Tag: Izithakazelo Page 1 of 27

Izizwe ezabekwa isilo uShaka KaSenzangakhona

Into eyenza kubenokuphikisana okukhulu kangaka phakathi kwabaNguni wukuthi kunezizwe ezabekwa nguShaka. Ngingenza isibonelo ngoNqetho.

Emva kokuba us haka enqobe uPhakathwayo kwaQwabe, wabeka uNqetho ozalwa ezindlini ezincane kwaQwabe.

Ngenxa yolwazi olufishane ungathola abantu bakwaNqetho abanye bengasazi ukuthi bangaMaQwabe, abaNguni.

Uzwe umuntu ephika ukuthi bavela kwaGumede, Mnguni kaYeyeye kodwa angakwazi ukusho umlando wesibongo sakhe before uShaka.

Umlando kaYeyeye, Gumede, Mnguni,njll, usukela emuva kuIshmaela kaAbraham. Baningi asebaphuma kulolozalo bagcine nabo sebenomlando wabo ongasamfali uGumede noMnguni noQwabe.

Noma bengasabafaki labokhokho babo ezithakazelweni, lokho akuwuguquli umlando wokuthi bayinzalo yakhona. Esinye isbonelo ngesabantu bakwaZulu.

NgamaNguni oZulu kodwa abanye babo abasamfaki uGumede noMnguni yize bezalwa khona. Abanye babethi noma sebehlubukile noma bagxoshwa emndenini ngezizathu ezithize bangakulibali ukuqhubeka negama likaMnguni ongukhokho wabo.

Kukhona ngisho abayisende likaKhondlo kaQwabe(okungesiwo umlando omdala kakhulu), asebekulibele ukuthi baphumaphi. UKhondlo wayenabafazi abaningi kanye nezingane eziningi.

Esinye isibonelo ngabantu bakwaMzimela, kuvelaphi ukuthi uMnguni ovela olwandle? Uma uthi indabuko yabo bakhe eMpangeni, uyazi yin I ukuthi leyondawo (Ongoye) bekungeyakwaQwabe? Abantu baseMazimeleni babekwa nguShaka kuleyondawo ngoba ingasenamuntu. Abantu bakwaQwabe babeyishiye kudala, engakazalwa noShaka lowo, sebethuthela eMthandeni.

Nabo abaKwaQwabe, akusibona bonke abathuthela eMthandeni. Ngakho-ke ukuthi “uQwabe ovela eMthandeni” yisisho nje, not isthakazelo. Emthandeni yikoMkhulu labantu bakwaQwabe kulesikhathi samanje.

OGumede, Qwabe, Mnguni, abanamncele, lonke izwe ngelabo.

Umlando wakwa Khuzwayo | Ubukhosi bakwaKhuzwayo

Khuzwayo origin | Khuzwayo surname

Nakhu engikwaziyo ngomlando nobukhosi bakwaKhuzwayo engingenaso isiqiniseko kangako ukuthi:

ymfana wakwaGumede ogama lakhe nguNyongwana wathandana nentombi yasebukhosini bakwaQwabe uNombedu eMthandeni, wabe esekhuzwa ngalesisenzo ngoba isibongo sakwaGumede siphuma kwesakwaQwabe ngakho-ke bayizihlobo.

Abafowabo ababengazi ngalesisenzo bakhuza emva kwendaba, kanti umonakalo sewenzekile, usekhulelwe uNombedu.

Sagcina sibikiwe isisu kwaGumede ukulandela isiko lesintu, izindaba zithe uma zifika enkosini yakwaQwabe mayelana nokukhuleliswa kwendondakazi yayo ikhuleliswa kwaGumede azangehla kahle, yabiza umhlangano wamaQwabe wonkana kukhona nabakwaGumede.

Kwakulusiko kwaZulu ukuthi intombazane mayisikhulelwe kufanele umfana ayithathe ibe ngumkakhe, inkosi yanquma ukuqeda ubuhlobo phakathi kwabakwaQwabe nabakwaGumede, abakwaGumede bayiphikisa inkosi bathi umfana akathunywanga yibo, futhi bona bamkhuza ngalesisenzo kodwa akangalalela.

AbakwaGumede banquma ukuzehlukanisa nalomfana, bamkhipha emndenini wabo, basebethi usenguKhuzwayo ngoba wakhuzwa, akakhe owakhe umndeni wakwaKhuzwayo.

Inkosi yakwaQwabe yabona usizi indodakazi yayo ezobhekana nalo, ishada nomuntu ongenamndeni, yasika inxenye yendawo,yakaQwbe, yayinika indodakazi yayo uNombedu, wabe esegana yena uKhuzwayo, uNombedu waba yinkosi yokuqala yamaMbedu, kwaKhuzwayo. Ngicela ukulungiswa uma kukhona iphutha kulomlando.

Mashaba clan | izithakazelo zakwa Mashaba

mashava – xilumani

xilumani mtsanda ngwenyeni
wena wo hlakula rinhi u thsika xikomu
ngwenya nkelenge xivutla ni mindzeko

More

mashaba,  shilumane, madzandza, shiluma yitntshila  shitsiketa ‘ nomu  , ngwina bakwa ngwenya kulaluba!

Umlando Wemibhalo yesiZulu

Hlatshwayo Clan History

Hlatshwayo Clan Origin & history

It is said that the Hlatshwayo clan was originally Dlamini/Nkhosi.

The Hlatshwayo separated from the Nkhosi clan before Swazis were formed as a Nation. We then joined the Dlamini/Nkhosi again after the Swazi nation was formed. It was normal for clans to part ways and end up back together. To be historically accurate our clan came into being before the Swazi Nation was born, due to the Nguni and not Zulu wars, brothers were separated. Others went with Manukuza (Soshangana) Nxumalo to Moz to form the Gaza kingdom, while others were conquered and accepted Shaka’s overlordship and became amaZulu, while others still remembered ekhaya kwaNkhosi and joined the Swazi nation and became amaSwazi.
Less than two hundred years ago we were one.
Izibongo ezihlobene namaNgwanya:

Zikalala- both clans agree.

Nyalunga/Nyalungu/Mbethe/Mbetse- Hlatshwayos (in FB), disagree.

Personally I think the Mbethe/Nyalungu branch is definitely Hlatshwayo, formed by our brothers who left with Soshangane.

IMVELAPHI YEGAMA ELITHI HLATSHWAYO..
-uHlatshwayo wayengo wakwa Nkosi ebukhosini baseSwazini. Kwenzeka ukuthi omunye wabantwana basendlunkulu walala nodadewabo owayezalwa naye kunina.
Wayesethi ke yena umndeni wakubo umhlabile ngoba umfowabo ulale nodadewabo ngakho usezibiza ngokuthi unguHlatshwayo. Isizwe saqanjwa nguye uHlatshwayo njengoba esephuma emndenini wakhe kwaNkosi ngoba ehlatshiwe eqa imingcele yaseSwazini afike akanise phezu koPhongolo kanye nabafowabo. Kuyilapho esezozala uNgwanya.

(Another version)

UHlatshwayo uyena owenza isenzo esamenza wadatshulwa, waxoshwa negama lakhe lakhishwa olibeni (lineage) lomndenini wakwaNkosi. Wabaleka wabe eshintsha igama lakhe waba uHlatshwayo.

(Another version)
UHlatshwayo noNgwane bazalwa inkosi uLanga. UHlatshwayo owayeyizibulo wayengeke abe yinkosi ngokomthetho wamaSwazi ngakho wasuswa eduze kwenkosana wabekwa eLucolweni abanye bathi eNgongweni. Lokhu kwenzelwa ukuthi angabangisi uNgwane.

Igama likababa kaHlatshwayo alitholakali ngokugcwele, abanye ba uDlamini (don’t knw which one as there are 3), abanye bathi uLanga kaNkosi II.

AMAKHOSI NEMIZI YAWO-

1 Hlatshwayo-
–Mpalazane(umuzi)
2 Ngwanya—Ntamamhlop­­he(umuzi)
3 Cebisa-
–Nkunkunku(umuzi)
4 Sampekwane—KwaMabh­­eka(umuzi
)
5 Mhlaba1-
–Ezindeni(umuzi)
6 Mgogodlana–
-Entuluka(umuzi)
7 Siyendane-
–Ohlanyeni(umuzi) Ndonsamehlo(umuzi)
8 Mleshe-
–Epulazini(Mkhunyan­­e)
9 Mhlaba2-
–kwaHhohho(umuzi)
10 Mhlangano—KwaSokes­­imbone(uwuzi)
11 Thulanimangwanya kaMhlangano—KwaSok­­esimbone
12 Fipha kaMhlangano—kwaSok­­esimbone

Indlunkulu yamaHayise:
Langa
Hlatshwayo
Sophekwane/ Sompekwane
Cebisa
Ngwanya
Mhlaba I
Mgogodlane I
Siyendane.
Muleshe.
Mhlaba II.
Mgogodlane II (eSwazini)

Indlu yase Bergville:
Makwelela ka Mgogodlana1
Shali ka Makwelela
Novoyi ka Shali(Somtseu)
Siphiwe kaNovoyi
Thulani ka Siphiwe

Indlu yesithathu:

Manukuza kaSiyendane
Mgezeni kaManukuza
Bambuhlanga kaMgezeni

Indlu yaseGege:
Mahubhu kaMuleshe
Velamuva kaMahubhu

Amakhosi abusayo namuhla:
-uFipha ePiet retief
-uVili eDumbe
-uFisukwazi eNondweni(Nquthu)
-UThulani eBergville,

Wonke amakhosi akwaNgwanya angawesende likaSiyendane kodwa laba baseBergville bazalwa uMakhwelela ongumfowabo kaSiyendane.

-USiyendane wadinwa ukuya eSwazini waphendula iminyango wayokhonza eSilweni samaZulu uMpande kaSenzangakhona, washo ke ukuthi akasayi ukuyokhonza eSwazini. UMpande wamxhoshisa ngezwe lakwaNgwanya ngaphesheya komfula uPhongolo kuya eDumbe (Paulpietersburg) liwele umfula uPhongolo ligudle kuMahamba lithathe iPiet Retief liphelele ezintabeni zaseMabola

IZITHAKAZELO

KZN:
-Hlatshwayo
-Ngwanya!
-Mhayise
-Mabhengeta
-Phuphu laNdaba namhla ngenandaba
-Mshunguza ayigwaze engayigwazeli yena ayigwazela amankengane
-UNgwanya kangakanani nasentendeni yesandla uyahlala nasothini lomkhonto anganela
-Cebisa elimhlophe

ESwazini:

Hlatshwayo.
Mhayise waNgwanya! Cebisa lomuhle ngekucebisa emakhosi.
Ngele yaboGama,
Siyendane
Mabhengeta
Phuph’ laNdaba namhla indaba ingesiyo yakho.
Vezi lelihle likaMswayini, Khobobo
Masaphokati,
KaHlatshwayo akuvalwa ngemivalo kuvalwa ngemakhandz’ emadvodza. Mgogodlan’ owavel’ eziphunzini!
Sibadla benjalo bosomconjwana.

Swazini2:

Hlatshwako,
Mhayise Mpangalala,
Ngwanya,
C­­ebis’amakhosi,
Mabhe­n­geta,
Siyendane,
Mgo­go­dlane,
Ngele waGama,
Gidza elugogweni,
Khoboka Khuzekhulu ,
Sibadla banjalo bosomconjwana,
Mashiyam­­ahle (isithopho)
Masaphokati,
Ka­H­latshwayo akuvalwa ngemivalo kuvalwangema khandza ebantfu,
Mpangalala,
N­­khosi.
Sihlahla semanyeva sincutfwa ngemazembe ekubolekwa.
Ngwanya lowa buli ngonyama kwa vela ingwe. Wena lowa tfukutselisa Nkenyane batsi bayabhodla wagcuma wemela ngahlanye Basala ba bulalana bodvwa kwaze kwafa newekugcina kwa dala inhlekelele lenkhulu leyahlengwa ngema jabhane aka khobobo.. Bathe bambela Hlatshwako lithuna emihumeni, kantsi kuyongena bona.

IHUBO LESIZWE SAKWA HLATSHWAYO (Zulu):

“Wabulala amakhosi,ingwe yohlanga
Mana nkonyane yohlanga
“uNgwanya bamazi izwe lonke,izwe lonke
nkonyane yamaNgwanya bayethuka
Sokwa siwashise amankengane,sicwecwa­­ izizwe”

Umlando wamaSwati

Swati people (Swaziland now known as eSwatini)

Ngwane

Kanti yini ukuba yiNgwane? Ingabe sihlobene? Singumdeni? Nazi izibongo ziyanda abantu bathing bangamaNgwane, lokhu kusho ukuthi ngeke usashada?

Singaba AmaNgwane sonke kodwa lokho akusho ukuthi sihlobene sonke. AmaNgisi awahlobene wonke, abaSotho abahlobene bonke, amaPedi amaHlobene wonke ngakhoke AmaNgwane awahlobene wonke.

AmaNgwane ayisizwe hhayi umndeni noma iqembu lezihlobo. Uma ungaya eCameroon uzofica abantu abasebenzisa uNgwane njengesibongo sabo. Lokhu kusipha isithombe sokuthi uNgwane akaqalanga lapha emzansi ne Afrika kodwa thina sifike naye sisuka enhla me Afrika.

Umlando wamaNguni ngiyathemba sawufunda kancane esikoleni ochaza ngokufuduka kwabantu abamnyama be za ngapha emzansi. Ngwane akasuki ezweni elibizwa ngeSwaziland noma kaNgwane. Mswazi/Mswati igama leNkosi, ukhokho wakhe uNgwane ingakho kuthiwa ikaNgwane. Igama lesizwe engakabusi uMswati bekuthiwa ngamaNgwane kodwake kugcine kunezimpi kwasungulwa ubukhosi Even if you are right, lack of confidence in your responses gives your audience uncertainty; easily dismissible as false or inaccurate. #Learnt2day kwabakhona ubukhosi bukaMswati kwathiwa abantu ngabakaMswati bazibiza ngamaSwati.

