izigameko zempilo

Category: Izibongo Page 22 of 30

Izithakazelo zakwa-Hlongwa

Izithakazelo zakwa-Hlongwa

Khuluse,
Gence, Shozi,
Gabhisa, Mtumasela,
Langa, Mbasha,
Wena owehla ngomzungulu wasala wabola,
Khawula!

Izithakazelo zakwa-Hlongwane

Izithakazelo zakwa-Hlongwane

Ngwane,
Masumpa,
Masenga sileka,
Nduku Zinobulongwe,
Zikhali ezingalingani nezamaxhegwana,
Nina bakaSangweni elingawelwa abafokazana liwelwa izinkonjane zasemaNgwaneni,
Sang’elibanzi elingavulwa abantukazana ngoba livalwe ngezihlangu zamadoda,
Nina bakaMatiwane,
Abaqhobosha ithole elintanga zimashumi,
Ligwalagwala lakithi elimadolo abomvu!

Izithakazelo zakwa-Hlela

Izithakazelo zakwa-Hlela

Madlula,
Kunene, Mphumela,
Maqeda kaNkani,kadabula iziziba,
Hangala,
Malakubuswa, Hlangakazi,
Nyongo yenyathi,
Mashiya amambi,
Nhlonhlonthi,
Ngcwingcwi Ezikhotha komude ngoba komfishane ziyagoba!

Izithakazelo zakwa-Hlophe

Izithakazelo zakwa-Hlophe

Samela,
Thumbeza kamyeni,
Ntombi zenda ngonyezi,
Ezabafokazana zenda ngobumnyama,
Mahlekwana,
Nina enahlek’umuntu edlula ngendlela,
Dlezi!

Izithakazelo zakwa-Hlubi

Izithakazelo zakwa-Hlubi

Dlamini,
Nkosi, Ludonga,
Mavuso!

Izithakazelo zakwa-Hlengwa

Izithakazelo zakwa-Hlengwa

Mashasha,
Nongubo, Shingweni,
Mlebuka, Sijamane,
Dumakude, Mbuyisa,
Ncokela,
Mngcenge!

Izithakazelo zakwa-Hlatshwayo

Izithakazelo zakwa-Hlatshwayo

Mhayise wakoLanga,
Ngwanya, Siyendana,
Cebisa kaMabhengeda,
Ugid’gogweni ovala emnyango ngamakhanda amadoda,
Mgogodlana,
Nina enanqoba ibuhto lakwaGob’izembe,
Ngele!

Izithakazelo zakwa-Hlabisa

Izithakazelo zakwa-Hlabisa

Ngotsha,
Mdinwa, Vilakazi,
Songiya, Somfula
Bulawayo!

Izithakazelo zakwa-Hadebe

Izithakazelo zakwa-Hadebe

Bhungane,
Bhungane kaNsele,
Zikode, Gob’izembe,
Makhulukhulu, Mehlomakhulu,
Umkhulu Bhungane,
Ziyengane eziyeng’umuntu, zimyenga ngendaba,
Mthimkhulu,
Mashiya amahle, amade anjengawenyamazane,
Mafuz’afulele njengelifu lemvula,
S’goloza esimehlo abomvu esibheka umuntu kube sengathi siyamujamela,
Ndlubu zamil’ebubini, ngoba zesab’ukwehlela,
Ingab’emhlabeni zesabani?
Nina enindlebe zikhanya ilanga,
Nina enindlebe zinhle zombili,
Nina bosiba olude olungakhothami endlwaneni kodwa kwezinde luyakhothama,
Nina bomagawula imithi emincane emikhulu ivele iziwele,
Mahlubi amahle,
Nina maHlubi anzipho zimnyama ngokuqhwayana,
Mashwabadela owashwabadela inkomo kanye nezimpondo zayo,
Ngelengele!

Izithakazelo zakwa-Gwala

Izithakazelo zakwa-Gwala

Mphephethwa
Nzimande
Khondlwane
Majiya
Khamanga
Mdlovu
Mantshinga
Ntimbane
Ngwede
Ngwevu
Jili
Ngwavuma
Sihlase
Vilakazi
Gcuma

Page 22 of 30

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: