Isici sokucwasa – umbono okhonkeliwe (futhi ocwasayo) ngobunjalo bomuntu othile (isib. abesimame, abaqhamuki, ngohlanga oluthile).
Isici sokucwasa – umbono okhonkeliwe (futhi ocwasayo) ngobunjalo bomuntu othile (isib. abesimame, abaqhamuki, ngohlanga oluthile).
Isenzo (ingxenye yenkulumo) – amagama akhomba ukuthi inhloko emshweni yenzani (isib. uyafunda, umshayeli wadonsa imoto).
Isabizwana – igama elimele ibizo, (isib. Mina, yena, zona njll.).
Ipholavuthondaba – yingxenye ehlaba umxhwele engasekupheleni kwendaba noma komdlalo.
Impindwa – yingxenye yeculo noma yenkondlo ephindwayo, ikakhulukazi ekugcineni kwalelo nalelo vesi.
Inkulumo eqondile – amagama aqondile ashiwo ngokhulumayo. Imvamisa kusetshenziswa izimpawu zokukhuluma uma kukhonjiswa inkulumo eqondile (isib. “Ngiyafa ngawe mntanekhehla,” kwasho uVelabahleke.
Inkulumo engaqondile – lapho amagama okhulumayo ebikwa ngomunye umuntu (isib. UVelabahleke wathi uyazifela ngaye).
Inkathi – isikhathi esikhonjiswa yisenzo (isib. (uyagijima) inkathi yamanje (kade egijima) inkathi edlule).
Imisho embaxa – umusho onomqondo osemqoka, kodwa ongakwazi ukuzimela wodwa, kanti futhi uneminye emincane engaphansi kwawo (isib. Indoda, ethenge imoto eyisekeni yagoduka yaya eGoli, isafuna umsebenzi).
Powered by WordPress & Theme by Anders Norén