Ubuhle bezwe

izigameko zempilo

Nkala clan praises

Nkala clan

Nkala
Mlotshwa
Vumisa
Mphanjane
Sitsh’esihle esidlela amasi nenyama
Intombi engagananga kwaNkala iyozala inkamba ngamadodlwana.
Nina ababhala ngosiba abanye bebhala ngepensela.

Abakwa Ngongoma

Abakwa Ngongoma | Izibongo zakwa Ngongoma

AbakwaNgongoma ngenye yezindlu zakwaNgcobo. Abantu bakwaNgcobo badatshulwa nguVumezitha, uyise kaNgcobo noMkheshane.

Laba bantu bakwaNgongoma bayatholakala laphaya eMsunduze eNdwedwe.

Ukwelamana kwabo!!

UVumezitha wazala uNgcobo.

UNgcobo wazala uDingile

UDingile wazala uNyuswa….uZonga… UGasela….uXhoko kanye noNgothoma.

AbakwaNgongoma baphuma kuGasela owazala uNombika.

UNombika wazala uNdaba.

UNdaba wazala uMashiza owazala uMavela.

UMavela wazala uBhofungane owazala uMafongosi..

UMadfongosi wazala uSiphandla.

USiphandla wazala uMbozane

Izithakazelo zakwa Ngongoma

Izithakazelo zakwa Ngongoma

Mapholoba,
Nyuswa,
Fuze, Mavela,
Mafuz’afulele njengefu lemvula,
Mashiya amahle ngath azoshumayela,
Dambuza, Mthabathe,
Mabhala ngozipho abanye bebhala ngepensela,
Malal’efake umunwe endunu,
Avuke ekuseni awuncinde akhombe ilanga,
Mavulankungu kuvel’ilanga,
Sididane,
Ngongoma,
Maqadi amakhulu,
Mbili!

Xesibe Iziduko

Izithakazelo zakwa-Gasa

Izithakazelo zakwa-Gasa

Msomi,
Gasa, Meyiwa,
Thabela, Vezi,
Nophacwa,
Wena owaphica Umfazi kwasa ekuseni kwazekwa indaba,
Onondabula zixuku zakoNdwandwe,
Wena owehla ngomzungulu wasala wabola,
Mndayi!

Izithakazelo zakwa-Gatsheni

Izithakazelo zakwa-Gatsheni

Ndlovu,
Boya benyathi, obusonga busombuluka,
Mpongo kaZingelwayo,
Nina bakwaNdlovuzidl’ekhaya, ngokweswel’abelusi,
Zaze zeluswa intombi uDemazane,
Nina bakwaKhumbul’amagwala,
Nina bakwaDemazane Ntombazana,
Nina bakwaS’hlangu sihle,
Mthiyane,
Ngokuthiy’amadoda emazibukweni,
Nina bakwaMdubusi!

Izithakazelo zakwa-Gobhozi

Izithakazelo zakwa-Gobhozi

Nyuswa,
Ngcobo,
Fuze!

Izithakazelo zakwa Gumede

Izithakazelo zakwa-Gumede

    Mnguni,
    Qwabe,
    Mnguni kaYeyeye,
    Osidlabehlezi bakaKhondlo kaPhakathwayo,
    Abathi bedla, babeyenga umuntu ngendaba
    Abathi “dluya kubeyethwe”,
    Kanti bahlinza imbuzi, Bathi umlobokazi ubeyethe kayikhuni,
    Sidika lolodaba,
    Phakathwayo!
    Wena kaMalandela,
    Ngokulandel’ izinkomo zamadoda,
    Amazala-nkosi lana!
    Mpangazitha!

Izithakazelo zakwa-Hlatshwayo

Izithakazelo zakwa-Hlatshwayo

Mhayise wakoLanga,
Ngwanya, Siyendana,
Cebisa kaMabhengeda,
Ugid’gogweni ovala emnyango ngamakhanda amadoda,
Mgogodlana,
Nina enanqoba ibuhto lakwaGob’izembe,
Ngele!

Izithakazelo zakwa-Hlophe

Izithakazelo zakwa-Hlophe

Samela,
Thumbeza kamyeni,
Ntombi zenda ngonyezi,
Ezabafokazana zenda ngobumnyama,
Mahlekwana,
Nina enahlek’umuntu edlula ngendlela,
Dlezi!

Page 39 of 196

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: