Izithakazelo zakwa-Kubheka
Khathide,
Masobode,
Wena owasobodela udlubu nokhasi,
Mgwaqo awedlul’esibayeni, ngoba kuvalwe ngamakhanda amadoda,
Mbend’ebomvu enjengetolwane,
Boya obuningi obungangenyathi,
Mbokod’ebomvu kaMagayiza esunduza abeSuthu namaNdebele,
Sicabha esihle esakhothwa izinyoni zakwaKhathide,
Sombheshane,
Makhunga, wena owakhunga izimbila emgedeni, zaphuma zingenamisila,
Nanamuhla azinawo umsila ngesimanga sikaMaKhunga,
Ndolwane,
Magonondo!
Unknown
MFOWETHU THINA SITHI"MBENDE"BOMVU EHAMBA NOMHLAMBI"HHAY "MBOKODO NGICELA UKUBA UKE UNGICHAZELE UKTHI KUQHAMUKAPHI LOKHO OKUSHOYO
Unknown
umlando wakwa KUBHEKA
Zenzele kubheka
Mgongqo kawuvali esibayeni ngoba kuvalwe ngamakhanda amadoda
Unknown
We said khathide
Unknown
Kanti kungani zingafani izithakazelo zakwa kubheka, sengididekile Mina manje ukuthi ngiwela kusiphi?