Izithakazelo zakwa-Luthuli
Mshibe,
Madlanduna,
Abadl’insikazi belambile,
Ngoze ngikwenze owangenza khona,
Nina eningawadl’amasi ningawanikiwe,
Nesab’amas’ehla ngendololwane,
Nina bakwaMashiza,
Ndlwan’enhle,
Sigencagenca mbaz’ebukhali,
Malal’aqhamuke ngezansi,
Zingwazi ezidla inyama abanye bedl’inyamazane,
Mavel’enkomeni abanye bevel’ebantwini,
Luthuli lwezinkomo,
Mshibe kaNonopha,
Mshibe kaMakhiph’inj’efukwini kuzalele yena,
Donda!
Unknown
AWU EZAKITHI KE LEZI
Unknown
Ezakithi ke lezinto
Unknown
Ohhe lapho ngbathanda, yibo abanglethela uMawami oMshibe kaNonopha oNdlwananhle but ke engikbonayo nje ukuthi benziphutha mebethi "indlwana enhle" yey umuzi omuhle lo wema aybo bahle bahle bahle oMadlanduna lol mmmncwah ngyabonga ngezthakazelo.
Unknown
lol that was uMbali Khumalo kaMaLUthuli.
Unknown
Eng'ngakujabulela yikuthi kwenzeka njani abanye o-Luthuli kube amaHlubi bese mabezibonga bethi; Mthimkhulu, Bhungane, Sothondoshe, Mashiya amahle…. mese beqhubeka
Unknown
Bo Ndlwanenhle.
goodenough
Kunjalo njr omadlanduna
goodenough
Kunjalo njr omadlanduna