Tag: Simelane

Kayikho impunga yehlathi | incazelo

Kayikho impunga yehlathi

kusho ukuth ngisho noma ungahlale uphumelela ezenzwen zakho ezimbi kodwa ngelinye ilanga uyotholakala

impunga umuntu osemdala

#ihlathi lana kukhulunywa ngezenzo ezimbi(zobumnyama), ukuth akekho umuntu ongenza izinto ezimbi aze abe mdala ngelinye ilanga uzoshintsha

Izithakazelo Zakwa Simelane

Izithakazelo Zakwa Simelane

Simelane,
Magutshwa!
Mpembe kaLokothwayo,
Simelane kaNdlovu!
Ndletshana zimqewana,
Ndletshana zikhanya ilanga!!!

Abantu bakwa Ndwandwe baduma kakhulu ngesikhathi kubusa u Zwide eLangeni. Banobuhlobo obukhulu nabakwa Ngwane.
ULanga wazala uMavuso owazala u Ludonga yena wazala u Xaba owazala uLanga wesibili yena owazala uZwide.
UZwide yena wazala uNomhlanjana, Shemane, no Sikhonyana.
Khona kwa Ndwandwe kukhona no Manukuza owazala uNxumalo owazala uGasa, owazala uZikode, owazala uSoshangane owazala uMzila no Mawewe. UMzila yena wazala uNgungunyane.
Ake sibathakazele:
Zwide ka Langa
Ndwandwe, Mkhatshwa
Wena wase Gudunkomo
Wena wasezikhotheni
Ezingakhothi ngomlomo kodwa ezikhotha ngo mkhonto,
Mkhatshwa
Nkabanhle
Somaphunga
Masuku
Zwangendaba
Simelane…

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: