Ifanankamisa – lisho ukuphinda (ngokuvamile), umsindo wonkamisa abafanayo emagameni amabili noma ngaphezulu (isib. Isishosha esishoshozelayo sayoshosholozela ngakhona).
Ifanankamisa – lisho ukuphinda (ngokuvamile), umsindo wonkamisa abafanayo emagameni amabili noma ngaphezulu (isib. Isishosha esishoshozelayo sayoshosholozela ngakhona).
Ifanangwaqa – ukusetshenziswa kwamagama anongwaqa/umsindo ofanayo emgqeni ukuze kuvele isigqi (Isib. Isiziba sizonzo sizonzobele).
I-anekdothi – wudaba olufushane olususelwe kulokho umuntu ngokwakhe ahlangabezana nakho.
Amaqhinga okwenza – izinhlelo ezihleliwe zamasu okuzuza okuthile.
Amagama aphikisanayo – yigama eliphikisa elinye kulolo limi (isib. khala – hleka).
Amagama amqondofana – yigama elinencazelo efanayo noma ecishe ifane nelinye olimini olulodwa (isib. nona kanye khuoluphala).
Amabizoqho – amagama abantu, izindawo kanye nezinhlangano, kanti futhi athatha oFeleba uma ebhalwa, (isib. uJohn Dube, i-University yaseWitwatersrand).
Amabizo wokungabonwa – amabizo okungabonwa ngamagama anjengo: uthando, ukubhuqa, inkolo okwehlukile kulawo abonwayo njengalawo amele abantu, izindawo nezinto.
Powered by WordPress & Theme by Anders Norén