Category: Izithakazelo Page 33 of 147

Mpanza Clan Names

Mpanza

Thabekhulu,

Sandanezwe,

Nongalo,

Mavundla,

Siwela,

Dubandlela,

Soyikasi,

Mzingane,

Donda

Ziyatholakala izikibha: 061 868 5163

Mqadi Clan Names

Izithakazelo zakwa Mqadi | Mqadi Clan Praises

Izithakazelo zakwa Mqadi 

Mbuyisa,
Hlobose, Nobekela,
Sosingath’owasingath’ingwe nengonyama, 
Nina enasuk’enhla nawela imfolozi emnyama nebomvu nithwel’imbewu ngophondo,
Jakaja!

Izithakazelo zakwa Mbanjwa 

Mbanjwa Clan Names | Izithakazelo zakwa Mbanjwa 

Sokhela,
Nyon’emyama,
Eyabizwa ngekhwela yasabela yathi tshiyo,
Gqabela kavezi,
Wena ozalisa abafazi baliwe amadoda abo,
Mzukuzeli ulwandle aluwelwa luwelwa zinkonjane ezindizela phezulu,
Mpazela,
Sisho wena nkanyezi yezulu, 
Mzekwa,
Galaza,
Magujwa,
Dindela!

Hlazo Clan Names | Hlazo Clan Praises

Izithakazelo zakwa Hlazo

hlazo,

chunu,

madela!

tshaka,

nyuswa,

nokhepheyi,

gigaba!

mathethazingena,

macingwane,

khawuthetha kwerini, 

Tfomo Clan Names

Tinanatelo saka Tfomo

lukhambule!

ndabezitha!

ngcamane!

makhunga loncama!

Ndimande clan names | Izithakazelo zakwa Ndimande

Ndimande Clan Praises

bayeni, phondo olukhulu,

olwagwaza phansi kwaphuma inkosi yezinyamazane.

gubedela ngokugubedela umuntu nge hemu lakhe,

msunu omude mawumfishane ufuze ekhaya konini,

nina bakwankomo zingumungu zindla mabele ezabizwa ngekhwela phansi emazibukweni. ogcwensa abamhlophe nange nhliziyo abangafanelwe kufa.

Izithakazelo zakwa Mbonambi 

Mbonambi Clan Praises

Mabhodla,
Mbuyazi!
Ngiba kaMananga,
Wena owaya ngaphesheya kwezilwandle wabona abantu abazindlebe zikhany’ilanga,
Mabuya nomuntu abuye nenkunzi,
Ndunakazi!

Izithakazelo zakwa Zwane 

Zwane Clan Praises

Zwane!

Mangethe

Linda Mkhonto

Umafa avuke!

Zikode kaPhikela

UZwane akadlelanga phansi

Wadlela emkhombeni Wezinyamazane

Edla im’hlambi yezinkomo zamadoda

Ndlangashushwana ngokudla amaNdebele

Bathi uZwane udleni kwaMtambo?

Kuthiwa udle izinjana zimbili

Zigcwele umdakana!

Ntshosho!

Wena Kamafu kawalingani- angaphansi naphezulu

Ngoba aphezulu angubo ngubo!

Ntsele kaLinda kaMkhonto!

Awungilinde Ngilande Ezami
Mthanti!Nduna ngokuthwal’ isila sensele!
UNtsele kangakanani,
Ngoba nasothini lomkhont’ angahlala. 
Nin’ enadlel’ encazeni!
Nin’ eniphakel’ umyeni odengeleni,
Ngoba ningabenkosi.
Zikode kaNdabansele
Mabhayi kawalingani awangaphansi nawangaphezulu
Nina bakaVezi
Owadl’ isihlahla njengengwababane!

Zwane – Phikela wengwe – Nselenduna nina base tsheni lase Ntshenteka

Zwane – Mandaba, Ukub’ uMandaba wayengehlanga phezulu saso buswa ngubani?

Zinkomo zakwaLinda ezimhlane ugcwele udaka, ezathi zidl’ubhoqo kanti ziyawuhlakulela

Ntshosho, obhukuda ezizibeni ezijulile, uma engabhukudi kwezijulile zibuya nodaka

Mangethe omakhandakhanda

Nina baseMangweni

Zikode!

Gatyeni clan names | Gatyeni can praises

Iziduko: Gatyeni

Mnywabe

Mamali

Ndondela!

Nkomo Zibomvu neNkunzi yazo

Msengana ongadliwa nazibhokhwe ezimdla ngokunyoluka zikhonyuluke!

Hewula

Dledluthi

Mfazi obelenye

Dlanza zinemali!

Ebukhosini!

Gamede clan praises | Gamede clan names

Sinanatelo: GAMEDE
Magadlela, Mkholwa, Sebenzekhaya, Mbebe!

Page 33 of 147

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: