izigameko zempilo

Mhlongo

Izithakazelo zakwa-Mhlongo

Makhedama,
Soyengwase,
Nina bakaBhebhe kaMthendeka,
Nina bakaSoqubele onjengegundane,
Nina baseSiweni,
KwaMpuku yakwaMselemusi,
KwaNogwence webaya,
Dlomo weNdl’ende,
Sihlangu samavaka seswel’ababhemu,
Wen’owalala nomunw’endunu, wavuka wawuncinda wawukhomb’ilanga,
Makhul’emini abafokazana bekhul’ebusuku,
Zingwazi zempi yakwaNdunu,
Njoman’eyaduk’iminyakanyaka,
Yatholakal’onyakeni wesine,
Yabuye yatholakala ngowesikhombisa,
Langeni,
Owavel’elangeni!

Previous

Memela

Next

Mkhize | Izithakazelo

21 Comments

  1. Sawubona Mandiana, jut ukuqonda nje…abanye bathi oMhlongo bango Bhebhe kaMthendeka; yena owabhebhele intombi etsheni ngoba esab amazolo, njalo-njalo…kuhluka nini uma unalo ulwazo? From u Luther Mkhize(Nzama)

  2. not complete

  3. ukulala nomunwe endunu ai cha amanga

  4. Aziphelelanga izithakazelo zakonjomane

  5. then can you please complete it

  6. Yaduka iminyakanyaka yatholakala ngowesinti

  7. Kanti yaduka kangaphi injomane uma izotholakala ngowesine iphinde itholakale ngowesikhombisa?

  8. For sure lezizithakazelo azibhalwanga umuntu wakwa Mhlongo coz I can pick so many incorrect things la, phela ngingowakhona

  9. Bafaka izinto ezingekhokho wena mft, babulala umlando

  10. Bayasidida singomakot bako Njomane sizothopha obaba ngamanga sihlabgane nezimbila zithutha

  11. Bayasidida singomakot bako Njomane sizothopha obaba ngamanga sihlabgane nezimbila zithutha

  12. Lezi zithakazalo azibhalwanga umuntu wakwaMhlongo

  13. Can someone please help…angisati sinanatelo saka mhlongo. Ngisitukulu sakhona please help

  14. 0810600333 SA number on WhatsApp also

  15. Uqinisile wena kaBhebhe zabhalwa yivezandlebe noma ishangane elathenga isbongo sethu siwoMakhedama oSeyengwase , bahlulwa yini ukubuza kithi bakhona agga iyanginyanyisa lento buka nje uhlulwa ngisho ukuthi singabaseMhlathuze sis. From Njomame umfowabo wenkosi yabaHlongo eNdulinde Mandeni

  16. Is mshengu part of njomane ?

  17. Ayy ukulala nomunywe endunu okwaka Mathonsi akungeni lana

  18. Cela ukubuza kuthi zithini angzazi zonke

  19. Kkkkkk umunwe endunu.akaze ngihleke kanje????

  20. ake nisiphe izithakazelo eziqondile ezakoNjomane ukuze singagcine sesidlulisa ulwazi okungelona iqiniso

  21. Amanga lawa abhalwe yilomuntu

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: