Category: Izithakazelo Page 2 of 147

Izithakazelo zakwa Nkonyeni

  • chibini
  • khanyayo
  • mbushu
  • mlisamkhulu
  • gcithi akathakathi
  • vumba lengwe nelengonyama kandindizela kamawela,siziba sicwengile kabumba ntaba kuvele inkomo
  • nontonga kazimema
  • sjaka
  • khandayo
  • dlanyeka
  • mpisi
  • nokwe
  • nduku
  • sibetho
  • mampangela
  • mvinjwa
  • magwala
  • vumba lengonyama
  • gwadzi elisilika bubuhle
  • bumba ntaba kuvele inkomo
  •  skhamanga esihle esabuya ekweneni ezinye zingabuyi
  • ndlebenhle zombini wena kasiziba esicwebile esingaphansi kwentaba ongazi angamane angene kusona kanti phakathi kunezingonyama
  • nina bengwenyenhle eya phumaesizibeni yaya phansi komthunzi wesundu ilandelwa abafazi behamba bekhala bethi ngizeke nami
  • mvinjwa kamfuku
  • nina bakasduli esamila ekujuleni kwesiziba
  • gujumashe
  • nina bakamashwamadi mfengu.

Izithakazelo zakwa Mazubane

Izithakazelo zakwa Mazubane

Matshana,Malambule,
Mshingane,Mthiya,
Onantandakubukwa njengesakabuli abanye bathi njengsnene,Obhalabhala kamancinza,
Abanye bebhala ngensela,Ogubuzela umuntu ngehemu,Mazubane,
Nyuswa onganyusi muntu ,
Dlokwe,Congobotela,
Khwani eliskwa lihlume,Mkhonto owaduma ekuseni,
Luju lwetinyosi.
Ngcobo..

By S. Mazubane!

Umlando Imvelaphi yabakwa Ximba

Umlando wabantu bakwaXimba

Abantu bakwaXimba baphuma kuNyawo owayenamadodana amaningi okwathi uma esekhotheme kwaba nombango, lawomadodana agcina-ke esedube ikhaya.

Ngokwezigaba zabeNguni abantu bakwaXimba bona bangaBaMbo Nguni yize noma sebegcine kungathi sebengabeSuthu. Lokho kwenziwa wukuthi ngesikhathi sezimpi kunengxenye yabo eyafuduka yaze yayofika ebaSuthwini kwaze kwagcina sengathi sebengabeSuthu.

Lokho kwakungesiyo into engavamile. Ziningi izizwe noma abantu ababalekela izimpi abayaye bagcine sebekhosele ngaphansi kwezibongo noma kwezizwe ezithile.

Abantu bakwaXimba

Abantu bakwaXimba abalibhekisa eBaQulusini bafika lapho bazakhela ubuhlobo nabantu bakwaZwane, kwathi abanye bona badlula bahamba njalo baze bayozinza ngakoMtshezi, babuye basuka lapho balibhekisa ngasoKhahlamba nokuyilapho kwaba nokwahlukana khona, abanye baqhubeka baze bayozinza ngakoLesotho. Kulapho-ke eLesotho lapho abantu bakwaXimba okwabe kungoMlaba, bagcina khona sebengoMolaba bejobelela u-‘O’ emuva kuka ‘M’.

Abantu bakwaXimba abasala bangaya eLesotho bona basuka bayokwakha ngaseMsunduze endaweni eyaziwa ngokuthi kuseNtendeni, eduzane naseNadi. Lapho bakhelana nabantu bakwaZondi, uhlangothi lwendlu kaNsele kaGasa kaGagashe, lapho njenganamuhla kuphethe khona inkosi uSondelani kaQalabantu. Ngesikhathi belapho-ke, abantu bakwaXimba bachumisa ukuba ngabakwaMlaba base besebesebenzisa uXimba njengesithakazelo. Namaliba okhokho babo akhona laphaya eNtembeni lapho singabala khona elikaMlaba uMabhoyi kanye nabanye.

Olunye ufuduko lwabantu bakwaXimba yilolo lapho bahamba khona bayokwakha eMkhambathini, endaweni namuhla eseyaziwa ngokuthi kukwaXimba, benabela-ke nakoKito nakwezinye izindawo. KwaXimba-ke yilapho kunendlu yobukhosi nokuyindlunkulu yabo abantu bakwaXimba.

Indlu yasEmhlabathini eNhlungwane

Indlu yasEmhlabathini eNhlungwane iphuma kuMqundane kaMabhoyi wakhona kwaMlaba nakwaXimba.

Mayezana people

BakaMayezane,
Owasidabula uMayezane wayenamakhosikazi alitshumi nambili, okwamanje sesithole amagama abantwana bakhe abathathu
UMangwanyana
UNkondo
UNjini.

UMangwanyana yena wadabula abanye okwamanje abaziwa ngokuthi ngoMahlathini. Abanye baziwa ngokuthi ngoMalaba.

UNkondo yena wadabula UTshobuta nabanye.

AbakaNjini nabo ngithemba basazovela. Nabaye futhi, ngobe ezindlini ezilitshumi nambili waphuma isizwe esikhulu kakhulu.

Izithakazelo zakwa Magwanyana

Zithini izithakazelo zakwa Magwanyana?

Sinanatelo saka Mkhulisi

Mbhele
Mthiyane
Hlangotsi loluhlata lonjengencoshane’
Mahle emabhele ngekulandzelana
Ngob’ afut’ ekhabonina
Mkhulisi

Izithakazelo zakwa Hlalukana

Hlalukana
Gasela
Mlangeni
Socolo
Sidwaba siluthuli
mabhala ngozipho abanye bebhala ngepensela
Langa libalele Swazi elihle…
MALANGENI

Izithakazelo zakwa Madolo

Madolo
Masinga singa izinyosi zivela Mpumalanga
Simbonjwana
Tswinya tswinya Maranghu
Shlangu shlangu
Shlawula barena

Sinanatelo saka Mkhulisi

Mbhele
Mthiyane
Hlangotsi loluhlata lonjengencoshane’
Mahle emabhele ngekulandzelana
Ngob’ afut’ ekhabonina
Mkhulisi

Khawula Clan Names

Khawula Clan Names | Khawula Clan Praises

Hlongwa,
Gabhise, Ntobela,
Gidela, Mtumaseli,
Ntanzi!

Page 2 of 147

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: