Tag: Izithakazelo Page 6 of 27

Izithakazelo zakwa Sibiya

SIBIYA Clan Names

    Ndaba,
    Gumede,
    Sibiya ngenkomo,
    Abafokazana bebiya ngamahlahla!
    Nina bakwankom’ isengelwa emaweni,
    Ingasengelw’ esibayeni akuyon’ eyakhona,
    Gumede kaNdaba,
    Mkhananda owafinyelela kubalondolozi,
    Wemuka noGodokazi way’ eMfolozi,
    UHhiya kwabanani,
    Okwaphwekwa esendlini Kwaze kwephulwa esendlini engazange afe kufudumala,
    Mgxebe!
    Khathi!
    Nina bakaSotobe kaMpangalala

Izithakazelo Zakwa Mcineka

Izithakazelo Zakwa Mcineka

Mcineka
Nkomo
Gwazela.
Mncinci.
Somtshiyosi!
Ntulikabongwa obongayo,
Gwazela ngokugwazela amanye amadoda owathi ukhomba inxeba
Wakhomba isidiya sempunzi kamfazi akashawa ngenduku ngoba induku iyabozisa,
kepha umfazi ushawa ngomucu!
Nkomo enkulu

Izithakazelo zakwa Mzobe

Izithakazelo zakwa Mzobe

mzobe,

ngcolwane,
phohla,
walawala,
khinibe,
hlekani ,
nongoza omuhle,
jojwane,
bhidi,
malala,
zembe libomvu,
majilane
sombude,
inyoni ephuza kwezinde iziziba, ithi iyaphuza kwesifishanelinqundeke umlomo,
wena owafundis’abant’uk’hleka bengakwazi bethi amazinyo zingcili,
u thangana,
welinjani,
fundisa,
lamula…
nina bakantinta,
nina bakabonisa ,
fundisa,
umlenze bomvu yommbili,
unombika.
uthongola ngesithodlwana,
nina enathenga ulaka ngethole.
udlangamandla,
usambula nkungu kuvele ilanga:
umnisi wemvula,
khumbuza,
nina basemvuleni,
phela thina sancengwa inkosi udumehlezi ukuthi sinise imvula, ngoba sasigcono. sisengcono namanje;
singojokozela,
ndinisa,
nina enakhishwa ngenoni emgodini,
nongoza omuhle,
malala nomunwe endunu…….wavuka kwachins’ilanga
nina bakamlamula nkunzi, ziyeke zibulalane……
sojoli
qhudeni
nina bakanomaphela
nyanga kayidl’umuntu imudla ngoba eseyinyathele
umaqabul’intombi isal’imamatheka

nina bakasonyangisa,

 

baka nongameyana,

baka nodlulayihlinzwa,

nina baka qgam njengamalangabi,

nina baka xoki,

baka ndukembana

baka ncaphayi unogwaja ovikel ikhanda kuphela

Izithakazelo zakwa Mbokazi

Izithakazelo zakwa Mbokazi | Mbokazi Clan Praises

Donda,
Nxele, Sontuli,
Lwandle aluwelwa,luwelwa zinkonjane,
Zona eziphapha phezul’emafini,
Phangela kobhongo, nakoqhoqhoqho,
Mlamulankunzi ngab’uziyekile, zabulalana,
Hlamukazi kaMdaka, umdaka usezintangeni,
Wen’owephul’umuth’uphekiwe endlini kaMantombase,
Wena kaPhangela, owaphangel’izinkomo zamadoda!

Izithakazelo Gamede

Izithakazelo Gamede

Magadlela,
Magadlela,
Mkholwa,
Sebenzekhaya,
Mbebe

Izithakazelo zakwa Phewa

Izithakazelo zakwa Phewa

Phewa
Mthembu!
Mvelase!
Wena owavela eNyandeni!
Qhudeni!
Gqigqizela!
Shongela!

Izithakazelo zaka Mbokane

Izithakazelo zaka Mbokane

Gama, Mdluli, Maphalala
Titfo Timbhobho, Timgcilibele
Mbuya lendze kamyabane
Mphephethwa, Manyoni
Ludvonga laMavuso
Samkete singambova malangeni
Wena weluhlanga lwa kaNgwane
Wen’ umhle kakhulu
Wena lowacedza Lubombo ngekuhlehletela
Niphophele lokumnandzi emnfuntini
Sidlukula dledle sakalobamba
hambe basidlukulisa bafati nema dvodza
awucedvwa mlangeni
Mswati kaSobhuza kaSomhlolo
Nina beNgwane
Wena weKunene

izithakazelo zakwa Khanyi

izithakazelo zakwa Khanyi

Khanyi!
Msuthu,
Mwelase!
Ongaweli ngezibuko,

Owela nge zimpambosi zomfula,
Isigejan’ esemba sembula,
Wen’ ophaphela phezulu,
Msunywa’ ozimpumpuluzwana,
Msuthu ka Nciza!

Msuthu ka Sidiyanekazane,
Msuth’ owesab’ ukwesoka,
Msuthu wasomponjwana,
Wen’ oway’ eLenge wabuyelela,
Wena wakwa mabele made,
Msuthu!

Izithakazelo zakwa Dlamini Malandela

Izithakazelo zakwa Dlamini Malandela

Sibalukhulu,
Mdlovu,
Malandela,
Magaduzela,
Mabonela empunzini

Izithakazelo zakwa Nkosi in Siswati

Izithakazelo zakwa Nkosi in Siswati

NKHOSI HLUBI LOMUHLE UMLANGENI WENA LOWACEDZA LUBOMBO NGEKUHLEHLETELA SIDLUBULADLEDLE SAKALOBAMBA LESITSI SIBAPHA SIBESIBADLUBULISA WENA LOWABOPHELA LOKUHLE EMFUNTINI SAMKETI SAKUCALA WENA LONGAYIDLI IMVU WESABA UMCONDVO NEMAFINYILA NKHOSI

Page 6 of 27

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: