Isisombululo | Yini Isisombululo

Isisombululo – uma inkinga noma isimo esinzima sendaba, somdlalo noma senoveli sixazululwa.

 

Isiqalo | Yini iziqalo?

Isiqalo – izinhlamvu ezisetshenziswa ekuqaleni kwamagama, eziletha izincazelo ezithile (isib. umu-ntu/aba-ntu, ulu-thando, ubu-thongo).

 

Isijobelelo | Yini isijobelelo?

Isijobelelo – izinhlamvu ezifakwa ekugcineni kwamagama, eziletha incazelo ethile emagameni, (isib. isikhukhukazi, inganyana, emlonyeni, njll).

Isihlonipho | Yini isihlonipho?

Isihlonipho – igama noma inkulumo ekhomba inhlonipho kunokuthi kusetshenziswe eliqondile (isib. inkosi ikhotheme/ubaba usuthi, kunokuthi, ishonile/udakiwe).

 

Isifaniso | Yini isifaniso?

Isifaniso – indlela engaqondisi yokuqhathanisa izinto kusetshenziswa amagama anjengo ‘fana’ noma ‘njenga’ (Osopolotiki bafana nezinkunzi ethelwe ngezibonkolo, Uthule njengalamagundane asesontweni).

 

Isigqi | Yini isigqi?

Isigqi – imisindo ehlelekile ngokufanayo futhi enephethini eliphindwayo (isib. izinhlamvu ezigqizelelwayo nezingagqizelelwa).

 

Isici sokucwasa

Isici sokucwasa – umbono okhonkeliwe (futhi ocwasayo) ngobunjalo bomuntu othile (isib. abesimame, abaqhamuki, ngohlanga oluthile).

 

Isenzo | Yini Isenzo?

Isenzo (ingxenye yenkulumo) – amagama akhomba ukuthi inhloko emshweni yenzani (isib. uyafunda, umshayeli wadonsa imoto).

 

Isabizwana

Isabizwana – igama elimele ibizo, (isib. Mina, yena, zona njll.).

 

Ipholavuthondaba

Ipholavuthondaba – yingxenye ehlaba umxhwele engasekupheleni kwendaba noma komdlalo.

 

Page 17 of 196

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: