izigameko zempilo

Mbhele

Izithakazelo zakwa-Mbhele

Godide,
Mphemba,
Ntuli,
Ndlela kaSompisi,
Sothole,
Gudukazi uyiNcwayo,
Khuboni,
Sompisi owaphemba ngamakhand’amadoda,
Abanye bephemba ngomlilo,
Nina base Lenge,
Enabonakala ngefu lezintuli,
Kwabe kunguSompisi kaGuqa, kaMasalela,
Mazimuzimu enidla’abantu,
Mgwabini wemikhonto,
Umahlatshwa ebuhleni njengethole,
Umagaju njengengwe,
Inhlangu eyeqa iphindaphinda,
Umanxeba angamanxuluma,
Kwasa bemhlaba uGwabini, waphika,
Lang’elaphum’endlebeni yendlovu,
Nyaka wumbe,
Lophum’ endlebeni yengwenya,
Unonjiyelwa,
Kulala uhlangothi lubomvu,
Ugodo olumuka namankayiya,
Langa!

Previous

Mbanjwa

Next

Mchunu

7 Comments

  1. Siyabonga Mageba ngegalelo lakho,,, uqhubeke njalo usigubhele lolu lwazi

  2. Mna ndifuna ukuva ngoDlambula apha, andimboni evelela.

    Luvuyo Belle

  3. it nice to know yourself in and out.thanks

  4. I just leant about my surname & I feel so proud of myself now.

  5. Singasho kanjani ukuthi singo Ndlela kaSompisi ekubeni bezwala Amabhele labo banto not ukuthi bona bazala Amabhele?

  6. I want to learn the mbele clan

  7. They might be part of your bloodline, uNdlela kaSompisi might idlozi or the other way around. Izithakazelo zibala nobuhlobana nezinye izibongo.

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: