Impi isesendeni
Kuxabane abantu abazalwa umuntu (ubaba) oyedwa.
Impi isesendeni
Kuxabane abantu abazalwa umuntu (ubaba) oyedwa.
Inkonjane yakhela ngodaka
Umuntu owenza okuhle kumele abekezele ngisho kunzima angalilahli ithemba.
Isilo siyawafinyeza amazipho/izindlandla
Umuntu onamandla/ohlakaniphile ngeke umthole ehamba ezikhukhumeza ngalawo mandla nenhlakanipho yakhe.
Umkhumiso usulingene izintondolo
Okusele sekulingene abanikazi bakho
Umthente uhlaba usamila
Isimilo/ikhono lomuntu livela esesemncane
Akuvelwa kanye kanye kungemadlebe embongolo:
Abantu abaphumeleli ngesikhathi esisodwa
UNGAKHULUMI NGOBHEJANE SINGEKHO ISIHLAHLA
UNGAZIFAKI ENKINGENI SINGEKHO ISIDINGO IKAKHULUKAZI MAWNGAZI UKUTH UZOPHUMA KANJAN KULEYO NKINGA
Ithi ingahamba idle udaka
Incazelo—kusho ukuth uma ngabe uhambile noma ungekho ngakini kumele wamukele isimo sakuleyo ndawo oyihambele ungabe usufuna izinto zenzeke ngendlela ezenzekalayo ngakini
Isibonelo—uma uzazi ukuth uynkosi ngakin(eNyukhasela) ungalindeli ukuth abantu bakuhloniphe eBergville noma bakuphathise okwenkosi.
Yini-le eth ingahamba idle udaka?
Bheka kwi khomenti yokuqala.
Izisho———-nezincazelo
1.ukupheka inyama ngomhluzi wenye—-ukuhlaba njalo
2.ukuncelisa umbele ofile—–ukukhohlisa
3.ukulala ngophondo——–ukuba sesimeni sokungakwazi ukuzisiza
4.ukuthwala——-ukuzazisa
5.ukuzizala——ukuzala ingane efana nawe.
6.ukulandela amabheka(izinkomo zamalobolo)——–ukufuza ekhabonina.
UHubhu kaBhejane.
Lana kusuke kukhulunywa ngomuntu uma eqamba amanga kuthiwa uhubhuza uHubhu kaBhejane
Umsuka: uHubhu kwakuyindodana kaBhejane isbongo kungowakwaDludla wayephila ngeskhath senkos uCetshwayo….kuthiwa uHubhu wavele wasukeleka nje wayobika ukuth abantu benkosi baphelile befa sekusele izidumbu nje esho eqamba amanga, kwasukela lapho ke ukuth umunt uma eqamba amanga kusetshenziswe lesaga.
Powered by WordPress & Theme by Anders Norén