izigameko zempilo

Tag: izibongo

Izithakazelo zakwa Hlanguza

Izithakazelo zakwa Hlanguza

Izizwe ezabekwa isilo uShaka KaSenzangakhona

Into eyenza kubenokuphikisana okukhulu kangaka phakathi kwabaNguni wukuthi kunezizwe ezabekwa nguShaka. Ngingenza isibonelo ngoNqetho.

Emva kokuba us haka enqobe uPhakathwayo kwaQwabe, wabeka uNqetho ozalwa ezindlini ezincane kwaQwabe.

Ngenxa yolwazi olufishane ungathola abantu bakwaNqetho abanye bengasazi ukuthi bangaMaQwabe, abaNguni.

Uzwe umuntu ephika ukuthi bavela kwaGumede, Mnguni kaYeyeye kodwa angakwazi ukusho umlando wesibongo sakhe before uShaka.

Umlando kaYeyeye, Gumede, Mnguni,njll, usukela emuva kuIshmaela kaAbraham. Baningi asebaphuma kulolozalo bagcine nabo sebenomlando wabo ongasamfali uGumede noMnguni noQwabe.

Noma bengasabafaki labokhokho babo ezithakazelweni, lokho akuwuguquli umlando wokuthi bayinzalo yakhona. Esinye isbonelo ngesabantu bakwaZulu.

NgamaNguni oZulu kodwa abanye babo abasamfaki uGumede noMnguni yize bezalwa khona. Abanye babethi noma sebehlubukile noma bagxoshwa emndenini ngezizathu ezithize bangakulibali ukuqhubeka negama likaMnguni ongukhokho wabo.

Kukhona ngisho abayisende likaKhondlo kaQwabe(okungesiwo umlando omdala kakhulu), asebekulibele ukuthi baphumaphi. UKhondlo wayenabafazi abaningi kanye nezingane eziningi.

Esinye isibonelo ngabantu bakwaMzimela, kuvelaphi ukuthi uMnguni ovela olwandle? Uma uthi indabuko yabo bakhe eMpangeni, uyazi yin I ukuthi leyondawo (Ongoye) bekungeyakwaQwabe? Abantu baseMazimeleni babekwa nguShaka kuleyondawo ngoba ingasenamuntu. Abantu bakwaQwabe babeyishiye kudala, engakazalwa noShaka lowo, sebethuthela eMthandeni.

Nabo abaKwaQwabe, akusibona bonke abathuthela eMthandeni. Ngakho-ke ukuthi “uQwabe ovela eMthandeni” yisisho nje, not isthakazelo. Emthandeni yikoMkhulu labantu bakwaQwabe kulesikhathi samanje.

OGumede, Qwabe, Mnguni, abanamncele, lonke izwe ngelabo.

Ndwandwe clan | Izibongo

KwaNdwandwe kuzalwa uMngcwanga
UMngcwanga uzala uFekhaya
Isizukulwane sakhe uNhlekela noZwana noPhakathi

UNhlekela uzala uMsane
UZwana azale uMzimela
UPhakathi azale uMfeka

UMsane noMzimela kanye noMfeka yinto eyodwa ngimile kulelo.
UNtaka uqale eZaphowane ngokudla izintaka labo bangabakwaMzimela.

uMfeka no Gumede bahlobene na?

Imibono yabalandeli yale-blog

UMfeka wayezalwa uGumede kuyindodana endala,wabe eseshiyelana ugwayi nodadewabo wambamba oqitsheni uGumede wanengwa washaya uMfeka waze wamphosa olwandle.

Emva kwezinsukwana waya olwandle uGumede lapho amphose khona wafike washisa inoni kusenjalo memfu uMfeka ehlamba emanzini olwandle eza kuGumede,wabe esethi uGumede:isenzo osenzile sibi njengoba uzimelele ngomsila kudade wenu ngakho-ke awusesuye uMnguni kaYeyeye usungu Mnguni wasolwandle njengoba uphume olwandle nje zimele.Savela kanjalo ukuthi singabase Mazimeleni sizimele.

Umfeka,Mzimela yinto eyodwa yibo kuphela uMnguni wasolwandle.uma uthi Mnguni usuke ungakasho lutho.

Mina ngatshelwa uMkhulu wathi singaganwa kwa Gumede akusibo abakithi

Khanyi Clan Names | Khanyi clan praises

Khanyi,
Msuthu,
Mwelase, 
Ongaweli ngezibuko,
Owela nge zimpambosi zomfula,
Isigejan’ esemba sembula,
Wen’ ophaphela phezulu,
Msunywa’ ozimpumpuluzwana,
Msuthu ka Nciza,
Msuthu ka Sidiyanekazane,
Msuth’ owesab’ ukwesoka,
Msuthu wasomponjwana,
Wen’ oway’ eLenge wabuyelela,
Wena wakwa mabele made,
Msuthu

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: