Tag: Mkhonto

Ukuyihlaba esikhonkosini

Ukuyihlaba eskhonkosini(inkomo)

Ukushaya khona noma ukuphendula into ebuziwe.

Kusukela lapho umuntu uma ehlaba inkomo, kulendawo le ephakath nenhloko nomgogodla kahle hle usuke eyihlabe kulendawo ehlatshwa kuyo.

Izithakazelo zakwaMagagula

Izithakazelo zakwaMagagula

Mthombeni,
Tshwala-minyela,
Gojela,
Bahlali linda,
Mkhonto,
Dunjwane,
Mzilanhlizinyo
Msuthu!!!

Izithakazelo zakwa-Cebekhulu

Izithakazelo zakwa-Cebekhulu

Gobeni,
Nsele,
Mangethe Zikode kaPhikela,
Wena Wasetsheni,
UZwane akadlelanga phansi wadlela emkhombeni wezinyamazane,
Edla im’hlambi yezinkomo zamadoda,
Ndlangashushwana ngokudla amaNdebele,
Bathi uZwane udleni kwaMtambo?
Kuthiwa udle izinjana zimbili zigcwele umdakana,
Ntshosho!
Wena kaMafu kawalingani,
Aphansi naphezulu,ngoba aphezulu angubo ngubo,
Ntsele kaLinda kaMkhonto,
Awungilinde ngilande ezami eZungeni,
Mthanti,
Nduna ngokuthwal’ isila sensele,
UNtsele kangakanani,
Ngoba nasothini lomkhont’ angahlala.
Isikhova singathi,”hhi” sibona imihlambi yezinkomo nabantu,
Nin’enadlel’encazeni,
Nin’eniphakel’umyeni odengeleni,
Ngoba ningabenkosi.
Zikode kaNdabansele,
Mabhayi kawalingani nawangaphansi nawangaphezulu,
Mangethe,
Nina bakaVezi Owadl’isihlahla njengengwababane,
Zwane,
Phikela wengwe,
Nselenduna nina basetsheni laseNtshenteka,
Mandaba,
Ukub’uMandaba wayengehlanga phezulu saso buswa ubani?
Zinkomo zakwaLinda ezimhlane ugcwele udaka,
Ezathi zidl’ubhoqo kanti ziyawuhlakulela Ntshosho,
Nina BaseMangweni!

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: