Impindwa | Yini Impindwa?

Impindwa – yingxenye yeculo noma yenkondlo ephindwayo, ikakhulukazi ekugcineni kwalelo nalelo vesi.

 

Inkulumo eqondile | Yini Inkulumo eqondile

Inkulumo eqondile – amagama aqondile ashiwo ngokhulumayo. Imvamisa kusetshenziswa izimpawu zokukhuluma uma kukhonjiswa inkulumo eqondile (isib. “Ngiyafa ngawe mntanekhehla,” kwasho uVelabahleke.

Inkulumo engaqondile | Yini inkulumo engaqondile

Inkulumo engaqondile – lapho amagama okhulumayo ebikwa ngomunye umuntu (isib. UVelabahleke wathi uyazifela ngaye).

 

Inkathi | Yini inkathi?

Inkathi – isikhathi esikhonjiswa yisenzo (isib. (uyagijima) inkathi yamanje (kade egijima) inkathi edlule).

 

Indida | Yini indida?

Indida – yindlela yokwakha imiqondo emibili kokushiwoyo okungenza ukuba umlayezo ungezwakali kahle uma kwenziwe iphutha ekuwulandeleni (isib. e.g. Lona uyahambahamba).

 

Imisho embaxa | Yini imisho embaxa?

Imisho embaxa  – umusho onomqondo osemqoka, kodwa ongakwazi ukuzimela wodwa, kanti futhi uneminye emincane engaphansi kwawo (isib. Indoda, ethenge imoto eyisekeni yagoduka yaya eGoli, isafuna umsebenzi).

Imisho emagatsha | Yini Imisho emagatsha

Imisho emagatsha – umusho owakhiwe yimiqondo emibili ebalulekile yase ihlanganiswa ngesihlanganisi, (isib. Uye edolobheni futhi wathenga nekhathoni lobisi).

 

Ihaba | Yini ihaba?

Ihaba – ukwandisa ukuze lokho okukhulunywa ngakho kuzwakale kukukhulu ukwedlula lokho okushiwoyo, (isib. wangithi gidlabezi ngentabakazi yendishi enezibiliboco).

 

Ifuzamsindo | Yini Ifuzamsindo

Ifuzamsindo – lapha kusetshenziswa igama elimsindo walo ufana nomsindo lowo ochazwayo. Lilingisa umsindo owenziwa yinto ethile ephilayo noma engaphili. Lowo umsindo ofuze umsindo owenziwa enye into (Isib. ukubhunga kwebhungane, ukuxokozela kwamaxoxo).

Ifanamagama | Yini Ifanamagama

Ifanamagama  – yigama elibizwa futhi libhaleke ngendlela efanayo njengelinye kodwa linencazelo ehlukile (isib. ithanga, umuzi).

 

Page 18 of 196

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: