Mpanza
Thabekhulu,
Sandanezwe,
Nongalo,
Mavundla,
Siwela,
Dubandlela,
Soyikasi,
Mzingane,
Donda
Ziyatholakala izikibha: 061 868 5163
Mbuyisa,
Hlobose, Nobekela,
Sosingath’owasingath’ingwe nengonyama,
Nina enasuk’enhla nawela imfolozi emnyama nebomvu nithwel’imbewu ngophondo,
Jakaja!
Sokhela,
Nyon’emyama,
Eyabizwa ngekhwela yasabela yathi tshiyo,
Gqabela kavezi,
Wena ozalisa abafazi baliwe amadoda abo,
Mzukuzeli ulwandle aluwelwa luwelwa zinkonjane ezindizela phezulu,
Mpazela,
Sisho wena nkanyezi yezulu,
Mzekwa,
Galaza,
Magujwa,
Dindela!
Izithakazelo zakwa Hlazo
hlazo,
chunu,
madela!
tshaka,
nyuswa,
nokhepheyi,
gigaba!
mathethazingena,
macingwane,
khawuthetha kwerini,
Tinanatelo saka Tfomo
lukhambule!
ndabezitha!
ngcamane!
makhunga loncama!
Ndimande Clan Praises
bayeni, phondo olukhulu,
olwagwaza phansi kwaphuma inkosi yezinyamazane.
gubedela ngokugubedela umuntu nge hemu lakhe,
msunu omude mawumfishane ufuze ekhaya konini,
nina bakwankomo zingumungu zindla mabele ezabizwa ngekhwela phansi emazibukweni. ogcwensa abamhlophe nange nhliziyo abangafanelwe kufa.
Mabhodla,
Mbuyazi!
Ngiba kaMananga,
Wena owaya ngaphesheya kwezilwandle wabona abantu abazindlebe zikhany’ilanga,
Mabuya nomuntu abuye nenkunzi,
Ndunakazi!
Zwane!
Mangethe
Linda Mkhonto
Umafa avuke!
Zikode kaPhikela
UZwane akadlelanga phansi
Wadlela emkhombeni Wezinyamazane
Edla im’hlambi yezinkomo zamadoda
Ndlangashushwana ngokudla amaNdebele
Bathi uZwane udleni kwaMtambo?
Kuthiwa udle izinjana zimbili
Zigcwele umdakana!
Ntshosho!
Wena Kamafu kawalingani- angaphansi naphezulu
Ngoba aphezulu angubo ngubo!
Ntsele kaLinda kaMkhonto!
Awungilinde Ngilande Ezami
Mthanti!Nduna ngokuthwal’ isila sensele!
UNtsele kangakanani,
Ngoba nasothini lomkhont’ angahlala.
Nin’ enadlel’ encazeni!
Nin’ eniphakel’ umyeni odengeleni,
Ngoba ningabenkosi.
Zikode kaNdabansele
Mabhayi kawalingani awangaphansi nawangaphezulu
Nina bakaVezi
Owadl’ isihlahla njengengwababane!
Zwane – Phikela wengwe – Nselenduna nina base tsheni lase Ntshenteka
Zwane – Mandaba, Ukub’ uMandaba wayengehlanga phezulu saso buswa ngubani?
Zinkomo zakwaLinda ezimhlane ugcwele udaka, ezathi zidl’ubhoqo kanti ziyawuhlakulela
Ntshosho, obhukuda ezizibeni ezijulile, uma engabhukudi kwezijulile zibuya nodaka
Mangethe omakhandakhanda
Nina baseMangweni
Zikode!
Iziduko: Gatyeni
Mnywabe
Mamali
Ndondela!
Nkomo Zibomvu neNkunzi yazo
Msengana ongadliwa nazibhokhwe ezimdla ngokunyoluka zikhonyuluke!
Hewula
Dledluthi
Mfazi obelenye
Dlanza zinemali!
Ebukhosini!
Sinanatelo: GAMEDE
Magadlela, Mkholwa, Sebenzekhaya, Mbebe!
Powered by WordPress & Theme by Anders Norén