enabalekel’uShaka naziphons’emfuleni,
Kwakhuz’abantu benifihla,
Nafik’ eSwazini naphenduk’uNkambule,
Msuthu,
Mncube onsundu ngezinyawo zakho,
Wen’oyithath’iNkosi uyibek’enhlabelweni,
Nina baseSilutshana,
Nin’enakhelana noMbunda,
Nina bakaMaweni,
Nzimande,
Mncaphayi,Shezi,
Malangatsha!

Izithakazelo zakwa-Khoza

Izithakazelo zakwa-Khoza

Mlotshwa,
Msuthu,
Mkhathini,
S’phan’abantwana,
Ndlel’ehamb’ekhaya,
Eyanqamula kwaMlandakazi,
Mancencence,
Hlabisa odlulayo,
Ngoba olele akahlatshiswa,uyidla aze ayiqede,
Wena wakaMpahl’emhlophe,
Ingaba bomvu isiyonake,
Ntshingwayo,
Mangena, Mlilo,
Skotana,Mabona,
Nomageja, Sokhabase,
Ntshamase,
Ndlandla!

Izithakazelo zakwa-Khathi

Izithakazelo zakwa-Khathi

Nandisa,
Mbende, Sotobe,
Phakathwayo, Sibiya,
Phathakahle!

Page 20 of 30

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: