Abakwa Khumalo, Mabaso no Nkosi bazalwa ngu Mntungwa ka Mbulazi. U Mabaso wabe emdala.
U Khumalo ka Mntungwa ka Mbulazi wazala uMkhatshwa owazala uZikode owazala u Gasa no Mashobane.
U Zikode wazala uMagugu, Donda, Siwela owazala uMlotshwa.
U Magugu wazala uNkonyeni owazala uMtekuza owazala uMazungezi yena owazala uMandlalela.
U Mashobane wazala uMzilikazi.
U Mzilikazi wazala uMangwana no Nkulumane owazala u Nokhenke owazala uNdlukayise owazala u Velaphi John Nombengula Thobela.
Nansi enye inzalo yakwa Khumalo:
Ndabezitha, Mashobane, Mzilikazi, Ngonyama, Nyandeni, Khukhuza, Ngwadla, Maweni, Macala, Zwangendaba, Msweli, Seni, Mbawu, Phungaza, Gwamanda, Muthwa, Mbulazi, Khulu, Zikode, Gawozi, Bheje, Nyathikazi, Mzazela, Shembe, Lobengula, Gasa, Mkhatshwa, Mawela, Nkomo, Ntokela.
Amanye walamagama agcina eyizibongo kanti amanye agcina engamagama nje.


Ziyatholakala izikibha ezinezithakazelo zakwa Khumalo! Fonela lenombolo: 061 868 5163 wenze i-oda lakho! No Whatsapp please.
t-shirt price: R200
Hoodie price: R400
Thola esakho isikibha, whatsapp kule nombolo: 061 868 5163