izigameko zempilo

Hadebe

Izithakazelo zakwa-Hadebe

Bhungane,
Bhungane kaNsele,
Zikode, Gob’izembe,
Makhulukhulu, Mehlomakhulu,
Umkhulu Bhungane,
Ziyengane eziyeng’umuntu, zimyenga ngendaba,
Mthimkhulu,
Mashiya amahle, amade anjengawenyamazane,
Mafuz’afulele njengelifu lemvula,
S’goloza esimehlo abomvu esibheka umuntu kube sengathi siyamujamela,
Ndlubu zamil’ebubini, ngoba zesab’ukwehlela,
Ingab’emhlabeni zesabani?
Nina enindlebe zikhanya ilanga,
Nina enindlebe zinhle zombili,
Nina bosiba olude olungakhothami endlwaneni kodwa kwezinde luyakhothama,
Nina bomagawula imithi emincane emikhulu ivele iziwele,
Mahlubi amahle,
Nina maHlubi anzipho zimnyama ngokuqhwayana,
Mashwabadela owashwabadela inkomo kanye nezimpondo zayo,
Ngelengele!

Previous

Gwamanda

Next

Hlabisa

30 Comments

  1. Hawu kodwa bo Bhungane uma sesifaka noMdali sithi nibakhulu kunaye, ngithanda ukwesaba kancane…izithakazelo zinhle ngoba zisifundisa okuthe xa xa ngezibongo, kodwa asingazixabanisi noMdali boBhungane. No MEC eKZN wesaba uNkulunkulu ngendlela ephezulu, naye angiboni uyoyithanda lendaba…ozithobayo

  2. ngaze ngajabula ngokuba umaMthimkhulu. ngyanthanda bakwaHadebe

  3. hau abantu basemzini madoda lilililili ezithoba umakoti

  4. kwaluhle kwamnandi, ngivumelana nawe Jeffrey asikho bakhulu kunoMdali… siyabonga Mageba
    Siphesihle Hadebe

  5. Find a book called Iziduko zama Hlubi read it and understand why kuthiwa umkhulu nkulunkulu kodwa awnings Bhungane.

  6. BoBhungani bomaShiyamahle anjengawenyamazani oDlubu zamila kabi ngoba zamila emthondweni . Llapho ngizwa abantu behloniphisa kanti zinjalo angazi bakubalekele lokho ngoba yikho okwakithi lokho.

  7. Jeffrey ngiyavumelana nawe. Nami ngiwuBhungane angihambisani nalokhu.

  8. Jeffrey, akuthina esiziqambile lezithakazelo kodwa sazithola sikhona. asazi ukuthi kwasukela phi.

  9. ukuthi zikuphatha kanjani izthakazelo zakithi inkinga yakho akufi muntu ngalokho,isthakazelo nje kuphela nibahle nonke MANGELENGELE

  10. Mangelengele amahle! Ndlubu ezamila kahle zakhetha ihhovisi elikhulu elingsngenwa yinoma ubani. Ngnithanda nonke Mabhungane. Sam.

  11. MaHlubi amahle,,,,Makhulukhulu,,,aibo ngyaphela lapho.engikthandayo ngani ukuthi navela eZulwini impela u Nkulunkulu unani.

  12. Makhulukhulu!! Kunjalo nje Ngelengele. Izithakazelo azishintshwa. Sizamukela njengoba zinjalo nje ngoba singagcina singasazazi kwathina imvelaphi yethu. Phambili maBhungane amahle!

  13. Molweni, ndinombuzo, I'm Xhosa and iziduko/izithakazelo zam are similar to abakwa Hadebe, isbongo sami nguNongogo instead of Hadebe thina sibiza uRadebe, singoBhungane omthimkhulu… So umbuzo wam is, are these two people related ngokwesintu?

  14. Ndlubu ezaMila ebubini bama doda! Ndlebe-zinhle zombini ezikhanya iLanga! Nina enigawula imithi emincane ngoba emikhulu ivele iziwele! Nina enashwabadela iNkomo nezi mpondo zayo!Bhungane wenza ngaku ningi!!

  15. Ndlubu ezaMila ebubini bama doda! Ndlebe-zinhle zombini ezikhanya iLanga! Nina enigawula imithi emincane ngoba emikhulu ivele iziwele! Nina enashwabadela iNkomo nezi mpondo zayo!Bhungane wenza ngaku ningi!!

  16. Mina ngazi kuthiwa Ndlubu ezamila emthondweni kaSothondose, angazi ukuthi ukuhloniphisa lunges kanjani.

  17. Sbonge mahlubi amahle abangasdidisi laba thina sondlubu ezamila emthondweni ngokuswela indawo nina base thondose nonkulunkulu mkhulu kodwa akangangabhungane ngoba ubhungane wamakhukukhuku asisho okwiyikho

  18. Sbonge bomakhulukhulu ithi ondlubu ezamila emthondwen ngoba seswele indawo nonkulunkulu mkhuku kodwa akanganga bhungane ngoba ubhungsne wamakhulu.khulu angaz bazishintshelani ngoba zimi nje kanje sebezosdukisake manje

  19. Sbonge bomakhulukhulu ithi ondlubu ezamila emthondwen ngoba seswele indawo nonkulunkulu mkhuku kodwa akanganga bhungane ngoba ubhungsne wamakhulu.khulu angaz bazishintshelani ngoba zimi nje kanje sebezosdukisake manje

  20. Ekhaya!!!

  21. Ekhaya!!!

    Nokwanda Mthimkhulu

  22. Endlini yakithi emaHlubini?

  23. Amen Amahlubi amahle

  24. Ngyambonga umdali ngokungipha isbongo esihle kanje,phambili mahlubi amahle

  25. Lilili

  26. Omakhulukhulu laba ngeke ubathinte thina sazala unkulunkulu sengisho ushembe wamanazareth

  27. Ngakengahambela eMtshezi naseMpangeni ngahlangana namakhehla akwaMtimkulu ngawabuza kabanzi ngalendaba yasemthondweni, bonaparte basebeyichaza kane, bathi uMtimkulu were namandla amakhulu kwezemithi yesintu, amandla akhe emakhulu ngalendlela yokuthi endaweni yakhe yokuthunda kwatholakala kumila izindlubu, ukubeni kwaziwa ukuthi emthundweni wendoda akumili lutho, into eyayibonakalisa ubukhulu bakhe – Kwase kubabazwa kuthiwa "Ndlubu zamila emthundweni" ngenxa talese senzakalo – eyomthondo Indiana ithanda ukungidida, Kodwa ngingayijabulela incazelo.

  28. Hadebe is zulu because in zulu the letter'R' doesn't exist and in xhosa it exists, it is the same surname just spelt differently

  29. Where can I find it…?

  30. Kuthiwa Makhulukhulu ayi Nkulunkulu. Read properly guys

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: