Tag: Shabalala

Ubude abuphangwa

Ubude abuphangwa

lokhu kusho ukuth uma uyingane ungajaheli izinto zabantu abadala.

Linda nawe iskhath sakho soze sifike…siyafana nalesi esith ungaphangi umdaka izulu lingakani

Mabizela clan

Mabizela clan

Mkholo  onsundu nezinyawo zakhe,
Ndimande,
Mshengu,
Shabalala,
Donga laka mavuso!
Inyoni eyakhala ngamanqondo umlomo uhleli,
Ubele lwenduna nensikazi olwaqhamuka kwamhlangavula,
Lwathi umhlangavula udukile kanti umhlangavula ukhona,
Ugubh ‘olude olwakhal ‘entabeni lungashwayw ’emntu!

Izithakazelo zakwaMavuso

Izithakazelo zakwaMavuso

Mavuso!
Ludonga, Mshengu, Shabalala!
Ncele, Magudulela!
Vuso kaNgwane!
Ncele lekhohlo lase Mzimkhulu.
Wena owadela ukubusa wakhetha ukuba ngumfokazana, ematsaktolo kaladlungwane,
iVuso eladla umuntu asesiswini kwathi lo ongaphandle wasinda ngokuzibalekela, Mthimkhulu!
Guliwe KaNgwane!

Izithakazelo zakwa-Mabizela

Izithakazelo zakwa-Mabizela

Mshengu,
Shabalala,
Ndimande!

Izithakazelo Zakwa-Shabalala

Izithakazelo Zakwa-Shabalala

Mshengu
Donga kuka Mavuso
Sidwaba silu Thuli
Ngxabalala
Chagwe
Noyaba
Mabhedla
Thapo
Thingisi
Shevi
Bhuqa
Sayiwana
Bhokwe
Samanisi
Mehlwempi
Nkosikayikho
Phikindaba
Magudulela
Sagqubha
Ndleko
Moniwa

Izithakazelo zakwa-Chiliza

Izithakazelo zakwa-Chiliza

Mdunge,
Chiliza,
Shabalala,
Zisuka zibekwa,
Bhoyiya,
Mdzakudza,
Hlule hlophe,
Wena owadunga amanzi baphuza abafokazana,
Dunge elihle, dunge elimhlophe!
Mkhathini,
Ngubonduna!

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: