Imisho emagatsha – umusho owakhiwe yimiqondo emibili ebalulekile yase ihlanganiswa ngesihlanganisi, (isib. Uye edolobheni futhi wathenga nekhathoni lobisi).
Imisho emagatsha – umusho owakhiwe yimiqondo emibili ebalulekile yase ihlanganiswa ngesihlanganisi, (isib. Uye edolobheni futhi wathenga nekhathoni lobisi).
Ifuzamsindo – lapha kusetshenziswa igama elimsindo walo ufana nomsindo lowo ochazwayo. Lilingisa umsindo owenziwa yinto ethile ephilayo noma engaphili. Lowo umsindo ofuze umsindo owenziwa enye into (Isib. ukubhunga kwebhungane, ukuxokozela kwamaxoxo).
Ifanamagama – yigama elibizwa futhi libhaleke ngendlela efanayo njengelinye kodwa linencazelo ehlukile (isib. ithanga, umuzi).
Ifanankamisa – lisho ukuphinda (ngokuvamile), umsindo wonkamisa abafanayo emagameni amabili noma ngaphezulu (isib. Isishosha esishoshozelayo sayoshosholozela ngakhona).
Ifanangwaqa – ukusetshenziswa kwamagama anongwaqa/umsindo ofanayo emgqeni ukuze kuvele isigqi (Isib. Isiziba sizonzo sizonzobele).
I-anekdothi – wudaba olufushane olususelwe kulokho umuntu ngokwakhe ahlangabezana nakho.
Amaqhinga okwenza – izinhlelo ezihleliwe zamasu okuzuza okuthile.
Powered by WordPress & Theme by Anders Norén