Nkosi
Dlamini Hlubi
Ludonga LaMavuso
Abay`embo bebuyelela
Sidwaba sikaLuthuli
Wena esingangcwaba sibuye noMlandakazi
Abawela lubombo ngekuhlehletela
Nina baSobhuza uSomhlolo
Umsazi kaSobhuza
Mlangeni
Nina bakwakusa neLanga
Nina bakwaWawawa
Lokothwana
Sibalukhulu
Nina beNgwane
Nina besicoco sangenhlana
Nina beKunene
NdingumaMyirha,
uZiyeka,
uSampu,
uHala
Inkaba iseCala kuBhompasi kwaBhobho!
Latha!
Cwazibe
Nondaba!
Mbetheleli
Mfaz’omabele made owancelis’umntwan’engaphesheya komfula
wena wako choboz’umhlanga kuvelindlela!
Ngcongo
Dzinisa ngengeni umsana wenyama ungabona kuthunya kuphekiwe umuntu ne mbogodo kodwa kuvuthwa imbogodo umuntu wangavuthwa!
Shabangu Clan name | Shabangu clan praises
Shabangu!
Gama!
Mbhele!
Dlangamandla kwaboSothole
Mbhele oluhlaza njengenxoshana
Mdluli ngokudilizizindlovu.
Phewa
Mthembu!
Mvelase!
Wena owavela eNyandeni!
Qhudeni!
Gqigqizela!
Shongela!
Izithakazelo zakwa Mzobe | Mzobe clan names
Mzobe,
Ngcolwane,
Phohla,
Walawala,
Khinibe,
Hlekani ,
Nongoza omuhle,
Jojwane,
Bhidi,
Malala,
Zembe libomvu,
Majilane
sombude,
inyoni ephuza kwezinde iziziba, ithi iyaphuza kwesifishanelinqundeke umlomo,
wena owafundis’abant’uk’hleka bengakwazi bethi amazinyo zingcili,
u thangana,
welinjani,
fundisa,
lamula…
nina bakantinta,
nina bakabonisa ,
fundisa,
umlenze bomvu yommbili,
unombika.
uthongola ngesithodlwana,
nina enathenga ulaka ngethole.
udlangamandla,
usambula nkungu kuvele ilanga:
umnisi wemvula,
khumbuza,
nina basemvuleni,
phela thina sancengwa inkosi udumehlezi ukuthi sinise imvula, ngoba sasigcono. sisengcono namanje;
singojokozela,
ndinisa,
nina enakhishwa ngenoni emgodini,
nongoza omuhle,
malala nomunwe endunu…….wavuka kwachins’ilanga
nina bakamlamula nkunzi, ziyeke zibulalane……
sojoli
qhudeni
nina bakanomaphela
nyanga kayidl’umuntu imudla ngoba eseyinyathele
umaqabul’intombi isal’imamatheka
nina bakasonyangisa,
baka nongameyana,
baka nodlulayihlinzwa,
nina baka qgam njengamalangabi,
nina baka xoki, baka ndukembana
baka ncaphayi unogwaja ovikel ikhanda kuphela
Mgojo
kaMbongwa
kaKhoza
kaMbuyisa
kaSondisa
kaMvemnyama
Amangelengel’amade kaNkob’aziphekwa livila ziphekwa ngukhuthala!