Amanye amaNgwane akazange Abe ingxenye yokusungulwa kwesizwe samaSwazi baqhubeka bezibiza ngamaNgwane.

Izimpi ezidume ngokuthi uMfecane zadala ukuthi abantu balahlekelwe ubuzwe babo abanye abaningi ulwazi. Kwagcina abantu ubezwa bethi bangamaZulu kodwa ngokwemvelo bengawonye. Abaningi badidwa ukukhonza kwamaKhosi abo KwaZulu kwaphela kanjalo ngomlando.

Ukufika kwamabhunu akusizanga, walahleka kakhulu umlando namasiko. Ukubuya kwamandla kuhulumeni omnyama kwenza abantu bafune amasiko zabo ingakho silapha.

Ukhuluma ulimi olubizwa ngesiZulu kodwa awuyena uMzulu. Uma uphikisa noma udideka ngizohlaziya kancane.

The Zulu nation is named after the founding father Zulu son of Malandela.

Malandela spoke a particular language which was not named after his sons nation? So a language existed before it was named. When the English came, the interaction was more with people of Zulu therefore they could not describe what language those people spoke but rather say “the language of the Zulu” thus Zulu Language. The people Mswati thus Swati Language. The people of Basotho thus Sotho language, had the Ngwane been prominent it would have been “the Ngwane Language”

Ngizodlula…….

Engizama ukukuchaza ukuthi AmaNgwane ayisizwe, akubona bonke abantu abahlobene ngoba ngokwesintu ubuhlobo buhamba bunqamuke. Lining I ucwaningo kulesigaba oludingekayo ukuze kuphume incazelo eqondile kokuphela kobuhlobo.

Ake ngenze umzekelo. UHlongwane uyahamba ayocela ubuhlobo kwaMhlongo, kuchithwa igazi bahlobane. Ingabe lokhu kusho ukuthi angeke asashada omunye uHlongwane nelunga lomndeni wakwaMhlongo? Cha..ngoba lobo buhlobo kukhona lapho buphela khona.

Ukhokhokazi wami umaHadebe kodwa ngiyathatha kwaMthimkhulu.

AmaNgwane awahlobene ngoba ayisizwe, ukuhlukana kwezinye izibongo kuba nomthelela. Ezinye zibiza uNgwane zihlonipha ubuzwe nobukhosi hhayi ngoba zihlobe kuNgwane.

Kukhona abakwaDlamini abahlonipha ubukhosi bamaNgwane ngokuzithakazela kodwa bathathe kwaSangweni. Why? Ngoba amaNgwane yisizwe hhayi umndeni.

Siyaqaphelisa ukuthi nikhulume nabadala ukubheka ukuthi iziphi izibongo ongeke wathatha noma waqoma kuzo.

Ngiyema lapho

Umlobi: Sizwe Hlongwane

Mhlambi Clan Praises

Izithakazelo zakwa Mhlambi,

hlohlwane,nsele lindamkhonto, sidwaba esinothuli. 

mhlambi wezimfene eziningi ezafa zafulathelana ezinye zahlinzwa ezinye zabola.

ihlohlwane elingagezi ngamanzi kodwa ngomlazi, waka mfula awuwelwa uwelwa yizinkonjana  zona zindiza phezulu.

ungumthombo awuphuzwa uphuzwa ngabahambi bendlela.

akavali ngezi-valo uvala ngama khanda wamadoda, intsele enduna ihamba phambili, intsikazi iyalandelwa uma-uyibuka ungathi iyahleka kanti iyamolozela, wulinda mkhonto, waka mkhonto awuvikwa uvikwa abaziyo.

Tinanatelo Mnisi

Mnisi Clan Names

MNISI

Mvuleni!

Nkhophe timayaka!

Lwandle kwaluwelwa,

Luwelwa tinkhonjane tona Tiphapha etulu.

Nine nangena kuMantjolo Naphuma nesikhuni sivutsa.

Nine beMhlongamvula.

Gwadlagwadla lomnandzi ngephasi nangetulu.

Manyovu lobengadzinwa nakusutela.

Tinanatelo Mkhonta | Mkhonta Clan Praises

MKHONTA Surname

Mhlungwane loluhlata njengencoshane.

Dlabatsi leMtimkhulu.

Madlingotsi waNene.

Ntanzi.

Malobisa.

Phini lelingakhotfwa ngoba libulala batsakatsi.

Nine labahle naliyoshona lilanga.

Tinanatelo Malindzisa | Malindzisa Clan Names

MALINDZISA

Malindzisa

Chukama!

Mtseku!

Lindzalufu bonkhe balubalekela

Lumasikisiki.

Sanjonjo.

Page 1 of 27

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: