izigameko zempilo

Tag: Nkomo

Ukuthwala ngeqoma

Ukuthwala ngeqoma

Kusho ukuthembela entweni

iqoma yinto eyakhiwa ngotshani obuqinile ukuze ikwazi ukuphatha okuthile, yakhiwe njengomphongolo…..isetshenziswa ukuphatha izipho intombi esuke izipha isoka layo ngenhloso yokuthi iyethembela kulo lelo soka ukuth lizomuphatha kahle

isibonelo: iBafana Bafana ngiyithwele ngeqoma ngoba izobhekana neCongo koweAfrica Cup of Nations.

Izithakazelo zakwa-Nkomo

Izithakazelo zakwa-Nkomo

Yengwayo,
Mageza, Lajani,
Vezi, Phaphe,
Mahlabezula,
Nkundlande!

Abakwa Khumalo, Mabaso no Nkosi bazalwa ngu Mntungwa ka Mbulazi. U Mabaso wabe emdala.
U Khumalo ka Mntungwa ka Mbulazi wazala uMkhatshwa owazala uZikode owazala u Gasa no Mashobane.
U Zikode wazala uMagugu, Donda, Siwela owazala uMlotshwa.
U Magugu wazala uNkonyeni owazala uMtekuza owazala uMazungezi yena owazala uMandlalela.
U Mashobane wazala uMzilikazi.
U Mzilikazi wazala uMangwana no Nkulumane owazala u Nokhenke owazala uNdlukayise owazala u Velaphi John Nombengula Thobela.
Nansi enye inzalo yakwa Khumalo:
Ndabezitha, Mashobane, Mzilikazi, Ngonyama, Nyandeni, Khukhuza, Ngwadla, Maweni, Macala, Zwangendaba, Msweli, Seni, Mbawu, Phungaza, Gwamanda, Muthwa, Mbulazi, Khulu, Zikode, Gawozi, Bheje, Nyathikazi, Mzazela, Shembe, Lobengula, Gasa, Mkhatshwa, Mawela, Nkomo, Ntokela.
Amanye walamagama agcina eyizibongo kanti amanye agcina engamagama nje.


Ziyatholakala izikibha ezinezithakazelo zakwa Khumalo! Fonela lenombolo: 061 868 5163 wenze i-oda lakho! No Whatsapp please.

t-shirt price: R200
Hoodie price: R400

Thola esakho isikibha, whatsapp kule nombolo: 061 868 5163

Makhoba

  • Gwabini,
  • Hamashe,
  • Manzini,
  • Geda,
  • Ncwane nga Nkomo,
  • Sengwayo,
  • Zungu

Blose:

  • Ndelu,
  • Shinga,
  • Bohlela,
  • Thunga,
  • Madiba

Khuluse

  • Hlongwa,
  • Gabhezi,
  • Gebhezi,
  • Mdindela

Dimba:

  • Dakada,
  • Fanisa,
  • Fenya,
  • Nkondlane,
  • Mnguni

Dlungwana

  • Nondaba,
  • Gagashe

Dlamlenze

  • Shamase,
  • Nzima

Nkomo

  • Yengwayo,
  • Malinga,
  • Ludonga,
  • Mavuso,
  • Mdladla,
  • Mcineka,
  • Gwazela,
  • Phangisa

Chamane:

  • Nzima,
  • Wosiyane,
  • Mashiza

Chule:

  • Nxele,
  • Msweli

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: