Ukuthukuthela ugane unwabu

Ukuthukuthela ugane unwabu

loku kusho ukuthukuthela kodwa ungabonakalisi.

Lokhu kufaniswe umuntu nonwabu lona olushintsha imibala.

Kungaba umuntu ozihlekisayo kodwa ngaphakathi ebe ediniwe

Kuduma uPotiyane

Kuduma uPotiyane

kuchaza ukuba sesimeni sokungaz ukuth kwenzakalan noma yin ungaz ukuth okufanele uyenze

upotiyana isilwane esindizayo estholakala ikakhulu ngasemFulen , umsindo esiwenzayo kuba engath siyaduma. Uma sidumake angeke wezwa ukth sikhala ngakuph…..ngisho usulalelisisa.

Umendo awuthunyelwa gundwane

Umendo awuthunyelwa gundwane

lokhu kusho ukuth angeke waz ukuthi lapho oyogana bazokuphatha kanjan noma baphila kanjan.

Kulesi simo sokukhuluma kusetshenziswe igundwane ngoba liyisilwanyana esinyane esivame ukucasha endlin, yingakho kuthiwa angeke usithumele kuze sifike silunguze ukuth kunjan emzin bese syabuya sizok tshela……

Ubude abuphangwa

Ubude abuphangwa

lokhu kusho ukuth uma uyingane ungajaheli izinto zabantu abadala.

Linda nawe iskhath sakho soze sifike…siyafana nalesi esith ungaphangi umdaka izulu lingakani

Ukungapholisi amaseko

Ukungapholisi amaseko

Lokhu kusho ukungabe usakwaz ukulinda uvele wenze nje into

Amaseko amatshe okuseka ibhodwe eziko ukuth lingawi, uma kuqedwa kupheka asuke esashisa, kufanele alindwe aphole bese ayasuswa(loko ukuwalinda yikho ukuwapholisa)

Kayikho impunga yehlathi | incazelo

Kayikho impunga yehlathi

kusho ukuth ngisho noma ungahlale uphumelela ezenzwen zakho ezimbi kodwa ngelinye ilanga uyotholakala

impunga umuntu osemdala

#ihlathi lana kukhulunywa ngezenzo ezimbi(zobumnyama), ukuth akekho umuntu ongenza izinto ezimbi aze abe mdala ngelinye ilanga uzoshintsha

Zimbiwe insele

Zimbiwe insele (izinyosi)

Lokhu kusho ukuthola into okade uth uyoyenza uthole sebekwenzele noma sebekulungisele…..njengokuth uth uyokweba umoba uwthole vele usulele okwakho nje ukuth uwthathe

Insele uhlobo lwenyamazane oludla amakhekhe ezinyosi liwamba abe maningi lidle lishiye ofikayo ke useyozitaphela asho nokusho ukuth “zimbiwe insele”

Elisuka muva likholwa izagila

Yini le ekholwa izagila, hlaziya.

Ithendele! Uma ulokhu uthandabuza kube kumele wenze isinqumo…. uzidonsela amanzi ngomsele!

Zidlana imilala

Ongaphansi Ongaphezulu Kuyehluliswa Ayibonakali Eyogob’Uphondo

Awubuzanga elangeni | isisho

Lesisisho sibalula ukwehluleka ukugwema ingozi, okanye ukubona umphemula wokwenza.

Ilanga emandulo namanje, lingumkhombandlela. Umuntu ubheka kulo ukuqinisekisa ukuthi usahamba ngendlela abeyihlelile.

Page 9 of 196

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: